Now Reading
Ukuphakama kweLembe kube yiSenzangakhona
Dark Light

Ukuphakama kweLembe kube yiSenzangakhona

Ukwakhiwa kwesikhumulo esisha sezindiza eThekwini kwaletha injabulo ngakwezomnotho. Okunye okwathokozelwa yigama lesi sikhumulo esethiwa ngalo. Sethiwa ngombumbi kaZulu, iLembe eleqa amanye amalembe ngokukhalipha. Lokhu nje kwenza iningi labantu bakulesi sifunda nezwe bazibona beyingxenye yezwe ngoba nakhu kwabe kuhlonishwa lokho okulifagugu kubo. Nokho lomuzwa waguquka ngesikhathi sekumbulwa ibunjwamuntu elaveza iLembe  njengomfana wezinkomo. Lena njengoba sasho ISILO esidala kwabe kuyinhlamba kuso njengeLembe eliphilayo nakuZulu.

Emuva kweminyaka uhulumeni uselilungisile iphutha. Namuhla liphakeme, liyiNkosi yaseMashobeni! iLembe. Uhulumeni kumele atuswe ngalokhu ngoba ukwenza kwakhe kuveze ukuthi uyezwa nokuthi uyawuhlonipha umlando kanjalo nesizwe jikelele. Kulokhu kusobala ukuthi  wenza okusemandleni akhe.

Scroll To Top