Now Reading
UNxesi ubabaza ihaba athi lenziwa yilabo abathi kucwaswa abokufika
Dark Light

UNxesi ubabaza ihaba athi lenziwa yilabo abathi kucwaswa abokufika

INingizimu Afrika idinga ukubhekana nezingqinamba zengqalasizinda ngokushesha, ikakhulukazi ukushoda kokuphakelwa kukagesi namanzi ukuze iguqule umnotho futhi ixazulule izinselele zenhlalo-mnotho.

Izithunywa ebeziseNgqungqutheleni yeNEDLAC eMidrand zizwe ukuthi isikhathi sokukhuluma sesidlulile manje sekuyisikhathi sokuthi kuqaliswe izinhlelo zokuthuthukisa umnotho nokudala amathuba emisebenzi. 

IBusiness Unity South Africa (BUSA), emele osomabhizinisi abahlelekile, ithi izwe kumele likubeke eqhulwini ukulwa nobugebengu nenkohlakalo, libhekane nengwadla yokungahlali kahle komphakathi. 

Abe-Organised Business bathi iNingizimu Afrika iveza isimo esingesihle sokutshala imali kubatshalizimali bakuleli nabangaphandle. Izihambeli zitshelwe ukuthi isimo samandla kagesi sidinga ukunakwa okuphuthumayo, kanye nezimemezelo zokuthi kuqaliswe ukusebenza ngokushesha kohlelo lwezamandla. Ingqalasizinda yamanzi engalungile ithinta imiphakathi kanye namabhizinisi ngokufanayo. 

Ibhizinisi lithi lokhu, kanye nokugcinwa komthetho okuntekenteke kanye nokungaqiniseki kwenqubomgomo, kudinga ukulungiswa ukuze kuguqulwe isithombe sibe ngcono. 

“Uma singasukumi ngokushesha ukufeza isimemezelo sikamengameli, sizophinde siwele ogibeni lokuba nezinhlelo esingazifezi futhi isimo samandla kungenzeka ukuthi singezinye zezinto ezibucayi neziphuthumayo okufanele sibhekane nazo, sikholwa wukuthi uma sibambisene singakwenza lokho,” kusho isikhulu seBUSA uCas Coovadia. 

UNgqongqoshe wezabaSebenzi uMnu uThulas Nxesi uthi akulungile ukuthi kuthiwe iNingizimu Afrika icwasa abokufika. Lokhu kubhekiselwa ekwandeni kwemizwa emelene nabafuduki, okugqugquzelwa ukuncintisana kwezinsiza namathuba ezomnotho. 

See Also

UNxesi uthi umgomo wokufuduka kwabasebenzi uzosiza ekuxazululeni le nkinga. “Alukho ubandlululo eNingizimu Afrika abantu bavele benze ihaba uma bengafuni ukwenza ucwaningo, impi imayelana nokushoda kwezinsiza phakathi kwabampofu futhi ngifuna ukusho ukuthi sihlongoze inqubomgomo yokufuduka kwabasebenzi ekhuluma ngezinto ezine  noma ezinhlanu.”

Abasebenzi abasemthethweni ngakolunye uhlangothi bafuna ukuguqulwa kwemithetho yezabasebenzi ukuze ihambisane nezwe elishintshayo lomsebenzi elethwa wukhuvethe. “Ulisebenzisa kanjani isonto lamahora angama-40 noma angama-48 ekhaya? Kunzima kakhulu. UNxesi ubalule icala labasebenzi abalimala besebenza emakhaya, ufaka kanjani isicelo sesinxephezelo bazosala uma sithembekile sisebenza kude,” kusho uMatthew Parks weCosatu. 

Izithunywa zomphakathi zathi  kunesidingo sokuthi kube nohlaka olusha lwezenhlalakahle futhi kufanele lubeke eqhulwini ukukhula komnotho, ukuvulwa kwamathuba emisebenzi kanye nokusiza umphakathi ukulwa nendlala emiphakathini.

Scroll To Top