Now Reading
Bakhandwe ngamatshe baqede bangqongqiswa
Dark Light

Bakhandwe ngamatshe baqede bangqongqiswa

Amadoda amabili asolwa ngokugebenga owesifazane nokuzama ukumthumba abulewe  izidumbu zawo zashiswa amalungu omphakathi abethukuthele eSiloam, ngaphandle kwaseThohoyandou, eLimpopo.

“Aqale ngokukhandwa ngamatshe. Lesi sigameko senzeke esigodini saseTshavhalovhedzi ngaphansi kwendawo iSiloam. Imibiko iveza ukuthi abasolwa abathathu kusolakala ukuthi bagebenge owesifazane oneminyaka engu-23 ubudala umakhalekhukhwini wakhe nezinye izimpahla endaweni yokudayisa,” kusho okhulumela amaphoyisa aseLimpopo uBrigadier uMotlafela Mojapelo.

Uveze ukuthi babe sebezama ukumthumba phambi kwabantu kodwa basheshe bamshiya bahamba ngemoto ngemuva kokuba ekhale ecela usizo.

UMojapelo uthe amalungu omphakathi ajahe afica izigebengu ezisolwa ngokubamba inkunzi, lokho kwenzeke ngesikhathi imoto ebihamba izigebengu yenze ingozi ngesikhathi ibaleka. “Ababili bashonile kwathi owesithathu wahlengwa ngamaphoyisa waboshwa. Imoto yabo nayo yashiswa. Amalungu omphakathi aqhubeke azungeze isiteshi samaphoyisa efuna adedelwe kodwa amalungu e-POP (public order policing) adonswe indlebe ukuthi awahlale emehlo mane ukuze anqande isimo,” usho kanje.

Khonamanjalo, uKhomishana wamaphoyisa esifundazweni eLimpopo, uLieutenant-General Thembi Hadebe usexwayise amalungu omphakathi ukuthi ayeke ukuzibandakanya nezenzo zokuqapha nokuhlasela izixuku.

“Umkhuba wamanye amalungu omphakathi wokuzibambela umthetho ngezandla kuzobhekwana nawo ngokungenaluzwela futhi abathintekayo bazozingelwa bagwetshwe,” kusho uGen uThembi.

See Also

Kuzovulwa amacala okugebenga, ukuzama ukuthumba, amabili okubulala nokucekela phansi impahla.

Omunye wabasolwa ngobugebengu, ohlengwe ngamaphoyisa, uzovela eNkantolo yeMantshi yaseSilowam.

“Ongaba nolwazi ngabasolwa abasolwa ngokuzithathela umthetho ngezandla akathinte uMkhuzi siteshi uLieutenant-Colonel Adziambei Nemavunde ku-082 461 7554 noma inombolo yeCrime Stop 08600 10111 noma esiteshini samaphoyisa esiseduze noma athumele imininingwane ngeMySAPS App,” kusho amaphoyisa.

Scroll To Top