Kusengongaphansi naphezulu kuMkhwebane noRamaphosa



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
IKomidi leSigaba 194 elibheka ukufaneleka koMvikeli woMphakathi uBusisiwe Mkhwebane lisichithile isicelo sakhe sokubizela uMengameli uCyril Ramaphosa ukuba avele phambi kwalo.
Ikomidi liphethe ngokuthi, ngokombono wezomthetho ovela ezinhlakeni zezomthetho zasePhalamende, uMvikeli woMphakathi akazange azinike izizathu zokuthi kungani uMengameli kufanele abizwe. Iningi lamalungu linqume ukuthi, uma kubhekwa isikhathi sokulalelwa kwecala, akukho sidingo sokuthi uMengameli Ramaphosa avele.
U-Advocate Fatima Ebrahim ovela ehhovisi lezomthetho ePhalamende utshele amalungu ukuthi uMvikeli Womphakathi ubekwe kabi njengoba esefuna ukubuza uMengameli ngezindaba eseziphothuliwe ezinkantolo. Uthi uMengameli akanandima ekomitini njengoba engeyena ummangali futhi engeyena umuntu ophenywayo. Kuze kube yimanje lapho ephonsela inselelo imiphumela yoMvikeli woMphakathi, mayelana nodaba loxhaso lwe-CR17, izethulo zakhe zitholakala esidlangalaleni futhi sezigwetshwe yizinkantolo. “UMengameli njengodaba lwalowo mbiko weCR17 ubengeke abambe iqhaza ophenyweni, ekudwebeni noma ekukhishweni kwalowo mbiko. Lolo wuhlelo leli komiti eligcina lilucubungula. Inguqulo kaMongameli mayelana nezigameko ezaholela ezikhalazo kanye nezinselelo zakhe embikweni ziyingxenye yerekhodi lenkantolo,” kusho u-Adv u-Ebrahim.
Wengeze ngokuthi kungenzeka ukuthi uMengameli kumele aphendule imibuzo ngezindaba ezahlukene ezithinta iCR17 kwezinye izithangami zasePhalamende, kodwa hhayi kuleli komiti. Iningi lamalungu ekomiti labona sengathi, ngokwelulekwa ngomthetho, kwakungeke kudingeke ukuthi kubizwe uMengameli njengoba ecelwe nguMvikeli Womphakathi.
Amalungu eKomiti, kuzo zonke izinhlaka zeqembu, athe izinto eziningi eziphakanyiswayo mayelana nokuthi kungani uMengameli kufanele avele phambi kwawo ngeke kusize ekufezeni igunya leKomiti elisuke lihleli kuzo. Ngaleyo ndlela baphakamise udaba lokwenqaba ukubiza uMengameli ngoba ubufakazi bakhe mayelana nalokhu osekukhulunyiwe ngeke kusize ukuqhubeka kweKomidi. Okuwukuphela kwezwi eliphikisayo eKomidini mayelana nalolu daba kwaba ngelikaBret Heron weQembu Elihle. USihlalo weKomidi, uQubudile Dyantyi, ekugcineni, wafingqa wahamba nombono weningi lamalungu akhulume.
Ummeli woMvikeli woMphakathi osamisiwe uBusisiwe Mkhwebane uthi bazothatha izinyathelo zomthetho ukuqinisekisa ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa uyavela phambi kwekomiti elisusa amacala. Ummeli uDali Mpofu uthi kavumelani lekomiti elithole ukuthi asikho isidingo sokuthi kubizwe umengameli. UMpofu uthi abambizi uRamaphosa ngokwesikhundla sakhe, kodwa njengomuntu ozimele.
NgoLwesibili, ikomidi linqume ukuthi asikho isidingo sokubiza umengameli kulandela umbono wezomthetho ePhalamende. UMpofu uthi bangathanda ukunikwa ithuba lokucacisa noma yimaphi amaphuzu ukuthi kungani bengathanda ukuthi umengameli avele. U-Advocate Fatima Ebrahim ovela ehhovisi lezomthetho ePhalamende utshele amalungu ukuthi uMvikeli woMphakathi ubekwe kabi njengoba esefuna ukubuza umengameli ngezindaba eseziphothulwe ezinkantolo.
Uthi umengameli akanandima ekomitini njengoba engeyena ummangali futhi engeyena umuntu ophenywayo. Ukusebenzelana okusondelene phakathi kwehhovisi loMvikeli woMphakathi kanye nophiko lwezokuVikelwa koMbuso seluvele ngesikhathi sokulalelwa kwecala loMvikeli woMphakathi uBusisiwe Mkhwebane.
Ibamba leNhloko yophiko lwemisebenzi edidiyelwe ehhovisi likaMvikeli WoMphakathi uGumbi Tyelela utshele isigcawu ukuthi isikhulu seSSA sathunyelwa kanjani kuPPSA ngemuva kokushiya kowayeyiChief Operations Officer uKennedy Kaposa. UKaposa wahamba ngemuva kokufinyelela esivumelwaneni noMvikeli Womphakathi wabe esekhokhelwa izinyanga eziyishumi nambili ukuthi ahambe. Waqale wabekwa icala lokungawenzi umsebenzi wakhe. Abanye ofakazi baphinde bakhuluma ngokusebenzisana phakathi kwehhovisi loMvikeli woMphakathi neState Security Agency.