Now Reading
Akungalalwa nakwezentuthuko
Dark Light

Akungalalwa nakwezentuthuko

Izikhalo zansuku zaphuma zabantu baseNingizimu Afrika ngokungalethelwa kwezidingo nokungatholakali kosizo ezikhungweni zikaHulumeni, ingasaphathwa eyokungatholakalali kosopolitiki abasuke bekhethwe yibo abantu sekwaphenduka insakavukela umchilo wesidwaba. Ungaya kunoma yisiphi isikhungo sikahulumeni uma sekungale kwehora lesithathu asuke esemancane kakhulu amathuba okuthi ungasizakala noma ngabe udinga usizo oluphuthuma kanjani.

Uma ucela ukubona isikhulu esithile ubukwa ukuthi uzenzile yini izinhlelo zokubonana naso, utshelwe ukuthi kumele ulinde isikhathi esithile. Kuyaxaka ukuthi ukuthola osopolitiki ikakhulukazi amakhansela okumele kungabe anomphakathi ezindaweni kungani kube umqansa uma kumele kukhulunywe ngentuthuko.

Okuxaka kakhulu ukuthi uma kukhulunywa ngezikhundla namandla okuphatha amakhansela nosopolitiki ngokubanzi bahlala kudabuke ubusuku. Isinqumo sokususwa kukaSomlomo woMkhandlu kuMasipala waseGoli uMnu uVasco Da Gama sithathwe sekuze kwagamanxa ihora lokuqala ngoLwesine ezintatha ngoba amakhansela abona izikhundla kuyizo ezimqoka ezingenza angalali nokulala kunokuya emphakathini.

Scroll To Top