Now Reading
Seluliwe isikhathi sokuhlala kwamagatsha kaKhongolose
Dark Light

Seluliwe isikhathi sokuhlala kwamagatsha kaKhongolose

Umnqamulajuqu wokuthi amagatsha e-ANC abambe Imihlangano yawo ebizwa ngeBranch General Meetings (BGM) ukuze aqoke amalungu eNEC futhi akhethe izithunywa ezizomela amagatsha eNgqungqutheleni Kazwelonke yama-55 usululwe ngamaviki amathathu.

Ekhuluma neSABC News, ibamba likaNobhala-Jikelele we-ANC kanye noMgcinimafa Jikelele uPaul Mashatile uthe, “Sijabule kakhulu ngezinhlelo, siqale ngemihlangano emikhulu yamagatsha, njengoba nazi ukuthi kuyohlale kunezihibe, futhi enye yezinselelo esinazo manje ukuthi ngesikhathi siqala ngesonto eledlule, sahlaselwa ukucima kukagesi futhi kwaphazamiseka izinhlelo eLuthuli House. 

“Ngakho-ke asikwazanga ukukhiqiza amakhodi eQR amaBGM, ngakho-ke silahlekelwe impelasonto. Manje sesifake izinsiza zikagesi ezingaphazamiseki esakhiweni sethu, futhi sesisungule nezikhungo zezingcingo ezengeziwe ukuze singanciki esikhungweni sezingcingo esisodwa nasebhilidini elilodwa ukuze njengoba sikhuluma manje, izinto zibuyele kwesijwayelekile.”

Scroll To Top