Now Reading
Siyofuna Ongangayo
Dark Light

Siyofuna Ongangayo

Umsebenzi wokungena kweSILO esibayeni wandulelwa ngamalungiselelo amaningi kweleNdlovukazi uMthaniya nakomalume baso ISILO kwaNgwane.  Khona lapho kwaba namalungiselelo ayeholwa nguNdunankulu kaZulu uMntwana waKwaPhindangene nayeqondene namahubo okwakumele ahutshwe ngosuku olukhulu. Babe bodwa ababelungiselela imvunulo nezikhali zeSILO ukuze konke kuhambe kahle kulandelwa isiko.

Nokho okwenza abantu bakhulume kusayiwa emcimbini kwaba wukuphuma kweSILO eSigodlweni kwaKhangelamankengana siphikelele ukuyohlangana nongangaso (ukuyozingela ibhubesi). Lokhu kwabe kumqoka ngoba kwakulungisa amanye amasiko amqoka nalumbanisa oseSihlalweni nesilwane esikhulukazi ehlathini, inkosi yezilwane. ISILO esasibukeka sikhululekile sangena nje nebutho elincane elabe lihlanganisa aMakhosi, izinyanga,  izinyosi nezinsizwa.  Nembala kwathi sekusele nje imizuzu engamashumi amathathu kubumbane elesithupha bahlangana abalingani, lavela ibhubesi zabhekana. Nalapho kwaba nje yimizuzu engadlulanga kwemihlanu kwabe sekugezelwene yaphakama iNdlaluselwa base beba muntu munye neMbube yehlathi.

Scroll To Top