Kuncane okusemlandweni ngeNkosi uNdlovu kaMyaluza
UMehluleli uMjabuliseni Isaac Madondo oyiPhini likaMengameli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhali wencwadi…
KuMaJali uGcugcwa wazala uBuzani owendela kwaKhumalo, uGxumshane, uMboneni, uDamu uSithe noMpondi. USakhephi waganwa uMaMkhize, uMaMthonti uNgqingo, uFunani, uGedevu noNini.
UMaKhuzwayo akatholanga ngane.
UNdabibomvu waganwa amakhosikazi amane; ukaMagwaza, uMaThusini, uMaKhumalo noMaDlamini. KukaMagwaza wazala uGwevile noMamfu. KwaMaThusini wazala uMdudeni, uMade, uNgema, uZodwa, uMafahleni uSifundo noBawinile.
KuMaKhumalo wazala uFanisile, uSifiso uNtombikhona noNtokozo. KuMaDlamini wazala uNkululeko noPhuphu. UMdudeni wazeka uMaMbambo wazala uVelile, Lindile, uSiyabonga no-Andiswa.
UNkangala wazala uMveshe noVovo (uVovo obomvu odliwa yizinyoni.) UMveshe uzale uNqabela noSikeyi. UNqabela waganwa uMaBhukwini wakwaMkhize wazala uKikiza, uSigamfu noKhinyana.
Waphinde waganwa nguMaMthambo wazala uSimpo. USikeyi wazala uVelaphi noMzukwa.
UVelaphi waganwa nguBabongile, indodakazi kaFahla, waseMantanjeni wazala uFakitshe, uMacosha uMathombi noKhethabahle. UMzukwa wazala uMpisemnyango nabanye.
UNgitheni indodakazi kaNgaphi wakwaSithole noNgakhile wakwaMadondo.
Akukho lutho olutheni umlando oluvezayo ngeNkosi uNdlovu kaMyaluza ngaphandle kwamagama abantwana bakhe. Mayelana noMatomela, indodana kaNdlovu umlando uveza amagama abantwana bakhe, amagama emizi yakhe kanye namabutho abuthwa nguye.
Akukho lutho oluthinta wonke lawa amanye amakhosi angaphambi kukaNdlovu kodwa kukhona umnyombo womndeni oxhuma kuNomafu ngqo,hhayi kulawa amanye amakhosi.
Nokuba kunabantu abacishe babe bane phakathi kwalona ogcine phezulu noNomafu, amagama abo angatholakali. Laba bantu abane abakanye noMatomela uNdlovu uMyaluza noNgogozabantu, okunguyena ozalwa nguNomafu.
Lo mndeni uwuzalo lwasebukhosini kodwa-ke ngokolibo uxhuma kude kuNomafu, hayi kulawa Makhosi aseduze.
Lena engikhuluma ngayo indlu kaMacabhela nokho akutholakalanga ukuthi uMcabhela lona wabezalwa ngubani lowo azalwe ngubani njengoba sengichazile kuze kuyofika kuNomafu. Abaqondene noMacabhela bavele nje bathi uMabhela uzalwa uNomafu.
UMacabhela wazala uNomfihlelo, ngokufihlela izinyoni abantwana bazo, yena wazala uNeno, uNkangala, uDlabekwana noVumelana. UNeno waganwaka ngamakhosikazi amathathu; uMajali, uMaShezi, indodakazi kaMgcwanyana, noMaPhungula.
KwaMajali UNeno wazala uMkhandeni, uMhawana nondlwanambana. KwaMaShezi wazala uMahlala, uNkantini noTshelabantu.
UMahlala wazala uNhlamvu. UNkantini wazala uGezizwi kwathi uTshelabantu wazala uNomafu. KwaMaPhunga uNeno wazala uGcugcwa.
UGcugcwa waganwa ngamakhosikazi amahlanu; uMaNgobese, uMaNxumalo, uMaKhumalo, uMaDlamini noMaJali.
KuMangobese wazala uSakhephi noNdabibomvu. UMaNxumalo noMaKhumalo abatholanga ngane.
UNdabibomvu waganwa amakhosikazi amane; ukaMagwaza, uMaThusini, uMaKhumalo noMaDlamini. UkaMagwaza wazala uGwevile noMamfu. KwaMaThusini wazala uMdudeni, uMade, uNgema,uZodwa, uMafahleni uSifundo noBawinile. KuMaKhumalo wazala uFanisile, uSifiso uNtombikhona noNtokozo. KuMaDlamini wazala uNkululeko noPhuphu. UMdudeni wazeka uMaMbambo wazala uVelile, Lindile, uSiyabonga no-Andiswa.
UNkangala wazala uMveshe noVovo (uVovo obomvu odliwa yizinyoni.) UMveshe uzale uNqabela noSikeyi. UNqabela waganwa uMaBhukwini wakwaMkhize wazala uKikiza, uSigamfu noKhinyana.Waphinde waganwa nguMaMthambo wazala uSimpo. USikeyi wazala uVelaphi noMzukwa. UVelaphi waganwa nguBabongile, indodakazi, kaFahla, waseMantanjeni, wazala uFakitshe, uMacosha uMathombi noKhethabahle. UMzukwa wazala uMpisemnyango nabanye.
