Now Reading
Sibindi uyabulala sibindi uyaphilisa: Amaqembu anohlonze awagudluki ekuthatheni izinqumo
Dark Light

Sibindi uyabulala sibindi uyaphilisa: Amaqembu anohlonze awagudluki ekuthatheni izinqumo

Eminyakeni eyedlule izikhondlakhondla zamaqembu afana neManchester United edlala kwelamaNgisi neKaizer Chiefs egijima kuDStv Premiership bazakhele ugazi kubathadi bakanobhutshuzwayo ngokuwola izicoco amasizini ngamasizini kodwa kule minyaka eyedlule izinto ziguqukile.

Amakhosi neRed Devils bahlaselwe yisomiso sezicoco. Udumo lwabo lokubhubhisa kwasani luthathwe yizimbangi zabo ezinkulu iMamelodi Sundowns neManchester City. 

Womabili la maqembu aphethwe yiziqumama. Intatheli yelaboHlanga uZipho Singela ibheka imfihlo yempumelelo yala maqembu.

Awapheki ethulula abaqeqeshi

  • iMamelodi Sundowns:

Eminyakeni eyishumi eyedlule iSundowns isashintshe abaqeqeshi kanye. UPitso Mosimane wathatha izintambo kuJohan Neeskens ngowezi-2012. Akazange aqale kahle kodwa izikhulu zeSundowns zamnika isikhathi esanele ukubumba iqembu azongingqa ngalo izwe. UMosimane uze wanqoba isicoco sakhe sokuqala ngowezi-2014/15 ngesikhathi edla ubhedu kuNedbank Cup. Lesi sicoco usilamanise ngezinhlanu zeligi, ezimbili zeTelkom Knockout, iCaf Champions League, iCaf Super Cup nesinye seNedbank Cup. UMosimane uze washiya kuSundowns ngowezi-2020. Uhlale iminyaka eyisishiyagalombili. Ngaleso sikhathi iChiefs iqashe uStuart Baxter, uSteve Komphela, uGiovani Solinas, u-Enerst Middendorp, uGavin Hunt, yaphinde yabuyisa uBaxter. Eminyakeni eyishumi iqashe abaqeqeshi abayisithupha. Ngakolunye uhlangothi i-Orlando Pirates isipheke ithulula amahlandla amaningi ilanda abaqeqeshi abafana noRoger De Sa, u-Erick Tinkler, uVladimir Vermezovic, uMuhsin Ertugral, uTinkler, u-Augusto Palacios, uKjell Jonvret, uMilutin Sredojevic, uRhulani Mokwena, uJosef Zinnbauer. Njengamanje kubambe uMandla Ncikazi noFadlu Davids.

  • Manchester City:

Kule minyaka eyishumi eyedlule iCitizens isaqashe abaqeqeshi abathathu. URoberto Mancini wathatha izintambo zokuqeqesha ngowezi-2009 kwathi ngowezi-2013 walishiya iqembu. Eminyakeni emine ayihlale kuCity unqobe izicoco ezintathu; iFA Cup, i-English Premier League neFA Community Shield. Impumelelo ayizange iqhamuke kumasizini akhe okuqala. Uze wanqoba isicoco sakhe sokuqala ngowezi-2010/11 edla umhlanganiso kuFA Cup. Ngonyaka olandelayo unqobe eseCommunity Shield wase esilamanisa ngeseligi. Ngowezi-2013, indawo yakhe ithathwe nguManuel Pellegrini ohlale amasizini amathathu wanqoba izicoco ezintathu; eseligi nezimbili zeLeague Cup. ICity ithathe isinqumo sokulanda uPep Gaurdiola ngowezi-2016. Kuze kube yimanje nguyena osabambe izintambo. Usenqobe izicoco ezili-11 eminyakeni eyisithupha. Unqobe ezine zeligi, ezine zeLeague Cup, eseFA Cup nezimbili zeCommumity Sheild. Kule minyaka iMan United izame uDavid Moyes, uRyan Giggs, uLouis Van Gaal, uJose Mourinho, u-Ole Gunnar Solskjaer noRalf Rangnick njengoba isilande u-Erik Ten Hang. Eminyakeni eyishumi isiqashe abaqeqeshi abayisikhombisa.

