Indoda eyazakhela unodoli wagcina usungumuntu
Esikhathini esedlule ezweni i-Italy kwakuhlala indoda endala eyabe ingumakhi wamawashi. Esitolo sale ndoda ogama lwayo kwakungu Geppetto kwakuhlale kukhala amawashi, Tick-tick-TOCK! Tick-tick-TOC. Uma uGeppetto esebenza wayehlala njalo ejabule. Uma ephumule wayefikelwa umzwangedwa, acabange kakhulu. “Nkosi yami” Wayethula acabange. “Impilo yamio yonke anginazo izingane engingathi ngezami!” Ngelinye ilanga uGeppetto wabaza upopayi ngokhuni wawenza umfanekiso wengane yomfana. Wenza izingalo nezinyawo kulo popayi, wazenza ngendlela yokuthi zikwazi ukunyakaza. Wawenzela izingubo ezinhle zokugqoka, kwaba sengathi umfana wangempela ophilayo. “Ngizokubiza ngoPinocchio,” kusho uGeppetto. Ngalelo langa wathatha lo popayi wokhuni wawulalisa embhedeni. Ngaphandle kwakunenkanyezi enkulu eyayikhanya kakhulu. UGeppetto walunguzangewindi wabona le nkanyezi eyayibenyezela.
“Nkanyezi ebenyezelayo,” kusho uGeppetto. “Uma ngingenza isifiso kungaba ngesomfana wangempela okungowami.”Kodwea wayazi ukuthi lokho akuyona into elula.
Ngalobo busuku kwaphinda kwafina yona leyo nkanyezi yakhanyisa ngasegunjini lika Geppetto. Yashintsha yaba iBlue Fairy eyandizela ngasembhedeni. “Popayi omncane wokhuni,” kusho iBlue Fairy. “Ekuseni uzobe usukwazi ukuhamba njengomfana wangempela. Wathinta upopayi ngesicholo sakhe. “Uma ngelinye ilanga uzikhombisa ukuthi unesibindi futhi uneqiniso, uyoba umfana wangempela.” Amehlo kaPinocchio avuleka
“Okunye kokugcina,” kusho iBlue Fairy. Ngokuphazima kweso kwaqhamuka icricket. Yayigqoke iconsa futhi ikwazi nokukhuluma!. Ngicela ukukwazisa kuCricket”, kusho uBlue Fairy. Uzohlala nawe akusize ukuthi ukwazi ukwenza izinqumo ezikahle.” Emuva kwalawo mazwi iBlue Fairy yashabalala, yaphumangewindi yaze yayosithela emafini.
Ngesikhathi uGeppetto esevuka ngakusasa, wathi,”Ake ngihambe ngiyothatha upopayi wami embhedeni.” Kodwa wathola umbhede ungenamuntu!
“Nakho lapha ngikhona baba!” kusho uPinocchio engale kwekamelo lokulala.
UGeppetto waphenduka wabheka. “Ini? Ukwazi ukukhuluma?”
“Yebo! NginguPinocchio, umfana wakho!”
“Ingenzeka kanjani into efana nalena?” kusho uGeppetto ngokushaqeka. Wabe esethi, “Kodwa nginendabani?” Wahluleka ukuzibamba wasondeza lo popayi esifubeni wawugona. “Pinocchio, ndodana yami!” esho ngenkulu injabulo.
Ufuna ukuya esikoleni
Ngelinye ilanga uPinocchio wathi, “Ngifuna ukuya esikoleni njengabanye abafana.”
“Nakanjani, “ kusho uGeppetto. Kodwa wayengenayo imali yokuthenga izincwadi zesikole.
Ntambama uGeppetto wabuya ekhaya ephethe izincwadi zesikole. “ Manje usungakwazi ukuya esikole,” kusho yena.
“Kodwa baba liphi ijazi lakho elifudumele?”
Ekhuluma ephakamisa isandla uGeppetto wathi,” Ungakhathazeki nakancane ngalokho. Okumqoka ukuthi kusasa uzoya esikoleni!” Wayengafuni ukuthi uPinocchio azi ukuthi uthathe ijazi lakhe elifudumalayo walidayisa ukuze athenge izincwadi zesikole.
Ngakusasa ekuseni uPinocchio wavalelisa kuGeppetto.
Wahamba ngendlela ebheke esikoleni, ehamba ecula kancane. ICricket yayihleli ehlombe lakhe, nayo ijabule.
