Now Reading
Lizoqala maduze umsebenzi ithimba elizophenya ngoRamaphosa
Dark Light

Lizoqala maduze umsebenzi ithimba elizophenya ngoRamaphosa

Ithimba elizimele elizophenya ukuthi ngabe zikhona yini izizathu zokuphenywa kukaMengameli uCyril Ramaphosa lusazoqala umsebenzi walo. Ithimba leSigaba sama-89 elihlanganisa uMehluleli osathatha umhlalaphansi uSandile Ngcobo, uMehluleli  uThokozile Masipa, no-Advocate uMahlape Sello, liqokwe nguSomlomo wePhalamende Likazwelonke, uNosiviwe Mapisa-Nqakula.

Nokho, iphalamende lisaphothula izinhlelo zokuphatha mayelana nezivumelwano zomsebenzi. OwayenguMqondisi Jikelele weState Security Agency u-Arthur Fraser waveza izinsolo  zokuthi umengameli wezwe wephule imithetho yezwe. Izigidi zemali yakwamanye amazwe zebiwa epulazini lakhe, iPhala Phala, eLimpopo eminyakeni emibili edlule.

UFraser wathi lobugebengu abubikwanga. Ngesikhathi umengameli ebuzwa imibuzo ePhalamende likazwelonke, ukuphikile ukuthi le mali iyinzuzo yobugebengu lapho ethe, “Kuke kwantshontshwa epulazini ngabika lokho kujenene wamaphoyisa aseNingizimu Afrika owangazisa ukuthi naye usebikele omunye ujenene wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika. Kusobala ukuthi lolu daba lusacutshungulwa emaphoyiseni. Ngiyaphika ukuthi kukhona uhlobo lokushushumbiswa imali. Ngikushilo futhi ngakusho esidlangalaleni ukuthi bekuyimali yokudayiswa kwezilwane”

Ngokusekelwe ezinsolweni zikaFraser, i-African Transformation Movement (ATM) yaletha isiphakamiso seSigaba sama-89 ngokumelene nomongameli. Isigaba sama-89 soMthethosisekelo sinikeza izizathu zokuthi isiGungu Sikazwelonke (NA) sikhiphe umongameli esikhundleni.

Izizathu ezintathu yilezi: uma umongameli ephula umthethosisekelo noma umthetho, ukungaziphathi kahle okukhulu, noma ukungakwazi ukwenza imisebenzi yehhovisi.

Ukuze kuqalwe lolu hlelo kuNA, isiphakamiso kufanele sihanjiswe kusomlomo okufanele ahlanganise ithimba lamalungu amathathu ukuze liphenye ukuthi bukhona yini ubufakazi obungase obungaholela ekukhishweni kukamengameli.

Leli thimba  lizoba nezinsuku ezingama-30 ukwenza umsebenzi walo. Uma lelithimba  lithola ubufakazi, udaba ludluliselwa ephalamende (Assembly), lapho kufanele kuthathwe isinqumo mayelana nokusungula uphenyo.

Uma uphenyo luqhubeka, imithetho yeSishayamthetho Sikazwelonke (NA) ithi kumele kusungulwe ikomiti elibhekela ukukhishwa kukamengameli esikhundleni. Ikomiti lokususwa kukamengameli esikhundleni  lizophenya ngezinsolo ezibhekiswe kumengameli bese kwethulwa umbiko kwiNA. Uma kwenziwa isiphakamiso sokuthi umengameli akhishwe esikhundleni, amalungu ePhalamende azovota ngalolu daba. Kudingeka iningi lezingxenye ezimbili kwezintathu ukuze kukhishwe umongameli esikhundleni.

See Also

Nakuba izivumelwano zokusebenza zalelithimba leSigaba sama-89 bekulindeleke ukuba ziphothulwe ngeledlule ngoLwesihlanu, leli thimba ima lisazoqala umsebenzi walo.

Okhulumela iPhalamende uMoloto Mothapo uthe, “Amalungiselelo okuphatha ahlanganisa ukucutshungulwa kwezinhlelo zokuxoxisana nelungu ngalinye lethimba ayaqhubeka ukuhlahla indlela yokuthi ithimba liqale umsebenzi walo. Uma lezi zinqubo zokuphatha seziphothuliwe, ithimba lizongena emsebenzini walo bese libikela usomlomo ngelikutholile kanye nezincomo njengoba kuhlinzekiwe njengemithetho yesiShayamthetho Sikazwelonke.”

Owayeyilungu laleli thimba, uSolwazi Richard Calland, uhoxile kulo ngemuva kokuxoxisana noSomlomo, ngemuva kokuthi amanye amaqembu aphikisayo ezwakalise ukukhathazeka kwawo ngokuzimela kwakhe kuloludaba.

Scroll To Top