Now Reading
Ingqungqulu: Ubaba uSamora Moisés Machel
Dark Light

Ingqungqulu: Ubaba uSamora Moisés Machel

Ubaba uSamora Moisés Machel wazalwa zingama-29 kuMandulo kowe-1933. Wayengumkhuzi wamasosha waseMozambique kanye nomholi wezepolitiki. Wayelandela kakhulu imiyalo yeMarxism-Leninism, wasebenza njengoMengameli wokuqala waseMozambique kusukela enkululekweni yalela lizwe ngowe-1975. USamora Machel wasungula ubudlelwano obuqinile ne-Italy, ngenxa yesifiso sayo sokulwa nobandlululo kanye nobukoloni basePortugal. Ikakhulu, idolobha laseReggio Emilia lahlela izinhlelo eziningi zokudonsela ukunaka kweItaly ezinkingeni ezinkulu zepolitiki zeningizimu ye-Afrika. Ngomhla wama-24 nama-25 ngoNdasa we-1973,
uMachel wabamba iqhaza engqungqutheleni yokuqala “yeNational Conference of solidarity against colonialism and imperialism for freedom and Independence of Mozambique, Angola and Guinea Bissau”. UMachel ushone esesikhundleni mhla zili-19 kuMfumfu kowezi-1986 ngenkathi ibhanoyi lakhe liphahlazeka eduze komngcele waseMozambique nowaseNingizimu Afrika.

Scroll To Top