Now Reading
Ngabe iyozala nkomoni: Uyashuba umbango waSekela Mengameli kuKhongolose
Dark Light

Ngabe iyozala nkomoni: Uyashuba umbango waSekela Mengameli kuKhongolose

Amagama ayaqhubeka nokuvela abaphakanyiswa ngokuthatha isikhundla sokuba yiPhini likaMengameli we-African National Congress (ANC). Isikhundla sesibili se-ANC sibheke sisematheni kulezinsuku, njengoba amagatsha ehlukene ezweni lonke ephakamisa abazovala isikhala sePhini likaMengameli, uMnu uDavid Mabuza.

Isigungu esiphezulu saseMpumalanga silaxaze ngokusemthethweni uMabuza njengePhini likaMengameli sivuna uMnu uRonald Lamola. ILimpopo neGauteng okungenzeka ukuthi iNorth West zigaqele ilungu le-NEC ye-ANC, uMgcinimafa uGeneral Paul Mashatile njengePhini likaMengameli olandelayo kanti i-Eastern Cape ifuna u-Oscar Mabuyane. Ihhashi selingene e-Eastern Cape, Limpopo, North West naseMpumalanga ngesikhundla sokuba yiPhini likaMengameli we-ANC kodwa akukavunyelwana okwamanje.

Uma iMpumalanga ivuna  uLamola, umgcinimafa esifundazweni uMandla Msibi kubukeka engahambisani nokuphakanyiswa kukaLamola. “Akekho umuntu ozositshela ngomafikizolo lapha kulo mbutho. Uma usitshela nge-general mix asikhulumi ngeminyaka. Sikhuluma ngezizukulwane zokuhlukana. Ngakho isizukulwane esilandelayo okufanele sihole kuzwelonke yisizukulwane sikaMbalula kanti esifundazweni yimi noLindiwe.”

Izikhulu zezifundazwe iMpumalanga neKwaZulu-Natal zibambe umhlangano ngengqungqutheleni yokukhetha ubuholi ngoZibandlela. Nokho zombili lezi zifundazwe zihlukene phakathi mayelana nokuthi yibaphi abaholi okumele bathathe izintambo zeqembu

UMsibi uthi akulungile ukulahla uMabuza ngaphandle kokumnikeza incazelo. “SiyiMpumalanga, besikucacele sonke njengeMpumalanga ukuthi sonke siseka uDD Mabuza, manje uma kukhona okumele sishintshe noma senze okuthile kumele sibize uDD Mabuza sithi senihlulekile ngokwepolitiki,” kuchaza uMsibi.

ULamola uqokwe njengePhini likaMengameli yiMpumalanga, kwathi uMdumiseni Ntuli noFikile Mbalula kunezinkulumo zokuthi bazobanga isikhundla sokuba nguNobhala-Jikelele.

See Also

USihlalo wesifundazwe saseNorthern Cape, uZamani Saul, akaguquki ngesifiso sokuthi isizukulwane esisha sihole i-ANC. “Akukho ukuvuselelwa okufanele kukhiphe abantu abasha. Sifuna abaholi abasebasha ku-top 6, abantu abasha abadla lubi abakhuliswe yi-ANC. Asikwazi ukuba nomnyakazo osaba ukuba nawo. I-generational mix, kumele uzwe iphunga le-generational mix,” kuchaza uSaul.

Lowo ogaqele isikhundla sokuba Iphini likamengameli uLamola uthe sekunesikhathi eside abantu abasha bekhohliswa ku-ANC kuthiwa abalinde. “Mangisho ukuthi kuyangijabulisa eMpumalanga ukuthi abantu abasha bakhuphule izikhundla kuKhongolose, uma kuthiwa seqa ulayini ungalinda unomphela, uMbalula walinda. Ngeke silinde.”

UPaul Mashatile owasinda eqokwa njengeBamba likaNobhala Jikelele njengamanje uhola ithimba lalabo abagaqele isikhundla sePhini likaMengameli weqembu, uMamoloko Kubayi naye usemajukujukwini ugqugquzela amalungu kaKhongolose ukuthi angene esikhundleni sokuba iPhini likaMengameli. Nokho amagatsha yiwona azoba nezwi lokugcina njengoba kuzoqala ukuqokwa.

Scroll To Top