Now Reading
Ngetafula likangamulana
Dark Light

Ngetafula likangamulana

Wake waya yini eKibhithawini, wafika wabona izinhlobo zamatafula akhona? Amatafula emvelo namatafula okwenziwa? Kumatafula emvelo, elihle kakhulu yiNtaba yeTafula-iTable Mountain. Kwawokwenziwa alikho elithatha ikhekhe njengetafula likaNgamulana!

Itafula lemvelo iTable Mountain, yibona buhle beKibhithawini emini nasebusuku. Lentabakazi eyisicaba phezulu kuhle okwetafula uqobo, iphakeme amamitha ayi-1086 ukuya phezulu. Ubude bayo ngokwendlaleka kwayo cishe ukusuka ngasesiqongweni sikaSathane ngakwesobunxele ukuya cishe esiqongweni seKhanda leBhubesi ngakwesokudla, bungaba ngamakhilomitha amathathu. Ehlobo iyakhanga lentaba, ngoba ungayifica isimhlophe phezulu, sekwendlaleke phezu kwayo ifu elimhlophe qwa sengathithi yiqhwa lasebusika, elendlaleke njengendwangu yetafula emhlophe uma selidekiwe ladekelwa ukudlela kulo ukudla okwehla ngesiphundu, emachopho ayo alengela ngapha nangapha ekugebeni kwayo. Khona lokho nje kukodwa, kuyalivunulisa leli tafulakazi lemvelo ngamashoba amhlophe, ligqize inhlonipho njengoweSilo uDlungwane kaNdaba owayebonakala ngamashoba amhlophe eya phansi eya phezulu uma esehlabana.

Laphayana ecabazini ngaphansi kwayo, amanxulunxulumakazi emizi enamabhilidi amade, kodwa awayedluli lentaba ngobude, yona yilokhu iwaphakamele, wona eyikhothamele, ngoba vele njena iwaphakamele kuhle okwesibhakabhaka siphakeme phezu komhlaba.

 Ebusuku ungathanda, lapho ubona ukukhanya kukagesi nokukhanya okuvela ngamafasitela amabhilidi sengathithi yisibhakabhaka esiqhakaze izinkanyezi izulu licwathile, ubone esengathi kukhanya ubucwazicwazi bamatshe entengo enkulu, idayimane nesiliva!

Naziyana izilwandle zigubha amagagasi ngolwaseNdiya nolwase-Atlantiki. Ubona nje ephukela phezulu, kuvele ubumhlophe obunjengomkhithiko, sengathi ukuqephuza kwamashoba amhlophe amabutho kaZulu uma egiya eqephuza ekhuza izaga zempi, ebuza ethi:

Ikhalaphi!

Ikhalaphi induku yethu?

Sizwa ngosi, ikhalaphi!

USoklazu!

USoklazu,

Induk’ yeth’ uSoklazu!

Uze uthande lapho uzwa kukloloba kude amagagasi esephihlizeka emadwaleni amachweba alapha. lngwebu iphuphume phezulu kuhle okomhlophe uphehlwa ngebhaxa, ukhihliza ingwebu yobulawu obumhlophe, oyengula maqede uziphohle ubuso ngayo kandukuba usigcwalise sithi nswi ngamanzi, ebese uwaqhweba ngeminwe emithathu, ukhiphe uxakaxa nezindenda, uhlanzeke ngaphakathi, kusuke isinyama namabhadi, kusale ubuhle bodwa obunjengobalentabakazi okuthiwa ineminyaka eyizigidi ezingama-350  ubudala, kodwa isabukeka namanje. Kusho izihlakaniphi phela. Zingama-350 izindlela ongakhuphuka ngazo ukuya phezulu ecabazini elinjengenkangala phezulu kulentabakazi. Ezinye ziyingozi, ngoba zinamadwala ongashelela kuwo maqede uyophahlazeka phansi kwaMamangalahlwa. Kuthiwa sekwafa izinkwelintaba eziningi zizama ukuyothi congco phezulu kulentaba zihamba ngezinyawo.

Kuthiwa ngonyaka ka-1929 kwafakwa ikheshe eligijima kujantshi wentambo yekhebuli, esuka eNtanyeni yeSiwa (iKloof Nek), iyosho phezulu ecabazini leNtaba yeTafula. Kuthiwa abantu abasebenzisa leli kheshe lentambo, bacishe bacele ezi-250 000 ngonyaka, abakhwela ngayo ukuyobona phezulu entabeni, nalapho bewubona kahle khona umbono okhangayo walolonke iKibhithawini ngisho nezilwandle zalo. Ubuhle bodwa obubonwa lnpho phezulu. Kukhona cishe zonke izinhlobo zezimbali eziyenza tthandeke lendawo, futhi kubetha umoya omnandi onamakha ophunga lalezimbali, lapho obona khona ngenyosi ingumathathela, ethatha uju lapha iyolubeka laphaya, yakha amakhekhe oju. Yilo-ke leli itafula lemvelo engalibona Kibhithawini.

Wake waya kwaLanga, ngasemahositela ezitezi uyobona itafulakazi lokwenziwa likaNgamulana? Lelitafula alifani neNtaba yeTafula. Lona esikhundleni sendwangu emhlophe yamafu ephezu kwayo, lona libethelwe uthayela obushelelezi phezulu. Lapho iNtaba yeTafula yona iphakeme amamitha ayi-1086, leli lona lifika okhalweni lwakho uma umile. Ubude balo bungaba ngamamitha amathathu. Lide-ke uma linjalo! Lakhiwe ngamapulangwe, laba nemilenze yezingodo ezicela eshumini elimi phezu kwayo.

