Ukumiswa kwezindiza kuthukuthelise abagibeli nezisebenzi



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
IComair kusamele imemezele ukuthi izophinde iqale ukusebenza kwezindiza zayo iKulula-dot-com kanye neBritish Airways, ezihoxiswe ngoLwesibili. Izinkampani zezindiza zimise izindiza kuleli sonto ngenxa yezinkinga zezimali kanye nezinselelo zokungabi namali. Amakhulu abagibeli asale dengwane.
Inkampani yezindiza iphinde kusolakala ukuthi yehlulekile ukubuyisela amakhasimende imali yawo. Abasebenzi bakwaComair abahlangene neNational Union of Metal Workers baqokwe ngaphandle kwamahhovisi akwaComair namhlanje ekuseni befuna ukuthi ibhodi likhiphe isikhulu senkampani yezindiza uGlenn Orsmond.
Okhulumela iNUMSA, uPhakamile MaHlubi Majola, uyachaza, “Amalungu ethu adinwe kakhulu ngokuthi inkampani yezindiza imise konke ukusebenza kwayo ngoba ayinamali futhi iswele. Sikholelwa ukuthi silapha ngenxa yobuholi obungebuhle beBusiness Rescue Practitioners uRichard Ferguson, esebenzisana neSikhulu Esiphezulu uGlenn Orsmond. Akukhona okokuqala inkampani yezindiza imiswa. Ukusebenza kwawo kwamiswa nangoNdasa ngenxa yokuthi bebengalandeli imigomo yezokuphepha futhi iziphathimandla zezindiza zasimisa isitifiketi sabo.”
Ukuhlela amanani
IKhomishini Yezokuncintisana ifune ukuvimbela noma yikuphi ukwehliswa kwentengo okungaba khona ngenxa yokushaqeka kokuhlinzekwa kwezinye izinkampani zezindiza ngemuva kokuba iComair imise izindiza kuleli sonto. IKhomishini ithi isibonile isimemezelo esenziwe nguComair ngoLwesibili ebusuku sokumisa zonke izindiza zeBritish Airways kanye neKulula. Kuleli sonto iKhomishini ihlangane ngokwehlukana nabaholi bezinkampani zezindiza ezinkulu okubalwa iLyft, iFlySafair, i-Airlink neSouth African Airways.
IKhomishini ithi ikhuthazwa yizo zonke izimpendulo ezinhle zezinkampani zezindiza, njengoba zisivumile isidingo somthamo owengeziwe emakethe futhi bazibophezela ukuthi bangashintshi izindlela zabo zokukhokha amanani ukuze basebenzise lesi simo.
Okhulumela iKhomishini uSiyabulela Makunga uthi, “Ngenxa yokukhathazeka ngomthelela wesinqumo sikaComair ngamanani amathikithi endiza futhi ukuze kuqondwe ukuthi umthamo ungalethwa kanjani emakethe ukunciphisa umthelela wesinqumo, iKhomishini ngoLwesithathu lu-1 kuNhlangulana kowezi-2022 yahlangana ngokuhlukana ubuholi bezinkampani zezindiza ezinkulu, iLyft, iFlySafair, i-Airlink kanye neSouth African Airways (SAA).
“IKhomishini ikhuthazwe wukusabela okuhle kwazo zonke izinkampani zezindiza mayelana nalokhu njengoba zisivuma isidingo sokuletha umthamo owengeziwe emakethe futhi zizibophezele ukuthi zingaguquki izindlela zazo zokubeka amanani ukuze zisebenzise lesi simo,” kusho uMakunga.