Ungoti uchaza ngokungahle kwenzeke kolukaZuma



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ungoti wezomthetho uthi kungenzeka ukuthi eminye yemihlomulo yempesheni yowayenguMengameli wezwe, uMnu uJacob Zuma, igcinwe, kulandela isinqumo esimfishane esiphumile ngodaba lezigidi eziyi-R6.5 ebekade ewukweleta. Umqaphi weVBS Mutual Bank kumanje ulinde ikhophi esayiniwe yesinqumo esifinyeziwe seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngaphambi kokuba enze incwadi egunyaza ukushaqwa kwempahla yalowo owayengumengameli .
Lokhu kwenzelwa ukukhokhela imali esele eyizigidi eziyi-R6.5 kanye nenzalo yemali ebolekiwe uZuma angayikhokhi. UZuma waboleka kwaVBS ngowezi-2016 ukuze akhokhele umbuso ngokulungiswa kwezokuphepha emzini wakhe oseNkandla.
Umqaphi weVBS Mutual Bank u-Anoosh Rooplal ufake isicelo enkantolo ngowezi- 2019. Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi uZuma ehlulekile ukukhokha imali ayibolekile. Okhulumela umqaphi weVBS , uLouise Brugman, uthe isinqumo esifingqiwe ngesokukhokha ngokushesha futhi balinde ikhophi esayiniwe yomyalelo ngaphambi kokuba baqale ukubhala incwadi egunyaza ukuthi kushaqwe impahla ukuze usherifu anamathisele impahla kaZuma. Indawo okwakhiwe kuyo umuzi kaZuma eNkandla, ayiyona ingxenye yomyalelo njengoba lomuzi usemhlabeni we-Ingonyama Trust.
Ungoti wezomthetho eNyuvesi yasePitoli, uSolwazi uLlewellyn Curlewis, uthe uZuma angase afake isicelo enkantolo ukuze kuhoxiswe isinqumo esifingqiwe. Uma kukhulunywa ngokukhishwa kwesinqumo esifingqiwe, uCurlewis uchazae ukuthi kungenzeka ukuthi umqaphi angase anamathisele ezinye zezinzuzo zempesheni kaZuma. “Okunye, uma sekukhona impahla enjengemizi etholakalayo, ngokuvamile okwenzekayo, bese kukhishwa incwadi egunyaza impahla enokudliwa. Futhi ngokwezinga lapho zingekho izimpahla ezanele ezigudlukayo ezinganamathiselwa ngokuvuna abakweletwayo, kusho ukuthi zonke ezinye izinto ezihambayo njengezinzuzo zempesheni ngokwesibonelo. Ngakho, kuyinqubo. Akuyona into enikeziwe. Umqaphi kufanele akhombise inkantolo ukuthi imali kufanele ibe kuphi.”
Ephawula ngalo myalelo, umnikazi wamasheya eVBS aphinde abe ngumsunguli weVBS uMadambi Muvhulawa uthe uZuma kumele ahloniphe isivumelwano sakhe sokuboleka imali.