Athenga abadlali abanonhlonze 

  • iMamelodi Sundowns:

Eminyakeni eyedlule iSundowns ithenge abadlali abafana noBongani Zungu, uKeagan Dolly, uPeter Shalulile, uTeboho Mokoena, u-Aubrey Modiba, uSurprise Ralani, uKhuliso Mudau, uThabo Nthethe, uHlompo Kekana, uAndile Jali no-Anele Ngcongca. Iningi lalaba badlali iSundowns ibibanga neChiefs nePirates kodwa baphelela ePitoli. Amakhosi asayinise uvucu olufana noSula Matovu, uBongani Ndulula, u-Innocent Mkhabela, u-Ovidy Karuru, u-Edmore Chirandambare, uMitchell Katsvairo, uLehlohonolo Mirwa, u-Akumu Agay, uBongolwethu Jayiya no-Ivan Bukenya. Ngakolunye uhlangothi, eZimnyama ziqinise iqembu lazo ngabadlali abafana noJean-Marc Mundele, u-Austin Mowowo, uCollins Makgaka, uFilipe Ovono, uPhilani Zikalala noLennox Bacela.

  • iManchester City:

ICity isizakhele igama ngokuthenga abadlali abanohlonze. Isithenge izibabuli ezifana noYaya Toure, uSergio Aguero, uKevin De Bruyne, uVincent Kompany, u-Ikay Gundogan, uRahim Sterling, uDavid Silva, uPablo Zabaleta, u-Aymeric Larpote noJohn Stones. Bonke laba badlali bafike kwezwakala kuCity. Izimbangi zayo zithenge abadlali abafana no-Alexis Sanchez, uMatteo Darmian, uMorgan Schnneiderlin, uMarcos Rojo, uAlexander Buttner, uRadamel Falcao, uMemphis Depay noHenrikh Mkhitaryan.

Akasabi ukuchitha amakhehla

  • iMamelodi Sundowns:

ISundowns ayinalo uvalo lokudedela abadlali asebekhulile futhi abaphelwa ushatini. Yingakho ingazange ibambelele kubadlali abafana noTeko Modise, uKatlego Mphela, uKatlego Mashego, uNthethe, uTiyani Mabunda, uSurprise Moriri noHlompo Kekana noma isibona ukuthi sebephelelwe yisikhathi eqenjini. IChiefs isabambelele kubadlali abafana no-Itumeleng Khune noBernard Parker.

  • Manchester City:

ICity yenza okufanayo neSundowns. Ayisabi ukukhulula abadlali abalisebenzele iqembu kodwa asebephelelwa ngushatini. Ichithe abadlali abafana noToure, uJoe Hart noDavid Silva. Ngakolunye uhlangothi iMan United isagcine abadlali abafana noJuan Mata noNemeja Matic bonke asebebheke empeshenini.

Akhiqiza abadlali abancane abaseqophelweni eliphezulu

iMamelodi Sundowns:

See Also

  • uPercy Tau:

UTau uphuma eqenjini lenkulisa yeSundowns. Ngowezi-2016, usize iSundowns yakhala yemuka nesicoco seCaf Champions League. Akagcinanga lapho kwazise ngowezi-2018 uqokwe njengomdlali ovelele. Ngemuva kwalokhu uthengwe yiBrighton Hove Albion egijima ku-English Premiership.

  • uThemba Zwane:

UZwane ungomunye wabadlali abaphuma ezinkuliseni zeSundowns. Njengamanje uZwane ubalwa nabadlali abahamba phambili emzansi.

  • uSiphelele Mkhulise:

Leli nxele likhula ngokudlondlobala. Selinqobe izicoco ezintathu zeligi kusukela likhushulelwe eqenjini elikhulu.

iManchester City:

  • uPhil Foden:

Njengamanje uthathwa njengomdlali omncane ohamba phambili emhlabeni. Muva nje usanda kuqokwa njengomdlali omncane ovelele ku-English Premier League. Bekuyisizini yesibili ilandelana eqokwa njengomdlali omncane ovelele. Uphuma eqenjini leCity lenkulisa.

  • uLiam Delap:

Yize engakadlali imidlalo eminingi kodwa useqalile ukukhombisa izimpawu zokuthi ikusasa lakhe liqhakazile kunobhutshuzwayo. Emidlalweni emibili asayidlalile usebhakuzise enethini igoli elilodwa.

Scroll To Top