UMkhokha : Ukuvukelwa kwemibuso e-Afrika sekwaba wusikompilo lwepolitiki kwaba
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
NgoNcwaba, lapho ithimba lezikhulu zamasosha aseGabon lisusa uMengameli u-Ali Bongo, umndeni wakhe owawubuse lelizwe cishe iminyaka engamashumi ayisithupha, izakhamuzi eziningi zaphuma emigwaqweni zizogubha lengqophamlando.
Lapho uBongo ehlaba ikhwelo lokuthi umphakathi wamazwe ngamazwe “awuphawule” ngokumelene nokuketulwa kombuso, ngokushesha kwaphenduka inhlekisa, abadansi nabathize behlekisa ngesifiso sakhe sokuhlala emandleni.
Ukuketulwa kombuso kuholwa ngamasosha eGabon noma imigubho yezakhamizi emigwaqeni ngalesisenzo akuyona into entsha kulelizwekazi. Kusukela ngowezi-2020, kube nokuketulwa kwemibuso okuyisishiyagalolunye eNtshonalanga Afrika, eCentral Africa nasesifundeni saseSahel.
IMali yavula amasango eminyakeni emithathu edlule lapho amasosha avukela umbuso kwase kulandela ukuketulwa kombuso okwakuholwa uColonel Assimi Goita – owabe eselandela nokuketula umbuso wesikhashana ngoNhlaba kowezi-2021.
Ezinyangeni ezine ezalandela, ngoMandulo, iGuinea yalandela ngokuketula uMengameli u-Alpha Conde. Uhulumeni wesikhashana wezempi waseSudan waketulwa ngoMfumfu wezi-2021. Ngasekuqaleni kwalowo nyaka, ngoMbasa, ibutho lezempi laseChad lathatha amandla ngemva kokubulawa kukaMongameli u-Idriss Deby enkundleni yempi ngesikhathi evakashele amasosha ayelwa namavukelambuso enyakatho.
NgoNtulikazi zingama-26, kophezulu, onogada bamongameli waseNiger ecebile nge-uranium baketula uMongameli owayekhethwe ngentando yeningi u-Mohamed Bazoum, ngaphambi kokuketulwa umbuso kwaseGabon emasontweni ambalwa kamuva. Kusukela ekuqaleni konyaka odlule, iGambia, iGuinea-Bissau, neSao Tome and Principe zonke ziyibonile imizamo yokuketula umbuso engaphumelelanga.
Ezimweni eziningi – nakuba kungezona zonke – kulezi zimo, lokhu kuvukela umbuso nokuketula umbuso kubonakala sengathi kube nokusekela okudumile okuvela kwizakhamuzi .
Ngakho-ke, umbuzo omqoka ngothi ngabe abantu bacikekile ngohulumeni abaholwa yizakhamuzi nakuba ngokuvamile okungenani bebuswa ngentando yeningi? Ingabe i-Afrika isazoqhubeka ibhekane nemizamo yokuketula umbuso okwengeziwe? Futhi anesandla esingakanani amazwe angaphandle okungaba yilawo ayephethe lamazwe ngobukoloni njengeFrance noma izinkabi( mercenaries) zaseRussia, noma amaqembu esifunda afana ne-Economic Community of West African States (ECOWAS)?