INorth Korea nezinkomba zokuhlolwa kwenuzi
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
INorth Korea idubule imicibisholo emibili ye-ballistic ngokusho kweziphathimandla zamazwe angomakhelwane.
Izikhulu enhlokodolobha yaseSouth Korea zithe ukuqhubeka kokwethulwa kwemicibisholo yaseNorth Korea kungabonisa ukuthi sekuseduze ukuthi kuqalwe kabusha ukuhlolwa kwenuzi okokuqala ngqa kusukela ngowezi-2017.
Imicibisholo ifinyelele endaweni ephakeme ngamakhilomitha ayi-100 futhi yahamba amakhilomitha angama-350, ngokusho kukangqongqoshe wezokuvikela eJapan, uToshiro Ino, ngesikhathi ekhuluma nezintatheli.
Eyokuqala yadutshulwa ngehora lokuqala ezintatha eyesibili ngemva kwemizuzu eyisithupha.
Lemicibilisholo yawela ngaphandle kwendawo yezomnotho yaseJapan ekhethekile, futhi iziphathimandla bezibheka ukuthi ziluhlobo luni, okuhlanganisa nokuthi kungenzeka ukuthi bekuyimicibisholo ejikijelwa ngaphansi kolwandle.
Umbutho wezempi wase-US uthe uxoxisana kakhulu nabalingani kulandela ukudubulwa kwalemicibilishoyo, athe kugqamisa “umthelela ophazamisayo” wezikhali zenuzi zaseNorth Korea kanye nezinhlelo zemicibisholo ye-ballistic.
Noma kunjalo, i-United States ihlole ukuthi ukudutshulwa kwemicibilishoyo kwakamuva akuzange kube usongo kubasebenzi base-US noma abalingani baseMelika.
“Izibophezelo zase-US ekuvikeleni iRiphabhulikhi yaseKorea naseJapan zisalokhu ziqinile,” kusho i-US Indo-Pacific Command ezinze eHawaii esitatimendeni.
Imicibisholo yakamuva eqhunyiswa endaweni yaseMuncheon ogwini olusempumalanga yeNorth Korea “kuwukuchukuluza okukhulu” okulimaza ukuthula, kusho iziphathimandla zaseSouth Korea.
UMélanie Joly, uNgqongqoshe Wezangaphandle WaseCanada, uvakashele umngcele ohlukanisa iSouth neNorth Korea lapho kukanise khona amasosha ngeSonto. “Sikugxeka kakhulu ukuqhuma kwemicibisholo budedengu yaseNorth Korea ebeka engcupheni ukuthula, ukuphepha kanye nokuzinza esifundeni,” kusho uJoly esitatimendeni.