Njengoba iNtaba yeTafula izungezwe yizilwandle, leli tafula lona libiyelwe ngocingo lwesisefo lukafenisi, okubonakala ukuthi kukhulu okungaleyana kothango. Uma uya kulo awuhambi ngekheshe, uvele uzihambele ngezinyawo zakho, noma uqhamuka ngayiphi indlela kwezilapho, ungayisebenzisa ukuya etafuleni likaNgamulana. Noma uyendiswa ngamabhenyenye, uyoyendela khona, uze uyongena ngesango elikhulu. Lapha esangweni awungeni nje ungakhiphe lutho, njengoba nasekhesheni elikusa phezulu eNtabeni yeTafula awungeni kulo ungakhiphanga lutho. Uma ufika nje esangweni, ukhokha amasente angama-40, owakhokha kulowo omi esangweni. Uma usuwakhokhile ungangena uqonde ngqo etafuleni elidekiwe uzenzele ngokuthanda. Lona-ke akudekwe ndwangu phezu kwalo, kodwa uyofika iyizinduli into oze kuyo!

Uyothi ungena nje ukhangwe yintuthu ishunqa phezu kwalo, ucabange ukuthi yinkungu ehlala ikhona phezulu eNtabeni yeTafula kanti qha, lena ngeyesitimu senyama eshisayo ethululwa ezimbizeni ezingogalaza ngisho neziyimiphongolo, ithululelwa phezu kwalelitafulakazi igcwale ngqatha, isobho lichithekele emaceleni kuhle okwezilwandle ezizungeze iNtaba yeTafula, ziqhephuza amagagasi amhlophe.

Izimbali zaleli tafula yiziduli zenyama-idubukele! Amakhanda ezingulube nezindlebe zawo uzowafica lapha! Ikhala lenkomo nomlomo nolimi kukhona lapha. Amanqina ezinkabi ezinkulu nezincane akhona lapha. Kukhona ngisho namanqina ezimvu nawezingulube nawezimbuzi. Amakhanda ezimvu nawezimbuzi, awezinkomo nawamahhontshi! Amaphaphu namathumbu, usu netwani! Ubende nopopopo, nezinhliziyo zazozonke izilwane ezidliwayo! Konke kuphekwe maqede kwazothululelwa phezu kwalelitafula lokwenziwa, ukuze kuthi noma ngubani ongene esangweni ngo-40c akhwele azehlele enyameni ayithandayo, athi: “Mphimbo phepha, wafa yizagila!” Yizo-ke izimbali ozifica kulelilitafula, ngeziya ethunjini zonke, ngaphandle kwamathambo, wona unele ucabe uju lwawo-imvove nomnkantsha-uwachilizele eceleni.

 Ayikho imimese nezimfologo namapuleyiti abekwe kulelitafulakazi. Bonke abadlayo bemi ngezinyawo ngoba nezihlalo azikho.  Nidla bume lapha, ngoba awulindi lutho uma usudlile. Uma ungenalo igotshwa lokusika oyithandayo inyama, uyenze amaqatha azokwehla kahle emminzweni, yenele imnwe eyishumi ozoyidephunisa okwesidindi somtshiki ngayo, zenele izandla zakho ezimbili  ozoyiphakamisa ngazo uyiqobe ngamazinyo.

See Also

Kuthiwa abantu abakhuphukela phezulu ngekheshe ukuyobona ubuhle beNtaba yeTafula bacela ezi-250 000 ngonyaka. Abangena ngesango ukuzokudla inyama lapha kulelitafula ungeke ubabale ngoba banyamfukisa okwezinyosi zonke izinsuku. Akusaphathwa phela ngeMigqibelo nangamaSonto uma abantu bezivelela lapho bezivelela khona, sebephethwe yinkengane. Nabazonqanda iphezi, uzobafica sebejuluke sebemanzi phici bexabene nomuthi wamakati!

Kwakumhla ngivakashele khona kwamzala lapha kwaLanga Iapho engabona khona leli tafulakazi lokwenziwa. Salala simnandi savuka sizamula. Yikho lokho njalo okwasenza sivukele etafuleni  uNgamulana, siyobona zonke izinhlobo zezimbali ozibona uma uphezulu eNtabeni yeTafula. Lezi-ke umlomo wemvu oqhethe amazinyo. Ulwanga oluxexebukayo ngenxa yokudubukala kwalo. lunokile ukuvuthwa! Idubukele!

Sasizoxosha iphezi elalibangelwe ukusisa ubusuku sidla ntshwabhele, ingani sasimemeza uHappy Christmas! Yiyoyonke lentokozo nenjabulo esasikuyo eyabangela iphezi elikhulu.

Ngibuze: “Siyaphi mzala?”

Aphendule: “Siya etafuleni likaNgamulana.”

Ngibuze: “Siyokwenzani?”

Aphendule: “Siyobuya sisuthi esikaManyosi-inyama!”

Ngavumela phezulu ngenxa yenkwankwa uma ngizwa elenyama, kwazise ngase ngihashukile nokuhashuka. Ukumemeza bonke ubusuku akuntanga yamuntu.

Uthi ngabonani? Umzala wayikhipha imali yokungena kuleli pharadisi lenyama, kungesilona elezithelo zonke ezidliwayo ezingadliwa njengelase-Edeni. Sasina sazibethela.

Scroll To Top