Now Reading
Umlando Wethu: INkosi uCetshwayo kaMpande
Dark Light

Umlando Wethu: INkosi uCetshwayo kaMpande

Leli sonto esiphuma kulo belimqoka kakhulu emlandweni kaZulu nakubo aboHlanga. Ngosuku lwango mhla ziyisi-8 kuNhlolanja  besikhumbula ukwedlula emhlabeni kweNkosi eyaduma umhlaba wonke, iNkosi uCetshwayo kaMpande. INkosi yedlule ngowezi-1884. Umama weNkosi esimbiza ngokuthi yiNdlovukazi kwabe kuyiNdlovukazi uNgqumbazi.  Iyahlonishwa emhlabeni ngokuba yiNkosi yokuqala ukunqoba amaNgisi e-Afrika ngesikhathi impi yakhe ibhekana neyamaNgisi eSandlwana ngowe-1879. 

INkosi uCetswayo yaba ngeyokuqala ukuhlangana neNdlovukazi yamaNgisi uVictoria e-England. Njengophawu lokumhlonipha namuhla eLondon  kunophawu olwaziwa ngokuthi yiBlue Plaque emgwaqeni u-18 Melbury.  Kanti lapha eNingizimu Afrika, KwaZulu-Natal kunomasipala owaziwa ngokuthi yiKing Cetshwayo ohlonipha iNkosi. Uma iNyosi imbongela yayithi phakathi kokunye  uyiNnyathi kaNdaba empondo zimakhenkenene. Bayivimbele ngamaphand’ emkhonto, Beth’ uMlathuze kayikuwewela; Ithe isiwuwela, yawuwela ngamakhand’ amadoda. Watshikizela uMatshikizela omnyama;

Scroll To Top