UDlabekwana noVumelana babezalwa nguMaNongcayiza, indodakazi kaNgcayiza wakwaMadondo. Waganwa nguMajalavana wazala uGcokoda waganwa nguMamzila wazala uThembekile, uHlolimpi, uMzwakhile noFikezweni. UHlolimpi waganwa uNgitheni indodakazi kaNgaphi wakwaSithole noNgakhile wakwaMdondo. UVovo waganwa uMaMyeza noMaNtuli. UMaNtuli wamshiya eyintombi wangenwa nguGcugcwa.
INkosi uNdlovu neNkosi uMatomela
Akukho lutho olutheni umlando oluvezayo ngeNkosi uNdlovu kaMyaluza ngaphandle kwamagama abantwana bakhe. Mayelana noMatomela, indodana kaNdlovu umlando uveza amagama abantwana bakhe, amagama emizi yakhe kanye namabutho abuthwa nguye.
UMatomela
Mnikezelwa
Mangebezana
Jokozela
Bhongo
Nyamazane
Ndlendle
Mdledlana
Zwide
Zidunu
Nomabhongo
Nomadangu
Babeni
Godoyi
Gwacela
Voyizana
UMntwana uMnikezelwa, igeja elizikhevu likaNdlovu, wazala uMthantikazana yena wazala uMajaji. UMawele washiya inkosana yakhe uNyoniyezwe ezandleni zikaMajaji noSibindi kaNduluzana ukuthi bayibheke. USibindi kwaba nguye obambela uNyoniyezwe ubukhosi ngesikhathi uNyoniyezwe esemncane. UMntwana ujokozela wazala uVengeni yena wazala uMadunakazi. UMadunakazi wazala uMadubeko yena wazala uMalibeni. Kwenye indlu uJokozela wazala uThandukuwela yena wazala uNobanda owazala uMbokodo.
Emzini wakhe waseNdumazweni uNobanda wazala uGeqe. UGeqe wayenamakhosikazi ayisithupha. Enkulu kwakungumaMbanjwa, amanye kungoMaNdlovu ababili, uMaNdebele nabanye ababili abagama angasakhumbuleki kahle. Endlini yakhe enkulu uMaMbanjwa ugeqe wazala uFaye yena wazala uZwelibili, ozala oBhoyi, uBhekabantu uMvuseni noNtombi kukaMadlala. Kwezinye izindlu zakhe uGeqe wazala uMdleni, uDumakude noQondeyakhe. Bekunokuthi laba baseNdumazweni bangakwaNyamazane kodwa-ke umlando uyakuphika lokho njengoba sekuchazwe ngenhla.
UMntwana weNkosi uBhongo wazala uMbethekazi, uMkhubukeli noGilo. UMbhethekazi wazala uNduluzana yena wazala uSibindi. UMkhubukeli wazala uHlahla yena wazala uNgaqangana owazala uMehlokazulu. KuMaDlamini waseSwazini uGilo wazala uBiza. UBiza waganwa ngamakhosikazi amathathu; uMaNdlovu, uMaNzuza noMaMweli. KuMaNdlovu wazala uMqathi noDubifunda Bashingile. KuMaNzuza wazala uBhantshi Macala Mcosi, uGanana, uNomkhimbili, u-Antoniya, Nonyundu noBhekephi. UBhantshi wazala uSiphiwe, uDumisani noMthandeni Petros. UMthandeni wathatha uMaNzuza wazala uThanda, Nothando, Mthandiwokuthula, Wandile, Ntombiziningi, Thandazani, Aphelele amaBomvu. Umuzi wakubo kaMthandeni kusekuPhindeleni, eNhlonga. Namhlanje abantu benza sengathi inzalo kaBhongo ayiqhamuki ebukhosini basemaBomvini, ngomunye nje uNgubane ongaziwa. Ngokufanayo nenzalo kaNyamazane nayo igcina isithathwa njengoNgubane ongahlanise lutho nobukhosi bamaBomvu. Lokhu kudalwa ukuthi abanye balezi zindlu nabo basuke bazibize ngoNgubane Bhongo noma uNgubane Nyamazane. Lokho besekuyabaqhelanisa kulaba bakwaMatomela abayindlu yobukhosi. Ngaleso sizathu umuntu ugcina esethola abakwaMatomela sebeganana nabakwaBhongo nabakwaNyamazane, bethi akusibona abendlu yakubo. Lokho kungamanyala nehlazo elikhulu kakhulu. Akusilo iqiniso ukuthi inzalo kaBhongo noNyamazane bangabenye indlu nje. Bangabantwana beNkosi uNdlovu, onguyise kaMatomela. Okubonisa ukuthi uBhongo, uNyamazane noMatomela bangabomuntu munye, ukubanjelwa kukaNyoniyezwe ebukhosini nguSibindi kaNdyluzana wendlu kaBhongo kwakugcwalisa lokho.