Now Reading
EzikaMalema zizomangalela iMeya eTshwane
Dark Light

EzikaMalema zizomangalela iMeya eTshwane

I-Economic Freedom Fighters (EFF) eTshwane ithi izovulela iMeya uRandall Williams (osesithombeni) amacala esiteshini samaphoyisa eBrooklyn ePitoli. Esitatimendeni, usihlalo wesifunda se-EFF u-Obakeng Ramabodu uthi uWilliams ube nomthelela ekufuneni u-R48 billion engacelwanga kwinkontileka yokuphehla ugesi.

I-EFF iveze ukuthi ukuwa kokulethwa kwezidingo kuleli dolobha kungenxa yokungaziphathi kahle kweMeya uWilliams, kanti leli qembu seliphinde lathi akasule esikhundleni ngenxa yezinsolo zokugxambukela ekuphathweni kwedolobha.

IMeya yaseTshwane uRandall Williams usewuhoxisile umbiko ongase wenze iDolobha lithole elinye igunya kulandela ukwanda kwengcindezi evela kwamanye amaqembu ezepolitiki. UWilliams wethule umbiko phambi koMkhandlu ngoLwesibili, ngenhloso yokuthi umphakathi ubambe iqhaza ekuqashisweni kweziteshi ezimbili zikagesi eziphehlwa ngamalahle ezingakaze zisetshenziswe kusukela ngo-2014. Okhulumela uMkhandlu waseTshwane uSipho Stuurman uthi bathole isiphakamiso esivela kumfelandawonye owawufuna ukuguqula iziteshi zikagesi ukuthi zisebenzise igesi ukuze zibe namandla.

IDolobha lithi lolu hlelo lwezigidigidi zamarandi esikhathini eside lungaba namandla okwengeza amanye amamegawathi angama-800 kugridi yaseTshwane. Nokho, kulandela ukuhlehla kwamanye amaqembu ezepolitiki, imeya iwuhoxise lo mbiko.

See Also

I-Economic Freedom Fighters (EFF) kanye ne-Action South Africa (ActionSA) baphakamise ukuthi isicelo sasingekho emthethweni futhi asihlangabezani nezidingo zomthetho. I-EFF isabise ngokuvulela uWilliams amacala esiteshini samaphoyisa eBrooklyn ePitoli ngoLwesithathu. 

Esitatimendeni, usihlalo wesifunda se-EFF u-Obakeng Ramabodu uthe uWilliams ube nomthelela ekufuneni kwakhe u-R48 billion engacelwanga kwinkontileka yokuphehla ugesi. I-EFF iveze ukuthi ukuwa kokulethwa kwezidingo emphakathini kungenxa yokungaziphathi kahle kukaWilliams. Iqembu liphinde lathi akasule esikhundleni ngokushesha ngenxa yezinsolo zokugxambukela ekuphathweni kwedolobha.

Scroll To Top