Now Reading
Abanangcindezi abafana beMkhumbane Classic
Dark Light

Abanangcindezi abafana beMkhumbane Classic

USithembiso “Mashalofu” Mabaso ongumnikazi weMkhumbane Classic okuyiqembu eligijima ku-ABC Motsepe KwaZulu-Natal, uthi ayikho ingcindezi ayifakele abadlali bakhe mayelana nokunqoba iligi.

“Isizini yesibili le sikhona, ngeke sizifakele ingcindezi engena sidingo sisafana nomakoti khona amaqembu amadala akhona kule ligi angaze ayinqobe iligi. Kodwa engikufisayo ukuthi sigcine isitifiketi sokudlala khona lapha kwi-ABC Motsepe League. Isifo sami okungenani asilaleni endaweni yesithathu noma yesini uma kwenzekile baqhuzuka abazobe bengenhla  ngeke siliyeke ithuba lokumuka naso isicoco seligi. Sisalakha iqembu, inhloso yethu ukuthi sidlale kuphela  ngabadlali baka-Under 23 kusukela kunozinti kuya phambili. Yingakho sino-Under 13, 15,17 neqembu elidlala ku-SAB League. Sifuna lezi zinkulisa ziphakele iqembu elikhulu, ngelinye ilanga engilifuna ligijime kuMotsepe League Foundation. Okunye umqeqeshi weqembu umuntu omncane uyaqala ukuthi aqeqeshe kulesi sigaba” kusho uMabaso. Leli qembu eliqeqeshwa uCyril Mthembu lakhiwe ngabadlali baseLamontville, Chesterville, Mayville naKwaMashu. Selidlale imidlalo emibili kule sizini linqobe owodwa, lahlulwa kowodwa. 

Kule mpelasonto lizotholana neSummerfield Dynamos, okuyiyo ebe ngompetha ngesizini edlule. Lo mdlalo uzoba kusasa ngoMgqibelo eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.

Uveze ukuthi kunemihlomulo etholwa ngabadlali uma benqobile. ” Abadlali abazokhethelwa kwabali-18 uma benqobile sibanika amabhonasi. Le mali kayihlangene nemiholo yabo. Lokho kuwubakhuthaza ukuba sifeze lesi sifiso esisifunayo” usho kanje.

Leli qembu linabadlali abaseke badlala ebholeni elikhokhelwayo, kukhona uSnethemba Ngidi owayekwiTS Galaxy eyanqoba iNedbank Cup idla iKaizer Chiefs ngowezi-2019, uSanele Mathenjwa okewaba eqenjini leLamontville Golden Arrows noPhilani Cele owadlala kwiChiefs.Mayelana nobunzima bokuphatha iqembu kwi-ABC Motsepe League uMabaso uthe: “Kunzima ukuphatha iqembu kulesi sigaba kakhulukazi ngoba ngingedwa, abaxhasi ababonwa iyona into leyo engiyifisa kakhulu. Abaqeqeshi kumele bahole, abadlali, funakale silale ekhempini ngoba kunzima ukulawula abadlali, kumele badle, masidlala koMsinga, Nongoma kumele konke lokho kuphume ephaketheni. Khona kunzima inkinga ukuthi uthando nje umuntu analo ebholeni” usho kanje uMabaso.

See Also

Uthe ubonga abantu baseChesterville naseMayville okuyibo abahlezi bephuma ngobuningi beyobuka iqembu uma lidlala.

Uphinde washo ukuthi naseSj Smith (eWema) sebeqalile ukuzakhela abalandeli njengoba besebenzisa yona uma bedlala imidlalo yasekhaya. 

Scroll To Top