Now Reading
Uyafudumala umbango wokuba nguNobhala-Jikelele we-ANC
Dark Light

Uyafudumala umbango wokuba nguNobhala-Jikelele we-ANC

Isizukulwane esisha sabaholi be-ANC sibheke ukuthatha amahhovisi kaNobhala-Jikelele eLuthuli House. OwayenguNobhala wesifundazwe KwaZulu-Natal uMnu uMdumiseni Ntuli (osesithombeni), ilungu le-NEC uMnu uFikile Mbalula noGwen Ramokgopa kuyavela ukuthi  bafuna  lesi sikhundla. IHhovisi likaNobhala Jikelele  alinamuntu njengamanje njengoba kumiswe uMnu u-Ace Magashule kanye nokudlula emhlabeni kwePhini likaNobhala-Jikelele uNkk uJessie Duarte. UNtuli uthi, “Ngizinikele kunoma yisiphi isikhundla inhlangano engibizele kuso”. 

UMbalula uthemba ukuthi kulokhu uzoba nenhlanhla asithole lesikhundla ngemuva kokuhlulwa kanzima nguGwede Mantashe ngowezi-2012, kanti uNtuli unomsebenzi onzima wokuthola ukwesekwa yisifundazwe aphuma kuso KwaZulu-Natal. 

UNtuli ophumele obala uthi akakaze anqabe uma ebizwa ngamagatsha eqembu. “Sengike ngaba nokuxoxisana kaningi namaqabane akhulume nami ngalolu daba ukuthi ngingakwazi yini ukuhola le nhlangano ikakhulukazi isikhundla sikaNobhala-Jikelele, ngeke nginqabe futhi ngeke ngikhethe ukuthi yisiphi isikhundla, Ngizosamukela isikhundla amalungu e-ANC abona kufanele ukuthi ngisebenze kusona,” kusho uNtuli.

UMgcinimafa wesifundazwe saseMpumalanga, uMandla Msibi, uthe izizukulwane ezincane eqenjini akumele zigxume ulayini. 

See Also

UMsibi uphonsele inselelo isizukulwane sikaMbalula ukuthi kube nguyena ozohola i-ANC kuzwelonke. “Isizukulwane esilandelayo okufanele sihole i-ANC kuzwelonke ngesikaFikile Mbalula. Ngeke sitshelwe abantu abasanda kungena kule nhlangano ukuthi iyini i-general mix, lokhu akuhambisani neminyaka,” kusho uMsibi. 

UNtuli uthi nokho akulungile ukuphetha ngamagama obuholi ngaphambi kokwazi umsebenzi okuzomele abaholi abasha bawenze. “Ngicabanga ukuthi kuzoba wumqondo ophusile ukuphetha ngendaba yobuholi ngaphandle kokuqonda uhlobo lohlelo okumele ubuholi bulwenze uma sebukhethiwe,” kusho uNtuli. Abaholi abaphezulu be-ANC kubukeka sengathi bashiye isikhundla sikaNobhala-Jikelele  ezizukulwane ezincane. Isikhundla esisebenza ngempumelelo njengoMphathi Omkhulu weqembu elibusayo.

Scroll To Top