Endleleni bahlangana neFox neKati.
“Niyaphi ngalolu suku oluhle kanje? kusho iFox
“Ngiya esikoleni!” kusho uPinocchio.
“Ngosuku olumnandi njengalolu, kuhle ukuya esikoleni?” kusho iFox! Kumele uhambe nathi.”
“Lalela mina,” kusho iFox. Wabeka izandla zakhe kuPinocchio ngasehlombe. “Noma yini ofuna ukuyazi , uzoyifunda laphaya sizobuye siye khona emcimbini.”
“Ngempela?” kusho iPinocchio.
“Thathela kimina,” kusho iFox.
“Pinocchio!” kusho iCricket. “Akazi ukuthi ukhuluma ngani lowo!”
IFox yamboza iCricket ngesigqoko sayo. Akekho owayekwazi ukuyiswa iCricket ngobayayincanyana, “Pinocchio, ungamlaleli lowo!”
“Kulungile!” kusho uPinocchio. “Asihambe ke!” Nebala bahamba bonke.
Sebesemcimbini
Kwakungumcimbi omkhulu owubukhazikhazi! Ngasesangweni kwakukhona indoda eyayigqoke izingubo ezimhlophe. Yamemeza, “ Wozani ngaphakathi, Wozani ngapha. Thathani amathikithi enu lapha.
Ebukeka edumele uPinocchio wathi kuFox naseKatini, “ Anginalo ithikithi.”
Kwakukhona indoda eyayidayisa izinto ezindala etafuleni elingasesangweni. Le ndoda yamemeza, “Heyi nina,! Ngidayiseleni lezo zincwadi zenu zesikole! Iyona ndlela eningathola ngayo imali yamathikithi leyo.”
Ngaleso sikhathi kwakumnandi kufiwa ngaphakathi emcimbini, kwasa ngokunye uPinocchio esebone ukuthi usedayise izincwadi zakhe zesikole ngenxa yamathikithi.
“Yima Pinocchio,!” kusho iCricket, eyagcina iphumile ngaphansi kwesigqoko sikaFox. Kodwa uPinocchio, iFox kanye neKati abazange bamuzwe. Base bengaphakathi emcimbini.
Esteji kwakunombukiso wopopayi!. Nami ngimgupopayi!” kusho uPinocchio.
“Nami ngingadansa ngale ndlela!” Wagxuma wangena esteji waqala wadansa nabanye opopayi
“Buka upopayi omusha? kusho omunye. Emangele!”
“Awunazo izintambo?” kusho omunye. “Okunyeke lokhu!”
Wonke umuntu wayehleka into engapheli. Baphonsa imali esteji.
Indoda eyayiphethe umcimbi
Le ndoda yabona imali ingena igingqika esteji. “Uyabona ke isho inwaya isilevu. “Lo popayi ongenazo izintambo uzongicebisa!”
Ngokuphazima kweso uPinocchio bamthatha bamvalela ekhejini, kwavalwa umnyango.
“Ngivuleleni, ngikhipheni lapha” kuzikhalela uPinocchio. Kodwa umuntu owayemvalele wayesehambile. ICricket kuphela eyezwa ukukhala kukaPinocchio. ICricket yehla yenyuka ichatha uhlanya, ingenaiphupa ekhejini lezinyoni, izama izindlela zokuqaqa ingidi, kodwa yahluleka ukuyiqaqa.
“Ngivalelekile!” kuzikhalela uPinocchio. “Kwenzeke kanjani lokhu kimina?”
Ngokuphazima kweso kwase kukhona iBlue Fairy.
“Ngiyaxolisa!” kusho uPinocchio. “Ungakwazi ukungisiza?”
“Awungitshele kuqala,” kusho iBlue Fairy. “Ungene kanjani ekhjini?”
“Mtshele ukuthi kwenzeke kanjani,” kusho iCricket.
Angamtshela uBlue Fairy ukuthi kwenzakaleni? Uzocabangani ngaye?
“Hmm, Empeleni ngibanjwe inkunzi,” kusho uPinocchio.
“Ngabe kunjalo?” kusho uBlue Fairy ngokucasuka. Ikhala likaPinocchio laqala lafutheka.
“Yebo ngibanjwe inkunzi!” kusho uPinocchio. “Ngamadoda amabili kuya kwamane!”
