Now Reading
Idle ngokudepha indlela okwadaleka ngayo isikhathi
Dark Light

Idle ngokudepha indlela okwadaleka ngayo isikhathi

UMveliqali, omizimba yabantu abazigidi eziyinkulungwane neziyisishiyagalombili, uphila ngokwesiqu emhlabeni wokuqala, kodwa umqondo wakhe ugcwele umkhathi wonke.

UMveliqali uphila emhlabeni wokuqala iminyaka eyizigidi eziyisigidi ngaphambi kokuba adale isikhathi. Wazi ngokubheka emuva ukuthi inkathi engenasikhathi ihlala iminyaka emingakhi ngoba kuthatha leso sikhathi ukubumbeka kwelanga elilandelayo, kanti yonke imihlaba ibumbeka ngendlela efanayo (ngaphandle komhlaba wokuqala). Ngenkathi yentathakusa yezulu elisha, umhlaba wokuqala usuke uhlezi wodwana ebumnyameni. Lobu bumnyama bubizwa ngomkhathi. Umkhathi ukokezelele umhlaba wokuqala ibanga elifika kumamayela ayisigidi, ngaphesheya kwalokho akunalutho. Akunalutho lwenyama ngaphesheya komphetho weZulu. Akunalutho lwenyama olungaya lapho. Leso sifunda sithathwa umqondo kuphela, wona osamelwe ukujiya ube utho oluyisikhombisa. Umhlaba wokuqala umile futhi mnyama. Lokhu kunganyakazi kwawo kuyisizathu sokungabi khona kwesikhathi. Isikhathi siqala ngenkathi umhlaba uqala ukuzungeza ilanga ngomgudu wawo. Ilanga liyisiphehlisikhathi. Kodwa ngalenkathi yentathakusa yezulu, ilanga lisuke lingakabi khona, ngakho ke, isikhathi sisuke singakabi bikho.

Phakathi kwenkathi engenasikhathi, uMveliqali ulinganisa ’isikhathi’ ngomkhathi. Okhokho babetshelana ’isikhathi’ abazohlangana ngaso ngokunquma umkhathi wokusebenza kwabo. Ngoba umuntu nomuntu uMuntumunye, umuntu nomuntu uyazi ukuthi omunye umuntu wenzani futhi uzothatha inkathi engakanani ngaphambi kokuba aqede akwenzayo. Ngakho ke, uma benqumelana usuku lokuhlangana bathi, ”ngizohlangana nawe emphethweni womsebenzi onje naka nje”, bese beyahlangana njalo uma umkhathi walowo msebenzi usufike emaphethelweni.

Nakuba uMveliqali ezibandakanya nemisebenzi ephathelene nomhlaba, umsebenzi wakhe omkhulu futhi oyingqikithi umayelana nokujiyiswa kwengxenye yomqondo osabalele. Lokhu kujiyiswa komqondo kugcina ngokubumbeka kwelanga lokuqala nezinkanyezi ezilandela kamuva zigcwale izulu lonke. Umsebenzi wokudala uwenza ngokushintshana ngamaqoqo okhokho abayizinkulungwane ezilikhulu namashumi amane nane. Ngemizuzu ebalulekile yokudalwa kwezulu, okhokho abayizigidi eziyinkulungwane neziyisishiyagalombili basebenzisana ndawonye.

Badala izulu ngokuzindla ngomcabango. Baletha icebo lokudala umthetho welanga ngokususela endaweni yomdabu, ephakadeni lokuqonda kwabo…lapho yonke inkathi edlule, inkathi yamanje, nenkathi ezayo iphila ngokuphelele. Bajulisa imiqondo ngokucabangisisa uhlobo lwelanga abafuna ukulidala, bese begcina lomcabango emiqondweni yabo ebambisene ngokungaxegi. Emva kokuzindla ngalo mcabango ’isikhathi’, leyo ngxenye yomqondo wabo osabalele iqalisa ukujiya endaweni eyabelwe yona. Utho lokuqala lwelanga lujiya lube amandla kazibuthe.

Kuthatha iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha ukuphemba umthetho welanga ngalinye. Okhokho, bahlukanisa ’isikhathi’ phakathi kwamaqoqo ayizinkulungwane eziyisikhombisa, iqoqo ngalinye linabantu abayizinkulungwane ezilikhulu namashumi amane nane. Iqoqo ngalinye lizindla ngokudala isikhathi esibekiwe, ubude bunqunywa inqubeko. Ukudalwa kwelanga kunikela phambili ngezigaba ezichachile, ubude balezi zigaba buyindlela yokulinganisa isikhathi.

See Also

Emuva kweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha zomsebenzi wokudala, okhokho bayaphumula iminyaka eyinkulungwane ngaphambi kokuba badale umthetho welanga elilandelayo. Ukudalwa kwamalanga kuyalandelana isikhathi esiningi, okusho ukuthi kudalwa umthetho welangalinye ngesikhathi. Ngesikhathi esisodwa sokudalwa kwamalanga ngokulandelana, okhokho bazibandakanya ngenkambiso enkulu yokulungisela ngaphambi kokubekwa komthetho. Banquma ngaphambili indawo lapho kuzobekwa ilanga ngalinye, ukuthi lizohamba kanjani, kanye nobudlelwane balo nezulu lonkana. Ngakho ke, njalo emuva kweminyaka eyizinkulungwane eziyisikhombisa, okhokho baqalisa ukudala umthetho welanga elisha. Inkambiso yokudala isaqhubeka nanamuhla, kanti izoqhubeka izulu lize ligcwale isibalo semithetho yamalanga elabelwe yona.

Kuthatha iminyaka eyizigidi eziyisigidi ukupheleliswa komthetho welanga lokuqala, kanti kuthatha isikhathi esifanayo ukuphelelisa umthetho welanga ngalinye. Kodwa inkambiso yoqobo yokuqalisa ukudalwa komthetho ngamunye, ithatha iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha nje kuphela. Emuva kweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha yokuzindla ngokungenamkhawulo, ngokusina kudedelana amaqoqo ayizinkulungwane eziyisikhombisa, isuke isibekiwe yonke imibandela edingakalayo ukuze umthetho welanga uqhubeke uziphelelise ngaphandle kokucatshangelwa. Ngamanye amazwi, uma inkambiso yokuqalisa isifeziwe emuva kweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, inkambiso eseleyo ilandela imithetho yendalo. Uma kulowo mthetho welanga kunomhlaba ofana nalo esiphila kuwo, uzobe usulungele ukuthi kuhlalwe kuwo emuva kweminyaka eyizigidi eziyisigidi. Ngakho ke, umhlaba wesibili uhlala izakhi eziqhamuka emhlabeni wokuqala emuva kweminyaka eyizigidi eziyisigidi. Emuva kwalokho, njalo emuva kweminyaka eyizinkulungwane eziyisikhombisa, kuhanjwa kuyokwakhelwa emhlabeni omusha.

  Isihloko sale ncwadi ‘Utho Ngathi’. Iyatholakala nge-pdf (mahhala) nangencwadi ephathekayo (iyakhokhelwa) ku-gumedethembisile26@gmail.com noma whatsapp 079  842 4572.

Scroll To Top