Now Reading
Sekuyisikhathi sokuba lifakwe ligxiliswe kubantu igama loMthonjaneni
Dark Light

Sekuyisikhathi sokuba lifakwe ligxiliswe kubantu igama loMthonjaneni

Sifunda uNomguqo esibalulela kaningana ngegama eMthonjaneni, ngezindawo ababedlula kuzona mzukwana kuyobekwa uMntwana uCetshwayo esihlalweni. UNomguqo wayengaliphathi elithi Melmoth. Kwakusabizwa eMthonjaneni ngaphambi kokuba abamhlophe baphakamise imimoya yase-Europe, ngokuqamba idolobha iMelmoth nezimoto ezibonakala ngoNO, (Natal Osborn), okwakunguMnu uMelmoth Osborn.

Kuyahlaluka ukuthi uNomguqo wayesabiza igama eMthonjaneni, okungelemimoya yamaZulu kwelikaMthaniya, lingakagxili igama iMelmoth kwabaningi. Ngeke kwethusa eMelmoth sekuthiwa iseMthonjaneni, sibonile iPort Elizabeth sebethi iGqeberha okungelemimoya yamaXhosa eKapa.

Incwadi ebizwa ngoPaulina Dlamini: Servant of Two Kings, owayengowasebukhosini baseSwatini. Waguqa phambi kweNgonyama uCetshwayo, kamuva wabeseguqa esengumKhrestu phambi kweNkosi uJesu. Wahlala namanye amantombazane esigodlweni seNgonyama uCetshwayo. Igama lokuqala likaPaulina kwakungu Nomguqo Dlamini, owazalwa ngowe-1858 wadlula emhlabeni ngowe-1942.

Yaqoqelwa ndawonye ngolimi lwesiZulu, yabhalwa ngolimi lwesiGerman ngumfundisi wasemishini uHeinrich Filter ngowe-1925. Yahlelwa futhi yahumushwa ngolimi lwesingisi nguS. (uBhokweni) Bourquin.

Ekhasini lamashumi amabili nesishiyagalombili, esahlukweni esithi: Uhambo oluya esigodlweni KwanoDwengu. Wabalula uNomguqo ngamalungiselelo nokubekwa koMntwana uCetshwayo esihlalweni, besuka beyisigodlo badlula esigodini saseMhlathuze.

Bazithela phezu kwembambala, ngokukhulu ukushesha amantombazane esigodlo ayesekhulile, abeka phansi imithwalo, ayibamba imilenze ngezandla, ayishaya ngezinkuni yafa. UMntwana uCetshwayo wayala ukuba idliwe yiwona amantombazane esigodlo. Yasho iNgonyama ukuthi uhambo lwabo lwalunezibusiso nezinhlanhla.

Babhekisa amabhombo eMthonjaneni, endleleni ibutho labulala ibhubesi elaliyimvekancane. Kwafikwa okhalweni, amabutho akha amatende okulala uCetshwayo nawokulala izintombi. Amabutho azenzela amadlangala okulala kuwona. Kwabuswa kwahutshwa ihubo ngoCetshwayo elithi: ”Nango-ke uzithulele, ji, akaqali muntu”. Bavuka ekuseni baqhubeka nohambo,badlula ngasemishini ebizwa-Esibongweni Mission Station.

Bafika eMthonjaneni amaphaphu ephezulu, benokulangazela nokulindela ukuthi kwakuzokwenzekani kubona. Okanye babezokwamukelwa kanjani eMthonjaneni, okwagcina ngokuba bamukelwe kahle. Bayalwa ngokukhethekile, ngobumqoka nangokubaluleka kukaKwaNobamba, kumaZulu, nokuyilapho inkatha yezwe likaZulu eyasungulelwa khona, ngesikhathi seNgonyama uJama nezinye iziNgonyama. Nokho amaphaphu ehla ngokufika kukaNobhala wezindaba zaboHlanga Theophilus uSomtsewu Shepstone mhlazi zingamashumi amabili nesihlanu, kuNcwaba kowe-1873.

Kanti iNgonyama uCetshwayo yaqiniswa inyanga uDlephu Ndlovu waseMakhabeleni, eMsinga ngenkathi (uCetshwayo) imi phezu kwenkatha yezwe likaZulu, ukuze ivikele, ihlanganise uZulu abe yimbumba, ibenamandla njengoba kwenza kusabusa uSenzangakhona kaJama, nangenkathi yeLembe uShaka.

Siyathola ekhasini lamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili encwadini: Izibongo zamaKhosi kaS Nyembezi, ukuthi ezibongweni zikaCetshwayo, wayesichazela ngenyanga kaCetshwayo okwakunguManembe kaGaqamela Gcwensa, owantshontsha ihawu likaMbuyazwe walinika uCetshwayo ukuba aguqe,alengame, njengoba ehlulwa uMbuyazwe empini yaseNdondakusuka.

See Also

Behla eMthonjaneni, bebheke eMakheni, bathi ukuhlalahlala nokuyilapho babona kungcono bakhe futhi bathatha nesinqumo sokwakha isigodlo sikaCetshwayo basiqamba ngokuthi isoNdini, ngasemfuleni iMfolozi emhlophe, ngaseMahlabathini.

Wasicaphunela uNomguqo ngoMasiphula kaMamba Ntshangase owayeyinduna kaMpande, owaphuthuma  wabeka uMntwana uCetshwayo esihlalweni, eba iNgonyama ngesiko likaZulu (ngokuyinika inhlendla) isesibayeni esigodlweni eMakheni, eMthonjaneni.

Sizokhumbula kubekwa uMntwana uMisuzulu kaZwelithini, zingamashumi amabili kuNcwaba wezi-2022, ngoMgqibelo ekuseni esibayeni, esigodlweni KwaKhangelamankengane, kwaNongoma, ukuthi wanikwa inhlendla nguNdunankulu kaZulu uMntwana uMangosuthu Buthelezi beguqile, yaba yiNgonyama. Yamemezela iNgonyama uMisuzulu, ukubekwa kwayo ngokukahulumeni oholwa nguMnu uCyril Ramaphosa okwakusazolandela.

Wabeka uNomguqo ukuthi uShepstone, akakugqizanga qakala okukaMasiphula. Waqhubeka wabeka iNgonyama uCetshwayo esihlalweni esigodlweni eMlambongwenya, mhlalulunye kuMandulo we-1873. Eseqedile Somtsewu, wamemezela wathi “Sizwe sikaZulu namuhla nginibekela iNkosi yenu. Niyivikele, ningayenzi lutho”. Kwadlalwa umculo wezigubhu ngokwaseNtshonalanga. Naye uZulu wahuba ethi “Nango-ke uzithulele, ji, akaqali muntu”  Eseqedile uTheophiilus ukubeka iSilo uCetshwayo, waphiwa izinkomo, wabesehamba elibangise eMgungundlovu.

Scroll To Top