Now Reading
Uyifisela konke okuhle iBanyana uPortia
Dark Light

Uyifisela konke okuhle iBanyana uPortia

Ingwazi yeBanyana Banyana uPortia Modise isikubeke kwacaca ukuthi ayinanxa nomqeqeshi weqembu lesizwe labesifazane kunobhutshuzwayo eNingizimu Afrika. 

UModise usanda kutshela abezindaba ukuthi ukundlondlobala kweBanyana kungenxa yesisekelo esakhiwa nguVera Pauw owayecija elakuleli.

Njengamanje uDesiree Ellis nguyena obambe izintambo zokucija iBanyana. Exoxa nelaboHlanga udalule ukuthi akamzondi u-Ellis neqembu lakhe.

“Mina akekho umuntu engimzondayo. Inkinga yami wukuthi iqiniso ngilibeka njengoba linjalo. Abantu bayaye bangalithathi kahle iqiniso. IBanyana ngiyithanda ngenhliziyo yami yonke. Ngaso sonke isikhathi uma idlala ngiyifisela konke okuhle. Yini engenza ngizonde iBanyana? Phela yithina esakha isisekelo. Okubi wukuthi abantu bayaye bathathe inkulumo yakho bayihlanakezele. Engangikusho akuwona amanga. IBanyana ikuleli zinga ekulona ngenxa yesisekelo esakhiwa nguVera,” kuchaza uModise.

IBanyana ithwelwe ngeqoma ekutheni ikhale yemuke nesicoco seWomen’s Africa Cup of Nations (WAFCON). 

“Umqeqeshi weBanyana udlalile eqenjini lesizwe. Uyazazi izinkinga ezibhekene nabadlali besifazane. Nguyena okufanele alwele amantombazane. Njengomunye umuntu wesifazane owahlukumezeka njengomdlali ngilindele ukuthi avikele abadlali bamanje. Akumele avumele ukuhlukunyezwa kwamantombazane kwenzeke phambi kwamehlo akhe. Thina sahlukumezeka kakhulu. Salilwela izwe kodwa sathola amakinati. Asikwazanga ukuziphilisa impilo engcono ngebhola. Mina iyona into engihlale ngiyilwela. Anginanxa namuntu. Ngifuna ukubona abadlali beBanyana bekhokheleka kangcono ngoba babeka izwe ebalazweni,” kuqhuba uModise.

ISouth African Football Association (Safa) ithembise iBanyana izigidi ezili-R10 uma ihlabana ngesicoco seWAFCON eqhubeka kwelaseMorocco. 

See Also

“INingizimu Afrika kumele ikuqonde ukuthi akekho engilwa naye. Into engilwa nayo ubulungiswa. UMengameli weSafa usanda kumemezela ukuthi iBanyana izothola izigidi ezili-R10 uma ibuya nesicoco eMorocco. Uma iBafana iyodlala i-Afcon iqala ukuthola amabhonasi ngokufinyelela esigabeni somkhumulajezi. Kungani neBanyana engaphathwa ngendlela efanayo? Kungani kumele ize iwine iNdebe ukuze ithole imihlomulo enconcisa amathe? Kwenzeka konke lokhu nje iBanyana yilona iqembu lesizwe elihamba phambili ebholeni lapha eNingizimu Afrika,” kubalisa uModise.

IBanyana ivithize kwasani emidlalweni yamaqoqo. Siye koshicilela ungakapheli umdlalo wayo wamaQuarterfinal neTunisia. 

“IBanyana isethubeni elihle lokuba ngompetha balo mqhudelwano. Konke kusezandleni zayo. Badlale kahle kakhulu kweyamaqoqo. Njengamanje sekumele balinyuse kakhulu izinga. Wonke amazwe afuna ukuphakamisa izinga uma ebhekene nabo. Nengcindezi iyakhula. Okumqoka manje wukuthi baqine ngokomqondo ngoba sebekhombisile ukuthi bayalikhulumisa ezinyaweni,” kubeka uModise.

Scroll To Top