Now Reading
LIPHINDE LABUYA ITHEMBA KWABEZIMOTO
Dark Light

LIPHINDE LABUYA ITHEMBA KWABEZIMOTO

Izinhla zansuku zonke zenhlangano iCentral Energy Fund ziveza ukuthi kusebenzeke kangconywana kulezi zinsuku okuzokwenza kwehle intengo kaphethroli nodizili ngenyanga uNhlolanja. Abantu abangase bahleke bodwa yilabo abasebenzisa izimoto ezihamba ngophethroli, kanti kungenzeka abezimoto zikadizili kuthanda kube mnyama kubo. Uma sibheka izimakethe zemali zisalokhu zehla zenyuka.

NgoMsombuluko mhla zili-13 kuMasingana 2020

Idola lase-USA lithande ukudlondlobala kwavulwa lilingana namarandi ali- 14, 31. Kwavalwa ngolwesiHlanu kwethembisa ngoba idola lase-USA lalilingana namarandi ali- 14, 20.

UPondo waseBritain kuvukwe ngoMsombuluko ulingana namarandi ali-18,66 okukhombisa ukubuya kwamandla kuPondo waseBritain.

Lithe ukwehlelwa ngamandla irandi uma siliqhathanisa neYuro. Lilingana namarandi ali-15,92. Lishone sinethemba lokuthi asizukuqhubeka sibe sibi isimo serandi

NgoLwesibili mhla zili-14 kuMasingana 2020

Siqhubekile saba sibi isimo phezu kwerandi. Idola lase-USA belilingana namarandi ali-14,38.

Imakethe yemali ivule uPondo waseBritain ulingana namarandi ali-18,69, okukhombisa ukwehla kwamandla erandi kunalokho ebeliyikho ngali-zolo.

IYuro likhule ladlondlobala lalingana namarandi ali-16,02. Kuthanda ukukhathaza ukuthi isimo phakathi kwerandi neYuro sibuyele kuleso esasingathokozisi sikaZibandlela wonyaka owedlule.

NgoLwesithathu mhla zili-15 kuMasingana 2020

Idola lase-USA lithole amandla lalingana namarandi ali-14,40. Ngokuphakama kwelanga irandi lithe ukusimama ngoba idola lase-USA bese lilingana namarandi ali-14,37 laze laya kozilahla kunina.

Uqhubeke wadlondlobala uPondo waseBritain ngoba kuvulwe ulingana namarandi ali-18,76. Nokho kuthe ngokuqhubeka kosuku lasimama irandi. Kushone ilanga uPondo ulingana namarandi ali-18,71.

Ibhekene emehlweni phakathi kwerandi neYuro, ngoba iYuro kuvule izimakethe lilingana namarandi ali-16,03. Lingakashoni ilanga kube ngconywana erandini lathi ukusimama. Kuphele usuku iYuro lilingana namarandi ali-15,98.

NgoLwesine mhla zili-16 kuMasingana 2020

Izimpawu ezimakethe ezehlukene zikhombise isimo esigculisayo likhombisa izimpawu zokusimama irandi. Irandi belisayibambile indawo okuvalwe izolo likuyo. Idola lase-USA belilingana namarandi ali-14,37.

Liqhubeke lapho ligcine khona irandi izolo, laphinda lakhombisa ukusimama ekuseni ngolwesiNe laba ngaphezulu kwalapho kuvulwe likhona ngali-zolo. UPondo waseBritain kuvukwe ulingana namarandi ali-18,74.

Kube nomnyakazo omncane phakathi kweYuro nerandi. Kuvule izimakethe iYuro lilingana namarandi ali-16,02 okwenza kube nentokozo ngoba isimo sivuna irandi.

Noma yehla yenyuka intengo yegolide kusengconywana kwabahweba ngegolide ngoba ngolwesiNe kuvukwe intengo yegolide ingamadola ase-USA ayi-1556.

Intengo kawoyela ilokhu yenyuka iphinde yehle kancane. NgolwesiNe ithe ukwehla yafi nyelela kumadola ase-USA angama-64,45. Nokho-ke intengo yaleli sonto iyaliqinisa ithemba lokwehla kwentengo kaphethroli okuhlongozwayo.

