Now Reading
Ingxenye Yesibili: Uhulumeni usihlanganyela nokuhlupheka
Dark Light

Ingxenye Yesibili: Uhulumeni usihlanganyela nokuhlupheka

Usuku nosuku ziyaqonga izinkinga lapho kubonakala khona uHulumeni esihlanganyela nokuhlupheka. Kuleli phepha ndaba sike sabhala isihloko esithi “uHulumeni usihlanganyela nokuhlupheka”, sakwenzela isibonelo ngaleso sikhathi ukuthi yini lena esasikhuluma ngayo, nasi esinye futhi esibuhlungu esisemndenini wakwaMokoto engingasifiseli omunye umuntu.

Ubuhlungu obusemndenini wakwaMokoto eLesotho ubuhlungu obungaphezu kobuhlungu esengake ngakubona empilweni. Lokhu ngikususela esigamekweni lapho okuthe ngoZibandlela ilungu lomndeni  lashona lishonela esibhedlela e-Edendale lase liyiswa emakhazeni. Kanti lizothi malifika emakhazeni lingene nelinye ilunga lakwa Ntsinjana owase-Eastern Cape, uma sekuyongcwatshwa kuphambane izidumbu. Sike salixoxa kuleli phephandaba udaba lomndeni wakwaNtsinjana, nokumbiwa kwesidumbu sakwaMakoto, kungcwatshwe kabusha kwesidumbu sakwa Ntsijana.

Udaba lwase-Esstern Cape eMbizana siluxoxile kuleli phephandaba sadlula kulona. Nansi ke inzukayikeyi ukuphuma kwentombi emgonqweni, uma sesikhishiwe lesidumbu sakwa Makoto sekufanele ukuthi siyongcwatshwa eLesotho, sekufanele kulandelwe imigudu kahulumeni ngaphambi kokuba siyongcwatshwa ngoba kufanele kuyokwenziwa ulibo fuzo. Uyabona umuntu esekhishwe emgodini elokhu wahlala ngoZibandlela esezokhishwa  zicabangele leso simo, bese kuthathwa umfowabo elethwa la kuzothathwa amagazi azosiwa ePitoli, ubuhlungu nje obulapho. Namanje umndeni wakwa Makoto awukangcwabi usahleli usalindile imiphumela yolibofuzo.

Uzokhumbula ukuthi nakhu esakuthola mayelana nolibofuzo:

Ngokombiko kaMncwaningi Mabhuku Jikelele

Umbiko Wokubukezwa Kwesabelomali kanye Nokuncoma weKomidi Lesikhundla Samaphoyisa eMbikweni Wonyaka ka-2020/21 woMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika, mhla lulunye kuZibandlela ka-2021 wabelana ngemibono ngokusebenza kahle kweLabhorethri Yesayensi Yezobunhloli. Umbiko uqopha ukuthi ukusebenza kweLabhorethri Yesayensi Yezobunhloli kwehlile eminyakeni yezimali emine edlule, ngenxa yokusalela emuva ekuhlaziyweni kolibofuzo ekhuphuke kakhulu yafika emazingeni aphezulu ngendlela engamukelekile ku-84.3% yamacala angakaphothulwa zingakapheli izinsuku ezingu-90 ngonyaka ka-2020/2021.

Umbiko uyaqhubeka nokudalula ukuthi iLab ibinamacala angu-300 722 ekupheleni kuka-2020/2021 asazophothulwa. Lesi sibalo ngeke sibalwe kuphela ngesikhathi sokuvalwa komsebenzi njengoba isibalo samacala okusalela emuva senyuke kakhulu kule minyaka yezimali eyisikhombisa edlule kusukela ku-2014/15 kuya ku-2020/21. Ngonyaka ka-2014/15, isibalo samacala asalele emuva simi ku-3 304, sanyuke kakhulu safinyelela ku-18 488 ngo-2015/16, kodwa sehla futhi isibalo saba ngu-9 849 ngo-2016/17 saphinde safinyelela ku-7 164 ngo-2017/18. Ngemuva kwalokho, ukusilela emuva kuqale ukwanda kakhulu kwafinyelela emacaleni angu-10 609 ngo-2018/19 kwangu-98 238 ngo-2019/20 kwakhuphukela ku-300 722 ngo-2020/21. Qaphela ukuthi ukusilela emuva kunomthelela omubi ngendlela emangalisayo Ohlelweni Lwezobulungiswa Bobugebengu, ikakhulukazi ngezinga lokuboshwa kanye nokugwetshwa.

See Also

Umbiko kaLance Witten uthi iCape Town Forensic Science Laboratory ePlattekloof kubikwa ukuthi inendawo engaba ngama-28 000m2, enabasebenzi abangaba ngama-500, equkethe izingcezu zemishini yenani elifinyelela ku-R4 million. Ilinganiselwa ku-R600 million izindleko zale labhu, eyakhiwa wuMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi.

Ukube iLabhu yaseKapa ibilinganiselwa ku-R600 million, ngabe seyakhiwe enye iLebhu kwezinye izifundazwe. Ukubhekisiswa kahle kwezimali zakwaSAPS kuveza ukuthi imali akuyona inkinga uma kwakhiwa iforensic science lab kwezinye izifundazwe. Ngonyaka wezimali wezi-2018/19, uMcwaningimabhuku Jikelele wathola ukusetshenziswa ngendlela engafanele kwezigidigidi ezi-R1.1 billion. Ukusetshenziswa kwemali ngendlela engafanele kuchazwa ngokuthi yizindleko eziphambana nesishayamthetho. Ngonyaka wezi-2020/21 iSAPS yasebenzisa imali ngaphansi kwesabelomali sayo ngo-R2.665 billion kuVisible Policing kanye no-R997 million Kwezemisebenzi Yabaseshi. Lokhu kusho ukuthi kunemali eli-R2.665 billion ebingabuye ibekwe eqhulwini ukuze isetshenziswe ekwakheni iForensic Science Lab kwezinye izifundazwe, kodwa akwenziwanga lutho.

Ukuhluleka kukaHulumeni ukuletha izinsiza eziphelele zolibofuzo isifundazwe nesifundazwe yikhona okusibeka la kulolu sizi lakwaMokoto esikhuluma ngalo namhlanje. Ukunganakwa komsebenzi kusuka esibhedlela e-Edendale sekushone umuntu eya eFort Naiper emakhazeni ikhona okusibeke la. Okuyikhona khona okuyinhliziyo esibeke la ukunganakwa komsebenzi izisebenzi zikahulumeni.

Scroll To Top