Now Reading
Inhlanhla yengcebo yomndeni yathathwa izihlakaniphi
Dark Light

Inhlanhla yengcebo yomndeni yathathwa izihlakaniphi

Eminyakeni eminingi edlule kwakukhona owesifazane owayesekhulile engumfelokazi enendodana eyodwa, njengoba wayesengumuntu osebuthakathaka nasempilweni futhi ehlupheka indodana yakhe yabe ihambile iye enqolobaneni iyobheka okokudla. 

Ngesikhathi ithi yehlela ngezansi ngasezitebhisini kwabe sekuqhamuka uMoya Wasenyakatho ushaya ngamandla, waphephula umbila owabe ubuya kothathwa indodana yawuphephula wagcwala umoya. Indodana yabuyela enqolobaneni iyobheka omunye umbilaukuze kudliwe. 

Yathi isiphuma ngasezitebhisini, kwaba esifanayo kwaqhamuka omunye uMoya Wasenyakatho waphephula umbila wakhe, ngaphazulu kwalokhu okwedlule, kwaphinda futhi kwaba ngesifanayo nangesikhathi ephindela enqolobaneni okwesithathu. Indodana yathukuthela kakhulu, ngesikhathi isacabanga ukuthi engabe yini engenza uMonya Wasenyakatho uziphathe ngendlela oziphatha ngayo, wacabanga ukuthi mhlawumbe kumele avele abhekane nawo ngqo amtshele ukuthi akambuyisele umbila wakhe. Indodana ayibange isachitha sikhathi yasuka yahamba khona lapho kwasho khona ukuthi indlela yayiyinde. 

Yabekezela yahamba yaze yafika lapho kwakuhlala khona uMoya Wasenyakatho ngaleso sikhathi yayisiphelezelwa unina. “Sawubona,” kubingelela indodana nonina,”siyabonga ngokuthi ufikile izolo wazosibona.” “Sanibonani nani!” kubingelela uMoya Wasenyakatho esto ngezwi elikhulu elindondayo.. “Nami ngiyabonga ngokuthi nifike nizongibona. Nifunani?”

“Sizwa kahle,”Ngicela wenze ubuntu ungibuyisele umbila wami owuthathe izolo ukuze ngiwubuyisele enmdaweni ephephile, asinakho okunye ukudla esingaphila ngakho, ngaklho uma uthatha konke ukudla esiziphilisa ngakho sizothwaka kanzima impela,”. 

“Anginawo umbila wenu noma yikuphi nje ukudla,” kuphendula uMoya Wasenyakatho,” kodwa uma hidings ngaleyo ndlela ngizoninika indwangu ezokwenza ukuthi nithole konke enikudingayo, kodwa lokho kuzokwenzeka uma nivuma ukuthi,”Ndwangu zisabalalise, ukhiqize lonke uhlobo lokudla okumnandi!” Umfelokazi nendodana bashaqeka kodwa babezoythini ngoba babekudinga ukudla. 

Njengoba indlela yabe iyinde abakwazanga ukubuyela ekhaya ngosuku olulodwa, bahamba indlela ende daze babanjwa indlala. Ngesikhathi sebelungiselela ukudla kusihlwa indodana yandlala indwangu etafuleni elalisekhoneni yabe isiyasho lamazwi, “Ndwangu, zendlale, khiqiza lonke uhlobo lokudla okumnandi.”

Nempela kwaba njalo bala kwazi kwangenelela nabanye abantu badla base balala. Kwavuka uzona kwabanye ababebona lo medeni adla usutha ngenxa yendwangu. 

Kwathi sebelele omunye wathatha indwangu yalo mndeni wayishintshanisa nenye eyayifana ncamashi nalena ababeyithole kuMoya Wasenyakatho, kodwa yona eyayingakwazi ukukhiqiza lonke uhlobo lokudla okumnandi.

 Ngesikhathi indodana nonina sebevuka ekuseni, lona owayebashintshele ngendwangu naye wavuka njengawowonke umuntuwathatha indwangu yakhe waqonda kubo lapho ayehlala khona nonina. 

See Also

Kwaba ukufika ekhaya waxoxela unina ukuthi uhambile waze wafika emzini kaMoya Wasenyakatho. 

“Leya ndoda inomoya omuhle kabi, ize yanginika hale ndwangu, uma ngithi kupona,”Ndwangu zendlale, khiqiza lonke uhlobo lokudlaolumnandi,” ngithola lonke uhlobo lokudla engisuke ngilufuna.

“Kunjalo ngempela kusho unina ngokungakholwa, kodwa phela umuntu ukholwa ngokubona, angeke ngikholwe yilutho kuze kube ngiyazibonela.” 

Nebala wandlala itafula wabeka indwangu ngaphezulu, waqala wathi: “Ndwangu zendlale, khiqiza lonke uhlobo lokudla okumnandi.” Kwacweba iziziba kwangaqhamuka nokukodwa ukudla.

Scroll To Top