Ingqungquthela yesibili yomnotho yonyaka wezi-2020

See Also

UMongameli weNhlangano yoBumbano lwamaBhizinisi eNingizimu Afrika iBUSA, uDkt uSipho Pityana ekhuluma eNgqungqutheleni Yesibili yoMnotho, (Business Economic Indaba 2020) uphonsele uMengameli wezwe uMnu uMatamela Ramaphosa inselelo, wamnxusa ukuba aqinise amatomu, alungise isimo sikagesi nenkampani i-Eskom.

Noma emncoma ngendlela evulekile ebuholini bakhe uMengameli wezwe, uthe kumele enze into ezobuyisa ithemba kosomabhizinisi baseNingizimu Afrika abathwele kanzima ngenxa yokungethembeki kukagesi. Le ngqungquthela yesibili yonyaka wezi- 2020 izohlaziya ugesi owethembekile; umbuso wezwe onozinzo; izimboni ezisemqoka ekukhuliseni umnotho; isakhiwo somnotho kanye noguquko lwezimboni lwesine. Sibheke ngabovu ukuthi kukhona yini okungasiza izwe kulesi simo esiphansi somnotho.

Inkampani enkulu iMassmart nokuvalwa kwezitolo

Inkampani iMassmart imemezele ukuthi ingase ivale izitolo ezingama-34 zakwaDion Wired ezingaphansi kwayo. Lokhu kwethusa kakhulu ngoba isimo semisebenzi sibi kakhulu eNingizimu Afrika.

Uma kuqhubeka njengoba besho abantu abayi-1 440 bangase baphelelwe wumsebenzi. Izinkulumo ezibhekisisa ukugcinwa koMthetho Wobudlelwano Babasebenzi ziyaqhubeka okukhombisa ukuthi alikho ithemba lokuthi zingabuye zijike izinto. Ifu elimnyama liyaqhubeka nokugubuzela izwe.

Kwembulwa kwembeswa kuSAA

Inkampani yezindiza iSAA yafakwa ngaphansi komlawuli ngenjongo yokubheka izindlela zokuvikela ukuthi ivalwe. Kusinda kwehlela kulesi sikhathi. Seziqalile izinyathelo ezikhomba ukuthi iSAA ingase iguquke esimweni eyiso. Muva nje kudayiswa izindiza eziyisishiyagalolunye okubalwa kuzo nezindiza ezithwala abantu, ezihamba amabanga amade zohlobo lwe-Airbus. Kuze kube manje uNgqongqoshe uMnu uTito Mboweni akakaphumeli obala ngokuthi uHulumeni uzoyifaka nini imali edingwa yiSAA eyizigidigidi ezimbili. Kuletha ingcindezi lokho ngoba amandla akhona njengamanje kwaSAA azobagcina kungedluli osukwini lwe-18 kuMasingana. Kuzocaca emva kwalolu suku ukuthi kwenziwa njani uma uNgqongqoshe engayifaki imali eyayethenjisiwe yokutakula iSAA. Kule mpelasonto kuzothathwa izinqumo ezinqala mayelana nekusasa likaSAA.

Zimbi izinto kwaTelkom

Mhla zili-15 kuMasingana inkampani yezokuxhumana iTelkom imemezele ukuthi ihlongoza ukudiliza abasebenzi abayizi-3000. Phakathi kwezizathu ezibekwa yiTelkom, ngesokuthi inkampani idinga abasebenzi abanolwazi lobuchwepheshe obusetshenziswa yinkampani obuhlanganisa nokuzazisa kwenkampani.

Inyunyana iSolidarity isihlaba iyasihlikiza isinqumo seTelkom ngoba siwuphawu lokuthi iTelkom ayizange iqeqeshe abasebenzi bayo balungele isikhathi esinjengalesi ebhekene naso. Sizolubheka ngeso elibanzi loludaba sethemba ukuthi kukhona okungenziwa ukuvikela ukulahleka kwemisebenzi eminingi kangaka.

Scroll To Top