Namanje izibazi zoKhuvethe zisabhibha


Kweminye imizi zisabhibha izilonda zoKhuvethe. Sekuyinsaka vukela umchilo wesidwaba ukuthi uma zibhibha, azibhibhi emzini owodwa kuphela, kodwa kuba imizi emibili nangaphezulu. Lokhu ngikususela ekutheni kusaqhubeka ukumbiwa kwezidumbu ezaphambana ngesikhathi seCovid okuyinto ebuyisa izinhlungu neminjunju eseyaphola. Asilandele lolu daba lwakaNtsijana e-Eastern Cape:
Ziyi-8 kuZibandlela wezi-2021, amaphoyisa aseMpendle ahambele indawo yesigameko lapho owesilisa ongaziwa owayeshaywe ngensimbi ecijile, wasephuthunyiswa emtholampilo. Mayefika emtholampilo wadluliselwa esibhedlela i-Edendale eMgungundlovu ngeshwa washonela esibhedlela; efika ngalo lolo suku. Bekukhona omunye wesilisa owangeniswa kuso lesi sibhedlela naye washona ngalo lolo suku. Ngakho, bobabili abesilisa bathuthwa kanye kanye bayiswa eFort Naiper Government Mortuary. Umabhalane wasemakhazeni wenza iphutha elikhulu ngokunikeza izidumbu ezimbili inombolo yomzimba efanayo: 183.
Owesilisa owashaywa kabi ungowaseMbizana, igama lakhe kwakunguSiphesihle Ntsijana. Ngesikhathi umndeni wakhe ufika uzohlonza isidumbu, abasemakhazeni abavumanga ukuthi baveze futhi baqinisekise ukuthi ngempela isidumbu abasiyisa ekhaya nguSphesihle ngoba konke lokhu kwenzeka ngesikhathi imithetho yeCovid19 isabusa izwe kanzima. Ngenxa yalokhu, umndeni wathatha isidumbu okungesona wasiyisa ekhaya wangcwaba isidumbu sowesilisa ongaziwa ongowokudabuka eLesotho. NgoNdasa, bathola ucingo lubazisa ukuthi bangcwabe isidumbu okungesona, isidumbu sendodana yabo sisemakhazeni. Umndeni uhambile wayoqinisekisa ukuthi lokho okushiwo amaphoyisa kuyiqiniso kangakanani, nebala okwakushiwo amaphoyisa kwakuyiqiniso.
Kuze kwashaya uMandulo lolu daba lungakalungiswa. Siyinhlangano engenzi nzuzo i-Ayanda Msweli Foundation, ngomhla zingama- 27 kuMandulo ngowezi-2022 sathola ucingo olwaluvela emndenini lucela usizo. Sasuka eThekwini saya eMbizana kwi-Alfred Nzo District eWard 2 ngomhla zingama- 29 kuMandulo ngowezi-2022. Ukusuka eThekwini siya emajukujukwini aseMbizana kwasithatha amahora amabili nesigamu ngenxa yobubi komgwaqo. Imigwaqo yakhona imaqothuqothu njenge hawu lesiqhwaga, eminye imagqebhugqebhu ngathi bekulima umlimi oshiya amabhanga.
Ekufikeni kwethu emzini wakwa Ntsinjana usizi lwalu bhalwe emehlweni kuwo wonke umuntu okuloya muzi, nezindlu zakhona ziyadabukisa, ngisho iziko lakhona liyabanda qa njenge khala lenja, lokho kukutshela ukuthi kade Kwagcina ukubaswa umlilo ngenhloso yokupheka. Ekungeneni kwethu, babuyelwa ithemba, lokho wawukubona ngendlela ababesilandisa ngayo udaba lwabo, babengenana emlonyeni.
Udaba lwaqalwa ubaba omdala waleli khaya kodwa lwahlwithwa umama kamufi, asimuzwe esilandisa: “Umntwana walandwa kuyicawa, elandwa ngomunye umntwana ongimakhelwane, wamthatha wehlika naye wathi bayothenga ama-oose esitolo, mayesefika apho kanti yena lomntwana uthengiwe ngentsango nange-R2. Ndava mna ngomunye umntwana esithi umntanami ulinyaziwe ngensimbi. Ngafonela imoto mna ukuba mayihambe iyomthatha kanti umnikazi wemoto uzawuthi imoto inengxaki ayinapetrol. Ndathi ke mna andinyao imali ndizathi xa sendiholile ndisibatale ispecial, nyani ke saya safika umntanami elele phantsi emgwaqeni. Samthatha samyisa esibhedlela watshonela khona. Utatakhe lomntana ubulawe yistress sokuthi singcwabe umntu ongesiye, Utatakhe uSiphesihle samngcwaba zili-kuNcwaba ngowezi-2022, asoze yandiphatha kahle leyonto. Kwamna ndinestress sami ndingumntu weBP angilali imihla nobusuku ndihlale ngicinga lento ndithi ndincedise Thixo andazi ndizawuthini ke ngoku sesingcwabe umntu ongesiye umntanami.”
Ngesikhathi ekhuluma inkulumo sasiyiqopha njengenjwayelo, ukuze siyifake ezinkundleni zethu zokuxhumana. Emuva kokuyifaka ezinkundleni zokuxhumana kuthathe amasonto amabili ukubona izithelo ezinhle ngaloludaba luka Ntsinjana. Kubonakale zonke izinhlaka zikahulumeni zifuna ukusiza, lokho okwenze umsebenzi wethu ube lula kakhulu. Namuhla (12 kuMfumfu ngowezi-2022) bekuwusuku lapho kade singcwaba khona isidumbu sikaSiphesihle Ntsinjana sangempela, emuva kokumbiwa kwesidumbu somlisa waseLesotho. Bekuwumngcwabo ongajwayelekile onomunyu nosizi lapho ubona kukhishwe isidumbu somuntu ethuneni kufakwe esinye ethuneni elifanayo. Kodwa okuhle ukuthi umndeni wakwaNtsinjana usitholile isiphetho imimoya yabo ixolile manje, lokho okuwuhlelo lwe Ayanda Msweli Foundation oluthi Sifuna isiphetho (point of u-turn). Lolu daba luyaqhubeka ezinkundleni zokuxhumana i-AyandaMsweliTV ku YouTube. Ukuqina kwemithetho yeCovid eyayilawula ukubonwa kwezidumbu ngaphambi kokuba zithathwe abomndeni emakhazeni iyona esliholele kulempicabadala.