Now Reading
Izinyembezi zendoda kaziweli phansi
Dark Light

Izinyembezi zendoda kaziweli phansi

USimon Mthethwa wahlangana nomkakhe eMandeni wamlobola waqeda, bachitha iminyaka engaphezu kwamashumi amane bendawonye. UMnu uMthethwa wagcina ethola isiza eNanda Newtown C438 lapho azakhele khona umuzi, wahamba wayofundela ukwakha izindlu ngenhloso yokuzakhela umuzi wakhe ngezandla zakhe. Ingxenye enkulu emshadweni wakhe ibijabulisa, kuze kwaba ngasekugcineni lapho konakale khona izinto. 

Inkinga ibonakala ngathi iqale ngesikhathi soKhuvethe. Unkosikazi wakhe wagula ngenxa yeCovid 19 kunguMnu uMthethwa owayemnakekela. Enye yamadodakazi abo yafika ekhaya izobheka unina, unina wayitshela ukuthi uyise akamnakile ngoba egula, ngalo lolo suku, uMnu uMthethwa wayenomhlangano nomqashi wakhe, umqashi owayemnika amatoho makukhona umsebenzi okhona. 

Ngalo lolo suku, enye indodakazi yabo ehlala eHillcrest yashayela uMnu uMthethwa ucingo imtshela ukuthi noma umndeni usungahlukana phakathi kuxatshanwe ngenxa yalokho unina nodadewabo ababemtshele kona. Ngesikhathi unkosikazi wakhe engeniswa esibhedlela ngenxa ye-Covid19, akekho noyedwa wezingane zabo owayezimisele ukumtshela uMnu uMthethwa ukuthi unina ukwesiphi isibhedlela kodwa kamuva wazitholela ukuthi ungeniswe kusiphi. Emva kokuthola ukuthi unkosikazi ukwesiphi isibhedlela, uMnu uMthethwa wavukela khona ngakusasa ekuseni, akakwazanga ukungena esibhedlela ngenxa yemibandela ye-Covid, kodwa wamshiyela umyalezo. 

Ekuphumeni kwakhe esibhedlela akabuyelanga ekhaya wakhetha ukuhlala nezingane zakhe emzini yazo, kwathi uMnu uMthethwa wasala yedwa ekhaya. NgoZibandlela , kwashona umne wabo kaMnu uMthethwa oLundi, waya emngcwabeni. Ngesikhathi kushona umnewabo  unkosikazi wakhe akayanga emngcwabeni, wayesahleli khona emzini wezingane zakhe. Kodwa uMnu uMthethwa uma ebuya umfica usegcwele umuzi. Balala ngaphansi kophahla olulodwa ngalobo busuku kodwa balala behlukene, umkakhe elele egumbini labo lokulala yena elele ekamelweni lokuphumula. Ngakusasa ekuseni, uMnu uMthethwa wabuza ukuthi bangaxoxa yini nomkakhe, kodwa umkakhe wacela ukuthi akhulume nezingane zabo hhayi naye. 

Indodakazi yabo ehlala eHillcrest yayisendleleni eza khona eNanda, kwathi ifika baba nengxoxo ende noyise. Kubukeka sengathi kuningi ukungezwani, kwaze kwafika ekutheni undodakazi amthathe uMnu uMthethwa ayohlala naye emzini wakhe oseHillcrest, kwaze kwaba umhlaka zi-9 kuMasingana. 

See Also

Wanquma ukubuyela kwakhe, wathi efika wahlangabezwa isango elikhiyiwe. Ngesikhathi ebuza ukuthi ukuphi umkakhe, ingane esemzini wakhe yamtshela ukuthi akamazi ukuthi uyephi. Wathi uma emfonela umkakhe wamtshela ukuthi usedolobheni ulinde ingane evela eGoli, leyo ngane kumele iyiswe eThekwini, uMnu uMthethwa wathi kulungile uzomlinda. Esalindile qham thushu memfu umkakhe esefika nama phoyisa wanikezwa iprotection order uMnu uMthethwa kwathiwa angabe esangena ekhaya. Ngaphandle kokuchazelwa ukuthi konakelephi, wacela ukuthatha ingubo yokulala nebhokisi lakhe lamathuluzi nemoto, wasala kanjalo umuzi awakha ngezithukuthuku zakhe. Walala emagaraji ngemuva kwalokho ngaphambi kokuthi ayokhosela kowayesebenza naye – asahlala naye ehostela KwaMashu. 

Ngesikhathi unkosikazi kaMnu uMthethwa eshona, uthi izingane zakhe zamtshela ngokudlula kwakhe emhlabeni ngemva kwamahora ali-19. Ngenhlanhla wavunyelwa ukuthi angcwabe umkakhe kodwa akavunyelwanga ukuthi abuyele emzini wakhe. uMnu uMthethwa usezamile ukufuna izindlu kuhulumeni kodwa akasizakali. uMnu uMthethwa udinga usizo lokuthola umsebenzi njengomshayeli, njengoba engumshayeli ngokomsebenzi, ukuze akwazi ukuqala impilo yakhe kabusha. 

Scroll To Top