Izinyunyana zibona intuba ngokusondela kwekaKhongolose


Ukusondela kwengqungquthela yokukhetha ubuholi kuKhongolose ezobanjwa ngoZibandlela sekuqalile ukuzwakala ezingxenyeni ezihlukene njengoba nezinyunyana zibonakala zisisebenzisa lesi sikhathi ukudlulisa imiyalezo yamalungu azo.
Kulabo ababheke ukuhola lo mbutho emuva kwengqungquthela, akukho ukuthi bangayishaya indiva imiyalelo yezinyunyana ngoba zineqhaza elimqoka.
Ukuvusa ikhanda kwezinyunyana kubonakale mhla zingama-24 kuNcwaba lapho kube ngokokuqala ukuba iCosatu neSouth African Federation of Trade Unions (Saftu) badle ngankezonye.
Lapha kwabe kuyimashi nemibhikisho kazwelonke ngesimo sokukhuphuka kwezinto kusuka kuphethroli, ukudla nesibalo esikhulu sabantu abangasebenzi.
Kuyinto engajwayelekile ukuthi iCosatu edlelana neqembu elibusayo ihole umkhankaso obonakala ugudla uhulumeni. Lokhu nje kukodwa kwakuthumela umyalezo ku-ANC ukuthi igawule ibheke engqungqutheleni yangoZibandlela.
Nakuleli sonto iSaftu, uNobhala Jikelele wayo okunguMnu uZwelinzima Vavi iphinde yamemezela ukuthi kungekudala abasebenzi bakahulumeni nezinyunyana ezingaphansi kwayo bazongenela ukhukhulelangoqo wesiteleka samaholo.
Abasebenzi babhikishe ngaphandle kwamahhovisi omkhandlu iPublic Service Co-ordinating Bargaining Council (PSCBC). Bafuna umqashi abuyekeze isiphakamisa sakhe sokwenyusa amaholi ngamaphesenti amathathu.
Ngokusho kwezinyunyana sekuphele iminyaka emithathu bebhekene nesimo sokwenyuselwa amaholo ngendlela engagculisi, kokunye benganyuselwa kwanhlobo.
Zibalula ukuthi ngonyaka wezi-2020 abasebenzi bakahulumeni abanyuselwanga, kwathi ngonyaka olandelayo wezi-2021 banyuselwa nge-1.5%, njengoba nakulokhu benunuselwa ngawo u-1.5%.
Izinyunyana zimi kwelokuthi zagwinya itshe ngonyaka wezi-2020 ngenxa yokuzwelana nohulumeni ngesikhathi sokhuvethe, noma lesi kwabanye abakuhulumeni kwaba yisikhathi sokuzicebisa.
Kulokhu izinyunyana zishaya phansi ngonyawo zithi sezimbekezelele kakhulu umqashi, kodwa engxenye inkohlakalo idla lubi. Kubasebenzi abamelwe yizinyunyana kukhona amaphoyisa, onogada, othisha, abasebenzi bakahulumeni emahhovisi nalabo abaqashwe yiyo i-ANC eLuthuli House nasemahhovisi ezifundazweni.
Inyunyana iPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru) ithi lingawa licoshwe izinkukhu yona imile ekufuneni i-10%. Le nyunyana ibonakale njengephambili kumbhikisho obandle eZindlini Zombuso ePitoli ngoLwesibili.
Ngale mibhikisho kuyacaca ukuthi izinyunyana zithumela umyalezo eqenjini elibusayo nakulabo ababheke ukuhola umbutho emuva kwengqungquthela.