Now Reading
Kusa kusa ngempi e-Ukraine
Dark Light

Kusa kusa ngempi e-Ukraine

Ukuhlasela kweRussia ngezomoya ezindaweni zamachweba e-Ukraine ziqhubekile ngoLwesine, ngokusho kweziphathimandla zendawo, ngemuva kokuthi iMoscow ixwayise ngokuthi imikhumbi elibangise emachwebeni eBlack Sea e-Ukraine ingase ibhekwe njengezinto ezifanelwe ukuhlaselwa.

Njengoba ukukhathazeka kukhula ngokuphuma kweRussia esivumelwaneni esivikele ukuthunyelwa  ngemkhumbi komhlaba wonke okusanhlamvu kwase-Ukraine, iziphathimandla ezifundeni eMykolaiv nase-Odesa zibike abantu abangaba ngama-20 abalimele ngrnxa yomphumela wokuhlasela. Njengoba ukuphuma kweRussia kulesivumelwano kule minyaka edlule kusabisa ngokubhebhetheka  kokuphazamiseka kokudla emhlabeni wonke, i-Ukraine ithe ngoLwesithathu isungula umzila wesikhashana wokuthutha ukudla odlula eRomania, izwe elingumakhelwane weblack Sea.

“Inhloso yayo ukwenza lula ukuvulwa kwemikhumbi yamazwe ngamazwe engxenyeni esenyakatho-ntshonalanga yoLwandle Olumnyama,” kusho uVasyl Shkurakov, ungqongqoshe osabambile wase-Ukraine wemiphakathi, izindawo kanye nokuthuthukiswa kwengqalasizinda, encwadini ayibhalela i-UN’s International Shipping Organisation. I-Ukraine neRussia ziphakathi kwabahwebi abahamba phambili emhlabeni okusanhlamvu(grain) .

See Also

Ikusasa likakolweni wase-US ligxume ngama-8.5% ngoLwesithathu, inzuzo yalo enkulu yansuku zonke kusukela ezinsukwini ngemuva kokuhlasela kweRussia ngoNhlolanja zingama-24, kowezi-2022, komakhelwane bayo. UMnyango Wezokuvikela waseRussia uthe amazwe emikhumbi ehambela amachweba ase-Ukraine azothathwa njengengxenye yengxabano ngasohlangothini lwase-Ukraine.

Scroll To Top