UKhongolose usuqalile ukuzwa amanzi ngobhoko ngengqungquthela



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli we-African National Congress (ANC), uMnu uCyril Ramaphosa, uthe uhlelo lokuqokwa kwabaholi abazongenela ingqungquthela yama-55 yeNational Elective Conference (NEC) ngoZibandlela luzoba ngeyentando yeningi lapho kuzokhethwa khona abaholi abasemthethweni ukuthi babambe iqhaza kwiqembu.
INEC yazise wonke amalungu e-ANC ukuthi ukuphakanyiswa kwamagama kuzovunyelwa kusukela ziyi-8 kuMandulo kuze kube ingqungquthela ngoZibandlela .
Umkhankaso we-ANC othi Letsema Campaign wethulwa ngomhla zingama-23 kuMbasa wezi-2022 eMangaung futhi kuhloswe ngawo ukubeka izinhlaka ze-ANC phambili ekuxazululeni izinselelo zomphakathi, okuhlanganisa ukuhlinzekwa kwezidingongqangi kanye nokubandakanywa komphakathi.
Ukhulume nabezindaba eDelmas, eMpumalanga ngesikhathi somkhankaso iLetsema.
Uthi bonke abazimisele ngokungenela ukhetho ezikhundleni zobuholi bakhululekile ukwethula imikhankaso yabo.
“Amagatsha e-ANC alinganiselwa kwizinkulungwane ezine (4000) azongena ezikhundleni zokuqokwa kwalabo angathanda ukubabona ebuholini be-ANC engqungqutheleni kazwelonke, iNgqungquthela yama-55 ye-ANC. Asilindele futhi ngeke kube khona ukuphazamiseka, udlame, kuzoba yizinqubo ezihleleke kakhulu ezihambisana nesiko lentando yeningi le-African National Congress,” kusho uRamaphosa.
Iphrojekthi yokuzivuselela
Uthe i-ANC kumele iqinise umsebenzi wayo wokuziselela kabusha iphinde ibuyise udumo lwayo emphakathini. Utshele amalungu ukuthi ikusasa le-ANC lincike emagatsheni.
“Maqabane sizobe sigxile ekuvuseleleni i-ANC. Futhi lena siyithatha njengento ephuthumayo ngoba iyadingeka ukuthi i-ANC izivuselele. Ngenxa yokuthi izinselelo esibhekene nazo njenge-ANC zichazwe kabanzi, sikhulume ngazo…zikhona ezinqumweni zethu, zisezimemezelweni zethu, zisemibhalweni eminingi.”