UVavi uzwakalise ukweneliseka ngemashi kazwelonke yezikhalo



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNobhala-Jikelele weSouth African Federation of Trade Unions (Saftu) uMnu uZwelinzima Vavi uchaze ukuvalwa kwezwe ngoLwesithathu njengokube yimpumelelo. ISaftu neCongress of South African Trade Unions (Cosatu) banikeze uhulumeni incwadi yezimfuno ezindlini zombuso ePitoli.
Abasebenzi abangaphansi kwalezi zinyunyana bamashe emadolobheni ahlukene ezweni lonke bekhala ngezindleko eziphakeme zokuphila. Uhlu lwezikhalazo iSaftu neCosatu elunike uNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uMnu uMondli Gungubele luhlanganisa ukwehla kwentengo kaphethiloli kanye nemigomo eqinile elawula ukudilizwa kwezisebenzi ezinkampanini zikahulumeni.
UVavi uthi babonga bonke abasebenzi abalalele ikhwelo lokuthi babambe iqhaza ekuvalweni kwezwe kukazwelonke. “Abasebenzi banamandla kakhulu uma beqhamuka kule mashi, bathumela umyalezo hhayi kubasebenzi baseNingizimu Afrika kuphela kodwa nakwabanye abasebenzi emhlabeni wonke ukuthi ubumbano banele. Siyajabula ukuthi abantu abaningi bagibele amatekisi nasemabhasini ukuze bathole indlela yokungena enhlokodolobha ukuze benze isitatimende esibaluleke kakhulu. Isibalo sabasebenzi abahlala emakhaya futhi abahoxisa ukusebenza kwabo namuhla [ngoLwesithathu] asicabangeki. Ngicabanga ukuthi abasebenzi namuhla bethule [isitatimende] esinamandla kuhulumeni sokuthi balungise inkinga noma baphume,” kwengeza uVavi.
‘Uhulumeni uzolalela abasebenzi’
Khonamanjalo, uNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uMondli Gungubele useqinisekise ababhikishi ukuthi uhulumeni uzoziphendulela izimfuno zabo. UGungubele uthole incwadi yezimfuno kwabamasha.
Ebuzwa ukuthi ngabe iqembu elibusayo likhathazekile yini ngokulahlekelwa amandla okhethweni lukazwelonke luka-2024, uGungubele uthe bagxile ekuhlinzekeni ngezidingo kanye nokwenza ngcono impilo yabampofu.
“Noma ngabe sihlala ngo-2024 noma cha, ngeke sibhekane nalokho uma isisekelo sethu siwukwesaba ukuphelelwa amandla. Ukuphela kwendlela esingahlala ngayo ngo-2024 yilapho sibuyisela izinhloso ze-ANC eziyingqophamlando zokusebenza kanzima size siguqule umnotho,” kusho uNgqongqoshe uGungubele.