Now Reading
ITaiwan ifuna ukukhombisa umhlaba amandla okuzivikela
Dark Light

ITaiwan ifuna ukukhombisa umhlaba amandla okuzivikela

“Impi phakathi kweTaiwan neChina akuyona into abangazikhethela ukungena kuyona”, kusho uMengameli waseTaiwan uTsai Ing-wen ngoMsombuluko, njengoba ephinda egcizelela ukuzimisela kwakhe ukukhuluma neBeijing (inhlokodolobha yaseChina) futhi wathembisa nokuqinisa ukuzivikela kwesiqhingi kubandakanya nemicibisholo enembayo.

ITaiwan, iChina ethi iyindawo yayo, ingene ngaphansi kwengcindezi ekhulayo yezempi nezepolitiki evela eBeijing, ikakhulukazi ngemuva kwemidlalo yempi yaseChina ekuqaleni kukaNcwaba kulandela ukuvakasha eTaipei kukaSomlomo weNdlu yaseMelika uNancy Pelosi.

Noma yikuphi ukungqubuzana ngeTaiwan kungadonsela iMelika, Japan futhi mhlawumbe ingxenye enkulu yomhlaba, futhi kuphazamise umnotho womhlaba, ikakhulukazi uma kubhekwa isikhundla esiphezulu saseTaiwan njengomenzi wama-semiconductors asetshenziswa kukho konke kusukela kumasmartphones kanye namaphilisi kuya kumajethi ezempi. UTsai, enkulumweni yakhe yosuku lukazwelonke ngaphandle kwehhovisi likamongameli, uthe “kuyadabukisa” ukuthi iChina inyuse ukusabisa kwayo futhi yasabisa ukuthula nokuzinza eTaiwan Strait kanye nesifunda.

IChina akufanele icabange ukuthi sikhona isikhala sokuyekethisa ekuzibophezeleni kwabantu baseTaiwan kuntando yeningi nenkululeko, kusho yena.

“Ngifuna ukucacisela iziphathimandla zaseBeijing ukuthi ukulwa nezikhali akuyona neze inketho ezinhlangothini zethu ezimbili. Kuphela ngokuhlonipha ukuzibophezela kwabantu baseTaiwan embusweni wethu, intando yeningi, nenkululeko lapho kungaba khona isisekelo sokuqalisa kabusha ukusebenzisana okwakhayo kuyo yonke iTaiwan Strait.”

Akukho ukuphendula  kwamanje okuvela eBeijing. IChina ibiza uTsai – ophinde waqokwa ngowezi-2020 ngesethembiso sokuthi uzomelana neBeijing – umuntu ongalungile ngakho yanqaba ukukhuluma naye.

UTsai uthe, uhulumeni wakhe ukubheke ngabomvu ukuthi kuqaleukusebenza kwezinto ngemuva kobhubhane lokhuvethe futhi kukhule kancane kancane ukuhwebelana kwabantu okunempilo nokuhlelekile kulo lonke leli chweba, okuzodambisa ukungezwani. Kepha ukuvumelana okubanzi eTaiwan ukuthi ukuzimela kwayo nendlela yokuphila neyentando yeningi kumele kuvikelwe, engeza. “Kuleli phuzu, asijiki simile kulona,” kusho uTsai.

UTsai wenze ukuqinisa izivikelo zaseTaiwan kwaba yisisekelo sokuphatha kwakhe ukuze akwazi ukubekela iChina isivimbelo esithembeke kakhudlwana, esihlanganisa uhlelo olunesifiso sokuthuthukisa amasosha ayo.

See Also

ITaiwan izokhombisa umhlaba ukuthi izibophezele ekuzivikeleni kwayo, kusho uTsai. ITaiwan ikhulisa ukukhiqizwa kwenqwaba yezikhali ezicitshwayo ezinembayo kanye nemikhumbi yasolwandle esebenza kahle kakhulu, futhi isebenzela ukuthola izikhali ezincane, ezihamba phambili ezizoqinisekisa ukuthi iTaiwan ikulungele ngokugcwele ukuphendula “ezinsongweni zezempi zangaphandle,” kwengeza uTsai.

Ukungezwani kwezempi kuphakamise ukukhathazeka, ikakhulukazi e-United States, mayelana nokugxila kokwenziwa kwamachip eTaiwan. “

“Sizoqhubeka nokugcina izinzuzo namandla eTaiwan ezinqubweni zokukhiqiza ezisezingeni eliphezulu, futhi sizosiza ukukhulisa ukuhlelwa kabusha komhlaba wonke kwalolu chungechunge lokuhlinzekwa kwemiconductor, sinikeze amafemu ethu esemiconductor indima ebaluleke kakhulu emhlabeni wonke,” kuphetha uTsai.

Scroll To Top