Intombazane igilwe iphoyisa izovula icala
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Esiteshini samaphoyisa ilapho umuntu kumele azizwe ephephile khona kwazise usuke engaphansi kwabantu bomthetho, okuyibo ababavikeli babantu.
Kodwa ngeledlule intokazi eneminyaka yobudala eli-17, izibone ingaphephile iphakathi esiteshini samaphoyisa. Lokhu kwenzeke ngesikhathi iyobika icala lokushawa isoka layo
Ngemuva kokungenisa isisulu ehhovisi esiteshini samaphoyisa e-Kei Mouth e-East London ngoMsombuluko odlule, umphenyi oneminyaka engu-45 ubudala ubhudubeze le ntombazane wayihlula ngamandla. Izama ukuzivikela intombazane ithathe ibhodlela eliseduze yashaya umseshi ngalo laze laphihlika ngaphambi kokumgwaza ngalo ukuze amdedele.
Okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) uGrace Langa uthe baphenya icala lokudlwengula elibhekene nomphenyi wamaphoyisa. “Kusolakala ukuthi mhla ziyisishiyagalombili kuNcwaba kusele usuku olwandulela usuku lwabesifazane intombazane eneminyaka eli-17 ubudala yavulela isoka layo icala esiteshini samaphoyisa. Kusolakala ukuthi iphoyisa elingumseshi lihambe liyomlanda ekhaya laya esiteshini ukuze liyobhekana nesikhalazo sakhe.Ngesikhathi beya esiteshini iphoyisa litshele isisulu ukuthi lifuna ukuba nobudlelwano naso kodwa isisulu sanqaba,” kusho uLanga.
ULanga uthe laba baya emahhovisi omphenyi wamaphoyisa ngesikhathi iphoyisa liqala khona ukuqabula isisulu. “Kuthiwa limlalise ngomhlane lamngena ngamandla,” kusho uLanga wengeza ngokuthi waqala ukukhala.
Ube eseluma umsolwa ehlombe lesokunxele emnika ithuba elanele lokuthi afinyelele ebhodleleni eliseduze abelisebenzisa ephindelela ekhanda lomsolwa kwaze kwaphihlika ibhodlela. Isisulu sithe sithathe ucezu lwebhodlela eliphukile sagwaza umsolwa ongumseshi ehlombe.
Uqhubekile wathatha umakhalekhukhwini womseshi wawuphonsa odongeni ngaphambi kokuwugxiviza. Umseshi esadidekile athathe ucingo lwakhe wahlola umonakalo. Ngaleso sikhathi isisulu seqe ehhovisi sagijima saya e-Community Service Centre kulona leli bhilidi siyobika ngobugebengu, satshela amaphoyisa asemsebenzini ukuthi sisanda kudlwengulwa uzakwabo.
Ngemuva kokuvula icala i-IPID yaziswa ngalolu daba. Ngemuva kokuhlangana nabaphenyi be-IPID isisulu sanikezwa ukwelulekwa ngokwengqondo njengoba sasibonakala sihlukumezekile ngenxa yalesi sigameko.
Uphenyo lusaqhubeka kanti umseshi kulindeleke ukuthi aboshwe ngokushesha.

