Now Reading
Akubhukulwe kuvikelwe abesifazane: UMntwana uPhumzile
Dark Light

Akubhukulwe kuvikelwe abesifazane: UMntwana uPhumzile

Inyanga Yabesifazane isongwe ngezindlela ezihlukene ezweni kusuka emicimbini, izithangami namamashi abegcizelela ukuqina komthetho kwabahlukumeza abesifazane nezingane.

ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile nomholi wabesifazane weqembu i-INkatha Freedom Party (IFP) kuzwelonke, uMntwana uPhumzile Audrey Thandekile Nokuphiwa Buthelezi. Kule ngxoxo ubekhuluma ngemizwa anayo ngokuhlukunyezwa kwabesifazane, nomyalezo awudlulisayo ekusongweni kweNyanga yokubabungaza.

Sabelo Maphumulo (SM): Siyabingelela Shenge.

UMntwana uPhumzile (MP): Ngiyabingelela nami.

(SM): Njengoba sisonga iNyanga  Yabesifazane, uthini umyalezo odluliswa uMntwana ngokuhlukunyezwa kwabesifazane okuyinto ebikwa nsuku zaphuma?

(MP): Umyalezo wami njengoba sisonga inyanga kaNcwaba yokugubha amalungelo abesifazane ukuthi abantu bakuleli babuyelwe onembeza. Omunye wemithetho elishumi kaNkulunkulu uthi ungabulali! Kuyangikhathaza ukuthi ngikhuluma nawe nje umoya wami uphulwe yisigameko sokubulawa kwesalukazi esineminyaka engama-92 ubudala okusolwa ibhungu ebelisilekelela emasimini . Ngiyazibuza ukuthi ushonephi unembeza kubantu abenza lobu bulwane. \

Siyi-IFP Women’s Brigade sakubeka kwacaca ukuthi sifisa uHulumeni akhe izinkantolo ezizothetha amacala abhekelela ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane ukuze kusheshe lonke uhlelo lokujeza kwezaphulamthetho. Ukubulawa kwabesifazane sesikubuka njengesimo esiphuthumayo esifisa ukuthi amacala akhona athethwe ngokuphuthumayo! Sisenalo ithemba lokuthi uHulumeni uzogcina esizwile ngalesi siphakamiso.  

(SM): NgoLwesihlanu olwedlule bekunemashi ekhuluma ngesihluku esibhekiswe kwabesifazane ebihlelwe i-IFP, ngabe lomyalezo obuqondiswe kuNgqongqoshe wamaphoyisa, izimpendulo zawo nizilindele nini?

(MP): Empeleni lemashi besiyiqondiswe kuwo wonke umphakathi waseNingizimu Afrika ukuthi ubhukule uvikele abantu wesifazane. Sinxenxa ikakhulukazi amadoda ukuthi abe amafolosi okulwisana nalesi sihlava ikakhulukazi njengoba izibalo zikhomba ukuthi izisulu zalolu dlame zenzakaliswa ngabantu abanobudlelwane nabo noma ababaziyo! Ngomyalezo izimpendulo zilindelwe ungakapheli uMandulo.

(SM): Ngokweqembu sinjani isimo KwaZulu-Natal uma kufika ekuhlukunyezweni kwabantu besifazane?

(MP): UPhiko Lwesifazane lukhathazekile ngezibalo eziphezulu zokubulawa ngesihluku kwabo nabantwana. Izibalo zakamuva ezikhishwe uMhlonishwa uNgqongqoshe uBheki Cele WezokuPhepha kuZwelonke zikhomba ukuthi ziyenyuka izibalo zalolu hlobo lobugebengu. Ngeviki eledlule izinkumbi zabalandeli baleli qembu ikakhulukazi abesifazane babambe imashi ebheke esiteshini samaphoyisa aseMpangeni esibalwa neziteshi ezingama-30 kuzwelonke ezinezibalo eziphezulu sezigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Phakathi kwebesikhononda ngakho ukungahhoywa kwalawa macala ekubeni kufanele abekwe eqhulwini athathwe njengaphuthumayo.

(SM): Njengeqembu imikhankaso enjengemashi ubona ifanele ukwenziwa uma kuyinyanga yabesifazane okanye njalo ngenhloso yokuqwashisa?

(MP): Umkhankaso wokulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane akumele ugcine ngoNcwaba kuphela noma ngoZibandlela lapho kusuke kunomkhankaso wokulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane kodwa kufanele kube umkhankaso oqhubeka unyaka wonke izinsuku ezingama-365. Sicela nakakhulu ukuthi imindeni ingesabi ukubika amalunga ayo adlwengula, ahlukumeze khona emindenini. Kuyangikhathaza ukuthi ziyanda izigameko zokuhlukunyezwa ngobaba bamantombazane. Muva nje kugwetshwe indoda endala ngecala lokuthwala inukubeze ingane engaba umzukulu wayo ngeminyaka. Kungizwise ubuhlungu ukuthi umndeni ubuyingxenye yaleli tulo bathatha ilobolo badayisa ngengane. Kuyoba nzima ngomuso ukuthi le ntombazanyane iphinde ithembe empilweni yayo njengoba idayiswe izihlobo zegazi. Kuyangikhathaza kakhulu nokwanda kwezigameko zokwebiwa kwabantwana abasezingeni lenkulisa  bese betholwa sebephangalele. Sicela umthetho udlale indima yawo. 

(SM): Ngaphandle kokuhlunyezwa kwabo ikuphi enifisa ukukwenza ukulekelela abantu besifazane uma kufika kumathuba emisebenzi namakhono? 

(MP): Muva nje uMengameli weQembu uMhlonishwa uVelenkosini Hlabisa neSishayamthetho saKwaZulu-Natal bahlomise abesifazane abathathu ngemifundaze yokugogodela ukucwala ubuso, izinwele, izinzipho nokunye. Lawa makhosazane aphila nokukhubazeka abuye agixabezwa ngeziphaqulo zenani lama-R5000. Umyalezo ucace bha! Sifuna ukuthi abantu besifazane bakwazi ukuzimela nokuzenzela bangathembeli kubantu ikakhulukazi abesilisa ngoba yikho kanye okubenza babekezelele ukuhlukunyezwa ngoba bengakwazi ukuzimela. Kuzothi uma sebephothulile ukuqeqeshwa laba besifazane bese beqala amabhizinisi abo babe wusizo nasemiphakathini yabo.

(SM): Elokugcina elakho lithini, sesigoqa.

(MP): Ngifisa ukubongela iqembu labesifazane lakuleli iBanyana Banyana ngokuqwaqwada wonke amaqembu abesifazane eAfrika jikelele. Siyaziqhenya ngani makhosazane. Akuqhutshekwe kusekwe abesifazane, kwezemidlalo. 

(SM): Siyabonga kakhulu ngesikhathi 

(MP): Siyathokoza.

Scroll To Top