Ngabe kusamele kuzwiwe ngabo ngezinkinga ezaqalwa yibo?



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Umlando kaKhongolose uveza ukuthi abaholi namalungu alenhlangano ayebuhlonipha ubudala kanye nezikhundla zabantu. Uma ubunjwa ngonyaka we-1912 abaholi ababehlangene esontweni lamaWeseli e-Bloemfontein baqoka umuntu owayengekho ngisho emhlanganweni uDkt uJohn Langalibalele Dube, uMafukuzela. Kwakungekhona ngoba abaholi ababekhona babengeke baziqoke noma baqokwe kepha kwaba ngenxa yokuhlonipha amava kaDube.
Lokhu kuqhubekile nakuzizukulwane eziningi zabaholi lapho bekukhethwa khona ngeminyaka namava eqenjini nasemzabalazweni. Ngesikhathi leli qembu liqoka ubuholi okokuqala emuva kokuvulwa umlomo kwaba uMnu uThembisile Chris Hani noMnu uWalter Sisulu esitikini owama ekugcineni kwaba ngamava.
Kwaphinda lokho ngesikhathi kuvela izinkulumo zokuthi uMandela ufisa kube nguRamaphosa ohola iqembu amava eqembu neminyaka aqoka uMnu uThabo Mbeki. Okunye obekuqapheleka yindawo labo abekade bengabaholi abahlonishwa ngayo eqenjini bethathwa njengemikhombandlela nabalamuli.
Konke lokhu sekungumlando njengoba sekukhona ukusolana phakathi komakadebona beqembu nabasha. Omakadebona bayasolwa ngokuba yingxenye yezimpi zangaphakathi nokuthatha izinhlangothi.
Abanye omakadebona abasolwa ngokuningi yilabo abake baba ngomengameli beqembu nezwe, uMnu uMbeki kanye noMnu uZuma. Laba baholi bobabili banesikhathi eside behlala esigungwini esikhulu seqembu kusuka ekudingisweni. Lokho okusho ukuthi ezinqumweni ezimbi nezinhle zeqembu amagama abo akhona. Sebephethe njengoMengameli bezwe kukhona abasolwa ngakho kuze kube yinamuhla. UMbeki nanamuhla uyasolwa ngokuthi esaliSekela Mengameli ngaphansi kukaMandela kunobufakazi bokuthi nguye owayephethe, wavuma ukuba kusuke uhlelo lwe-RDP kwangena olwe-GEAR nolwasho ukugwamandwa isibili komnotho wakuleli ngamazwe asetshonalanga. Lokhu kwemuka imisebenzi eminingi kuleli. Uyasolwa futhi uMzizi ‘ngokwedusa’ abantu ngodaba lwengculazi abagxeki bakhe abathi kwafa inqwaba. Okunye asolwa ngakho wukudala uqhekeko eqenjini nokuba ngumbumbi we-Congress of the People (COPE).
UZuma yena usolwa ngokuba ngubhongoza wenkohlakalo eyathatha lokho okuncane izwe elabe linakho. Kuthiwa nguye owendlalela itafula abakwaGupta abafike baqothula kumgodla wezwe. Okunye asolwa ngakho wukuba nesandla ekubhidlizeni izinhlaka zombuso kanye nezinkampani zikahulumeni. Abagxeki bakhe bamile ekutheni ngaphansi kobuholi bakhe elakuleli lalahlekelwa wumnotho nenhlonipho emazweni nakosomabhizinisi nabatshalimali emhlabeni jikelele. Ngoko mbiko kaMehluleli uZondo elakuleli likutavatava nje nguZuma. Lapha ngaphakathi eqenjini njengoba kunjalo kuMbeki naye uZuma uyasolwa ngokuhlukanisa phakathi iqembu.
Phezu kwazo zonke lezi zinsolo abaholi beqembu nabantu nje phaqa bayaqhubeka nokubanika indlebe laba baholi abaze baphawule besola abaphethe ngezinkinga ezaqala ngesikhathi sabo. Bobabili uMzizi noMsholozi bathola izigcawu zokuphawula bafike banikize ubuholi obukhona bazihlangule bona. UMbeki nje kamshiyi uRamaphosa kulezi zinsuku.
UZuma yize esaboshwe yimibandela yebheyili kepha naye lapho abethola khona ithuba ubengabushiyi ubuholi obukhona ngezinto ezithinta umnotho nenhlalakahle kanye nezeqembu.
Umbuzo uthi ngabe laba baholi bayisibonelo esihle yini? Sebengalalelwa ngisho ezintweni ezaqalwa yibo noma ezaqalwa bekhona?