Ikhala lakhe lakhula kakhulu
“Bathathe izincwadi zami. Bangilethe lapha, bangifaka ekhejini!”
Ikhala lakhula kakhulu kunakuqala, kwaze kwaba ukuthi uPinocchio akasakwazi nokubona lutho olwaluphambi kwakhe ngenxa yobukhulu bekhala.
“Kungani ikhala lami lilikhulu kanje?” kuzikhalela uPinocchio.
“Pinocchio!” kusho iBlue Fairy ngezwi eliqinile. “Kumele wazi ukuthi iqiniso lithini.”
“Ngicabanga kanjalo,” kusho uPinocchio. “Nami bengifuna ukuza emcimbini. Ngize lapha noFox neKati.”
Ikhala lathi ukwehla ukukhula.
“Bekumele ngidayise izincwadi zami ukuze ngithole amathikithi.”
“Bekumele wenze njalo?” kusho uBlue Fairy.
“Ngiqonde ukuthi, Ngithathe isinqumo sokudayisa izincwadi zami ukuze ngithole amathikithi,” kusho yena.
Ikhala lehla kakhulu kulokhu
“Omunye ube esengifaka ekhejini,” kusho yena.
Ikhala labuyela kwelijwayelekile. “Umsebenzi omuhle, Pinocchio!” kusho uCricket.
“Wenze kahle,” kusho uBlue Fairy. “Manje ngizokukhipha lapha.”
Ephakamisa isandla uPinocchio waphuma ekhejini.
“Nazi izincwadi zakho.” UPinocchio wayesebambe zona izincwadi zakhe zesikole ezintsha esandleni sakhe.
“Yazi lokhu,” kusho uBlue Fairy, “kusuka manje uwedwa kulokhu. Esikhathini esizayo qinisekisa ukuthi wenza izinto ngendlela.” Washo kanje maqede wanyamalala.
UCoachman
UPinocchio wayesebuyele endleleni ebheke esikole. Kwabe sekudlula uCoachman ngemoto yakhe. “Heyi mfana, awufuni ngokuthathe?”
“Cha, ngiyabonga,” kusho uPinocchio. “Ngiya esikoleni.”
“Uzohamba ngokushesha nami,” kusho uCoachman kuPinocchio. Wacabanga ekhuluma yedwa, “Uzohamba ngokushesha kulungile, kodwa angeke aye lapho ecabanga ukuthi uya khona!”
“Kulungile,” kusho uPinocchio. “Njengamanje ngifuna ukuya esikoleni!”
Ngesikhathi uPinocchio esengaphakathi ebhasini, uCoachman wathi, “Awusho mfana, ucabanga ukuthi kungani abafana abanjengawe bethanda ukuya esikoleni?”
“Ukuthi bafunde izinto,” kusho uPinocchio. “Baphinde bakhule futhi, Ngiyacabanga. Ngaleyondlela singenza noma yini esiyithandayo.”
“Kulungile,” kusho uCoachman, “ungathini uma ngingakutshela ukuthi ungenza noma yini oyithandayo njengamanje?”
“Njengamanje?”
“Yebo! Cabangisisa ngayo. Shiya izincwadi. Shiya isikole. Njengamanje, ungathanda kanjani ukuthola u-ice cream ozowudla!”
“Wonke u-ice cream?”
“Yebo. no-ice cream, futhi. Wazo zonke izinhlobo. Uyafuna ukubhema ugwayi noma udlale kwi swimming pool? Konke lokhu nokunye, esiqhingini iPleasure.”
“Isiqhingi iPleasure?”
“Indawo enhle kunazozonke emhlabeni kubafana abanjengawe!”
“Ungamlaleli lowo, Pinocchio!” kumemeza uCricket.
“Usalindeni?” kusho uCoachman. “Ngiyazi ukuthi ikuphi iPleasure Island. Namuhla usuku lwakho lwenhlanhla, mfana wami. Uthini ngalokho?”
“Asambe siye lapho!” kusho uPinocchio. “Ngiya esiqhingini iPleasure!”
“Kulungile!” kusho iCricket, ephakamisela isandla sakhe emoyeni.
Esiqhingini iPleasure
Emuva kwesikhathi icoach yama. “Uhamba nomfana kulelo bhasi?” kusho umuntu owaqhamuka esikhaleni kuCoachman.
“Yebo.” UCoachman wadonsa uPinocchio wamphonsa phansi. Ungamthatha . Kodwa khokha njengamanje.