Now Reading
Inhlansi yethemba ngogesi kuMasipala iTshwane
Dark Light

Inhlansi yethemba ngogesi kuMasipala iTshwane

U-Eskom ukuqinisekisile ukuthi iziphathimandla kuMasipala waseTshwane zikwazile ukukhokha imali elinganiselwa ezigidini ezingama-R180 yesikweletu sikagesi esiyizigidigidi esi-R1.6. Lokhu kulandela izinsongo zakwa-Eskom ekuqaleni kwaleli sonto zokuthi ihlela ukunqamula ukuthumela ugesi  kuleli dolobha  uma ingasikhokhi isikweletu sayo.  

Khonamanjalo, izakhamuzi zaseTshwane zizwakalise ukungenami  ngendlela okuphakelwa ngayo ugesi edolobheni. Ezinye izakhamuzi ziveze ukuthi kuphela amasonto ugesi ungabonwa. Izakhamuzi zithi azikwazi ukuhudulelwa empini ka-Eskom noMasipala.

Inkinga kagesi enhlokodolobha  akuyona into entsha. Sekunesikhathi izakhamuzi zibhekene nalesimo sokucinywa kukagesi. Ezindaweni ezinjengeNellmapius izakhamuzi zithi zike zihlale  izinsuku ngaphandle kwagesi. Okuvelayo kukho konke lokhu ngukuthi ukwebiwa kwamakhebuli kuyimbangela enkulu yalesi simo sokucinywa kukagesi. 

Ezinye izakhamizi zaseMamelodi zikhala ngezikweletu zikagesi ezimba eqolo kanye nogesi wekhadi obizayo. Zithi zikuthola kunzima ukubhekana  nentengo ephezulu kagesi. Inkampani ephehla ugesi inikeze isibuyekezo ngomhlangano ebinawo neTshwane ngoLwesithathu mayelana nengxabano yenkokhelo ekhona. Phakathi kwayo nalo masipala. 

U-Eskom usole uMasipala ngokungasihloniphi isivumelwano sokuqeda isikweletu sedolobha ngenyanga edlule. UMasipala uthi  imali ekweletwayo isinezinsuku ezine kuphela ingakhokhiwe , okukhomba isikweletu sabo senyanga kaNtulikazi.U-Eskom uthi uMasipala waqala wakhokha  izigidi ezingama-R68  kuphela kwisikweletu sezigidigidi esi-R1.6  kodwa futhi lomasipala uphinde wakhokha imali eyizigidi ezi-R180. 

See Also

Idolobha iTshwane nalo libhekene nezinkinga ezinkulu zezimali ngemuva kokuba izinga lalo lezikweletu lehlisiwe. Olunye udaba wukungakhokhi kwezinye izakhamizi, iminyango kahulumeni namabhizinisi.Lokhu kuphoqe uMasipala ukuthi uqale imikhankaso  yokuqoqa imali ukuze ukhokhe izikweletu zawo. 

Khonamanjalo, u-Eskom wesabise uMasipala wase-Emfuleni ngesinyathelo esifanayo ngesikweletu sawo sikagesi esingakhokhelwe esingaphezulu kakhulu kwesaseTshwane.

Scroll To Top