Ikomiti alineme ngokusebenza kwe-IPID



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.

Amalungu ekomiti elibhekele ukusebenza kwamaphoyisa ePhalamende azwakalise ukungenami kwawo mayelana nokusebenza kophiko oluphenya amacala athinta amaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (IPID). Le nhlangano yethule umbiko wayo wonyaka wezi-2021/22 ePhalamende.
I-IPID inesibopho sokuphenya izikhalo zomphakathi ngamaphoyisa. Uhlaka luthi ophenyweni olungaphezu kwama-4 000 olwenziwe, lingabika amacala angama-230 eminyangweni kanye nangama-20 enamacala obugebengu.
Bangama-223 abashonile esitokisini samaphoyisa ngonyaka wezimali wezi-2021/22. Bangama-410 abashona ngenxa yesenzo samaphoyisa. Angama-99 amacala okudlwengula enziwa ngamaphoyisa. Ayi-192 amacala okuhlukumeza nawo abikiwe, futhi acishe abe yizi-3 500 amacala okushaya aqoshiwe. Izibalo ezishaqisayo zivele ngesikhathi kunesithangami se-IPID.
Uphiko lwamaphoyisa oluqaphayo luthi lusalele emuva ngamacala angaphezu kwezi-40 000. Izinga eliphansi lokugwetshwa nalo liyakhathaza.
Ilungu lePhalamende le-FF Plus, uPieter Groenewald, lathi alamukelekile izinga eliphansi labagwetshwa ngemuva kokuthi kuphenywe amacala angama-99 ezinsolo zokudlwengula kwamaphoyisa.
“Amacala alungele izinqumo ngokwezigaba, ngithatha ukudlwengulwa yiphoyisa, amacala obugebengu njengonto eyodwa lokho-nje akujiki. I-IPID ibenzela phansi abantu baseNingizimu Afrika uma ubheka izibalo,” kusho uGroenewald.
USihlalo weKomidi lamaPhoyisa ePhalamende, uTina Joemat-Pettersson, uthe akwamukelekile ukuthi amaphoyisa atholakala enecala lokudlwengula angaboshwa. Ngokombiko waminyaka yonke we-Independent Police Investigative Directorate, angama-99 amacala okudlwengula abhekene namaphoyisa kodwa kwagwetshwa iphoyisa elilodwa.
UJoemat-Pettersson wathi labo okumele bavikele abesifazane nezingane ekuhlukunyezweni ngokobulili abakwazi ukuphunyuka uma sekuyibo abenze ubugebengu.
“Labo abalwa nokuhlukunyezwa ngokobulili banecala lokuhlukumeza ngokobulili. Uma singakwazi ukuqapha bona, benza lezehlo mase beyaphunyuka . Singalindela kanjani ukuthi ixazululwe lenkinga yokuhlukumeza ngokobulili njengoba amaphoyisa nabawengameli okuyi-IPID – behluleka ngokucacile ukuzibophezela.”