Now Reading
Ibhodi le-Ingonyama Trust lithi amaphaphu phansi
Dark Light

Ibhodi le-Ingonyama Trust lithi amaphaphu phansi

“Ukwehlukeka ukufunda nokuhumusha izinqumo zenkantolo kuholele ekutheni abezindaba bakhande isithombe esingekho nento engashiwongo yinkantolo” lawa ngamazwi kaMehluleli uNgwenya obephendula imibiko esisabalele izwe lonke ukuthi inhlangano anguSihlalo wayo “ilahlwe yicala”. 

Lokhu kukhuluma kuqhamuke emuva kokuthi iNkantolo Yokwedlulisela Amacala eBloemfontein ikhiphe isinqumo uNo: 623/2022 obungecala uKZP No: 12745/2018. Isinqumo lesi senziwe ngabehluleli ababili uMehluleli uVan der Merwe JA kanye noMehluleli Kgoele AJA.  Kulesi sinqumo iNkantolo isho kwakubili nokho okubukeka kudide abaningi yikuthi ithe “ isicelo sokwedlulisela icala  siyachithwa nezindleko” 

Kulokhu uMtimande uthe: “Esibona engathi abezindaba behlulekile ukukulandela wukuthi cala lini leli obekunqunywa ngalo. Ngeshwa abafundanga kanti futhi kababuzanga kithi kunalokho baqome ukubhala. Ukube bafundile noma babuzile bebezothola ukuthi zabe zimbili izicelo enkantolo.” 

Uqhube wathi,  “INkantolo Yokwedlulisela Amacala kuthe zi-17 kuNcwaba wezi-2022 yakhipha umyalelo ophikisana ne-Ingonyama Trust. Kulo myalelo iNkantolo ichithe isicelo sokwedlulisela icala nezindleko zalo. Okungajwayekile kuleli cala yilokhu okulandelayo. Ingonyama Trust ayizange ifake isicelo Inkantolo Enkulu Yokwedlulisela Amacala ngokuthi kudluliswe icala njengoba ukwedluliswa kwecala kwase kuvunyiwe yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoNdasa wezi-2022. Isinqumo okuyiso esiwumongo wokwedlulisela icala sakhishwa yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu mhla zili-14 kuNhlangulana wezi-2021.”

See Also

“INkantolo eNkulu Yokwedlulisela Amacala ibikhuluma ngesicelo eyasidingida zingama-30 kuNhlangulana wezi-2021, lapho yakhipha khona umyalelo ngaso zili-17 kuNcwaba wezi-2022. Zonke izinhlangothi zazingekho enkantolo ngesikhathi kukhishwa umyalelo njengoba zonke zazingabizwanga ukuba zivele eNkantolo. Amarekhodi aleli cala asalungiswa, futhi akukacaci ukuthi iNkantolo yakwazi kanjani ukusebenza lolu daba ngaphandle kwamarekhodi aphelele. I-Ingonyama isiyalele abameli bayo ukuba balandele lolu daba futhi bathole nemininingwane eqondile,” kusho uMtimande.

Ebuzwa ukuthi ngabe konke lokhu kusho ukuthini uMtimande uthe kulokhu inkantolo kubukeka iphawule kwesisodwa esiphathelene nesicelo lapho abe-ITB babethi  abehluleli abebehlalele udaba eMgungundlovu okunguMehluleli uMadondo noMehluleli uMnguni ongasekho kwakungafanele babe yingxenye yecala. Emaphepheni asenkantolo abe-ITB baveza ukuthi lokhu babekusho ngesizathu esisodwa, esithi bobabili abehluleli bahlala ezindaweni ezingaphansi kwe-ITB ngakho babenemizwa kuleli cala ngoba nabo labe libathinta.

Scroll To Top