Uzokumangaza “uKaMajola” ngelinye ikhono lokudansa


Ukwanda kweziteshi zethelevishini nokungenisa kwabalingisi boHlanga kwenza kube nzima ukukwazi ukubalandela bonke, imidlalo abalingisa kuyo kanjalo nezindawo abazilingisayo.
Esimweni sokukhuluma esinjengalesi kugcina sekugqama abalingisi abathile laba abalingisa eziteshini ezithathwa njengezinedumela. Igama likaGcina Mkhize alikwazi ukusala ngaphandle uma kukhulunywa ngabalingisi abayibekile induku ebandla kulo mkhakha eNingizimu Afrika. Waziwa kakhulu emdlalweni owashisa izikhotha owawukhonjiswa kuSABC 1 iGaz’lami edlala indawo kaFoxy.
Akagcinanga lapho uphinde wabonakala emdlalweni owawukhonjiswa ku e.tv Umlilo elingisa indawo kaRhulani. Emdlalweni Ekasi: Our Stories wayedlala emdlalweni “iFour Room” (Season 2). Le ntokazi yazalwa zili-17 kuMbasa ngowe-1973.
Ikhono layo kwezokulingisa lenza yazuza imiklomelo ehlukahlukene, kweminye igama layo laphakanyiswa. Izuze umklomelo iGolden Horn Award for Best Supporting Actress, uphinde waphakanyiswa emklomelweni iBest Actress.
Uphinde wazuza umklomelo ngaphansi kweSouth African Films and Television Award ngokuba umlingisi ovelele emdlalweni owuchungechunge iSibaya edlala indawo kaKaMajola engunkosikazi kaGatsheni osebenza emahhovisi akomkhulu enkosini.
Echaza emuva kokunqoba umklomelo weSAFTA wathi, “Inkulu ingcindezi njengoba nginqobile, esikhundleni sokuba ngijabule ngizithola sengidlulile kulokho sengisebenza kakhulu kunakuqala.”
Lo mlingisi waqeqeshelwa ukulingisa esikhungweni iSoyikwa Institute of Drama. Uthi yilapho kwavela khona nothando lwakhe lokudansa njengoba ebuye abe ngumdansi. Uthi uthando lokulingisa lwamfikela esafunda ibanga uGrade 11.
Uthi wayezobona nje evele kuthelevishini futhi konke okwenzekayo kusaya ngawo amaphupho nezifiso zakhe.