Now Reading
Kuvuka isifo esidala kuMakhomanisi sokugigiyela yize nayo imantwenguntwengu
Dark Light

Kuvuka isifo esidala kuMakhomanisi sokugigiyela yize nayo imantwenguntwengu


Okunye okuvezwe isigungu ukukhathazeka ngukudonsisana ezingqungqutheleni ze-ANC


ISouth African Communist Party (SACP) izwakalise ukukhathazeka ngezingqungquthela zokukhetha ubuholi bezifunda nezifundazwe ze-African National Congress (ANC) kanti izithunywa sezigcizelele ekukhethweni kwabaholi abazobhekana nezimpi zokuqembukelana ngaphakathi. 

INational Congress Central Committee yeSACP iphothule isigcawu sayo sokuqala eBenoni, e-East Rand eGauteng.  AMakhomanisi athi uKhongolose usengcupheni yokuqhubeka nokwehlelwa ngamavoti ngokhetho njengoba uphikisana nohlelo lwawo lokuzivuselela kabusha. 

“NjengeSACP sikhathazeke kakhulu ngezimpawu ezingezinhle  eziphikisana nokuvuselelwa kanye nobumbano lwe-ANC kanye nokuhlelwa kabusha kombimbi. Izingqungquthela ezisanda kubanjwa ze-ANC zezifunda nezifundazwe zinemibango, ukubambezeleka ekutholeni imininingwane ngezithunywa, izinsolo zepolitiki yemali noqhekeko oluhambisana naleyo mikhakha yoqhekeko,” kusho uNobhala-Jikelele weSACP uSolly Mapaila. “Ezimweni eziningi, azikho izingxoxo ezibambekayo zenqubomgomo. Lezi zingqungquthela kubukeka sengathi bezibizelwe kuphela ukukhethwa kwabaholi abasha. Okwenzeka ngemuva kwalokho kukhomba ukuthi kukhona ababanga izikhundla zobuholi ukuze bathathe izikhundla zikahulumeni ngenxa yezinhloso  zokuqembulekana noma ngezinhloso zomnotho zomuntu siqu. Lezi nezinye izimpawu ezikhathazayo zibeka umfelandawonye wethu kanye nalo lonke umbimbi engcupheni yokuqhubeka nokulahlekelwa ngabavoti uma kuwukhetho,” kunezela uMapaila. 

Lesi sigcawu sokuqala siza  ngemuva kwesimo sezwe esithola ukugxekwa kakhulu ngenxa, phakathi kokunye, ubugebengu, ukungabi namthetho kanye nezindleko eziphakeme zokuphila. ISACP inombono wokuthi idinga, phakathi kokunye, yakhe inhlangano enamandla yezenhlalakahle yabasebenzi nabampofu.

Ukukhethwa kobuholi be-ANC eNorth West

See Also

Khonamanjalo, uMgcinimafa we-ANC, uMnu uPaul Mashatile, usencome i-ANC esifundazweni saseNorthen West ngokuqopha umlando ngokuqoka abesifazane abangama-22 ebuholini bayo. Ubekhuluma ekupheleni kwegqungquthela yesi-9 yesiFundazwe eRustenburg. 

Naphezu kokukhetha owesifazane oyedwa njengengxenye yezikhulu ezinhlanu eziphezulu, izithunywa zikhethe abesifazane abengeziwe abangama-21 njengamalungu engeziwe noma amalungu eKomidi Eliphethe Lesifundazwe. UMashatile uthe lokhu kungumlando  omuhle futhi onamandla sukela kwasungulwa uKhongolose.

Scroll To Top