Ndlovukazi uSontanti: Ngifikile, ngabona ngafunda
Ndlovukazi, Nkosazane yeLanga wena weNguga
Uma ngikhula bengizwa abadala bethi ubukhona bethu njengesintu kulomhlaba kunesizathu. Ukuthi silapha nje siyimpendulo kokuthile. Kulesi esingangonyaka nami ngisibonile isizathu sokuba ngibe lapha ngalesi sikhathi, namuhla ngiyazi ukuthi kungani ngibe ngumlingisi. Empeleni konke kube yinqabakutholwa.
Uma inhlangano ehamba phambili kuleli ngokukhiqiza imidlalo yethelevishini kanye nengqayi kakhulukazi leyo exoxa ngempilo nenhlalo yaboHlanga i-Bomb Shelter ingazisa ngesinqumo sayo sokuba ingiqoke njengozolingisa indawo ekhuluma ngempilo yeNdlovukazi uNandi kimi kwacaca konke. Lokhu kwenzeke ngiphesheya kwezilwandle nayilapho ngiqhuba ubizo lwami lwezokulingisa. Esimweni esejwayelekile uma ubizo lwakho selukubeke phesheya kwezilwandle kuba sengathi sekusondele noma sekuphelile. Nokho Ndlovukazi olwakho ubizo lube namandla ayinqaba ngoba lungibize phesheya kwezilwande lwangibuyisa ekhaya. Angingabazi baningi abanekhono lokulingisa kuleli kepha iNdlovukazi iqoke mina.
Lokhu kwenzeka lapho kuphela khona iminyaka eli-195 iNdlovukazi yaya kweleZinyandezulu. Ngalesi sikhathi uZulu uzalwa kabusha kuhlala eSihlalweni sendodana yakho iLembe, iNkosana kaZulu, uMisuzulu kaZwelithini. Ukuqopha izinyanga eziyisithupha zonke njengeNdlovukazi kungikhulise kakhulu njengowesifazane onguMzulu , uMnguni nom-Afrika. Ukuqopha , imvunulo namagama angenze ngaluhamba uhambo lwakho Ndlovukazi.
Kepha Ndlovukazi okwenzeke ngosuku olwandulela ukuphela kweminyaka eli-195 waya kweleZinyandezulu ngokuxoxela izizukulwane. Uma kuvela ukuthi kuzoba nomsebenzi omqoka kangaka bekumele ngibuyele eMelika kepha ngokwazi ukuthi iNdlovukazi iyini kimi ngokungananazi ngihlehlise izinhlelo zendiza ngaphikelela eKhowe ( eShowe). Ukuhamba izintaba owabe uhamba kuzo, ukuhlangana nabolibo lwakho ekugcineni ukufika lapho ulele khona kungikhulise kakhulu kunakuqala. Ukuvunguza komoya nokunyakaza kotshani nezihlahla uma sifika edlinzeni lakho kuqinisekise ubukhona bakho.
Ndlovukazi kulezi zinyanga ezimbalwa ngihamba nawe ngifikile, ngabona ngabuye ngafunda ngawe, ngendodana yakho ngabeNguni kanye nangami uqobo. Ngiqopha lamagama nje kukhona izwi ekusengathi ngelakho elithi kimi ‘lesi kuseyisiqalo’ – impendulo yami kulokho ithi ngihole Ndlovukazi, ngihole thongo lethu!



