Now Reading
Umklomelo obalulekile esibhedlela sakuleli
Dark Light

Umklomelo obalulekile esibhedlela sakuleli

Isibhedlela iSteve Biko Academic Hospital ePretoria sesibe yisibhedlela sokuqala eNingizimu Afrika ukuhlonishwa ngendondo yamazwe ngamazwe ngokwethula amasu amasha kanye nezinhlelo zokusekela zokulawula kangcono iziguli zabo eziphethwe uhlangothi.

Lesi sibhedlela siklonyeliswa ngendondo ye-Angels Diamond yamazwe ngamazwe yiNhlangano Yomhlaba Yesifo Sohlangothi ngenxa yokwenza kahle kwayo ekunakekeleni isifo sohlangothi.

Lesi sibhedlela sihlonishwe ngale ndondo kuleli sonto emcimbini wokunikezela ngempahla obusesikhungweni sezempilo.

Lena indondo yokuqala yamazwe ngamazwe yohlobo lwayo eklonyeliswa kunoma yisiphi isibhedlela saseNingizimu Afrika, emkhakheni ozimele kanye nokaHulumeni.

Isikhulu sesibhedlela iSteve Biko, uDkt uMathabo Mathebula, uthe kuyintokozo enkulu ukuthi isibhedlela sihlonishwe ngale ndondo. “Kuyintokozo enkulu ukuhlonishwa ngeDiamond Status yokulawula yisifo sohlangothi yiWorld Stroke Organisation.

Le mpumelelo ibe yingqopha-mlando ohambweni lwethu futhi iwumfanekiso womsebenzi ongapheli odokotela bethu abebewenza ukuze banikeze usizo olungcono kakhulu ezigulini zethu ngokwezinga lomhlaba wonke. Sizibophezele ekwenzeni ngcono imiphumela kanhlangothi ngokuqinisekisa ukuthi isiguli ngasinye siyamukelwa. esikhungweni sethu bathola ukufinyelela ekunakekelweni kukanhlangothi okuzokwenza baphile futhi balulame,” kusho uMathabo.

See Also

Inhloko yeNeurology eSteve Biko uSolwazi uMandisa Kakaza uthe lo mklomelo uyakubona ukuzibophezela kwesibhedlela ekuhlinzekeni ukunakekelwa okufanele kweziguli zabo. “Kubalulekile ukuthi isibhedlela sibe nemishini efanele yokuxilonga kanye nabasebenzi abaqeqeshwe kahle ukuze banikeze ukunakekelwa okufanele nokwelashwa ngaphandle kokulibala. Ithimba lethu lihlose ukuletha izithuthukisi eziqhubekayo, ngakho-ke, sesisebenzise ukuqeqeshwa futhi sihambisana nezindinganiso zamazwe ngamazwe ukuze siqinisekise ukunakekelwa okungcono nokusekelwa ukunciphisa umthwalo wesifo sohlangothi esithinta imiphakathi yethu,” kusho uKakaza.

Umnyango weNeurology esibhedlela waqala ukusebenzelana ne-Angels Initiative ekupheleni kowezi-2021. Esikhathini esifushane, ithimba lethule izinyathelo ezintsha lenza ukuqeqeshwa kanye nokulingisa ukuze kulungiswe ukuphathwa okunamandla kweziguli ezinohlangothi esibhedlela. 

Umsunguli kanye nomholi wephrojekthi ye-Angels Initiative uJan van der Merwe yena uthe꞉ “Eminyakeni eyisishiyagalombili edlule ngesikhathi siqala i-Angels Initiative, iNingizimu Afrika yayinedlanzana lezibhedlela ezingathathwa ngokuthi ‘zilungele ukulashwa uhlangothi’. “Namuhla, sinabangaphezu kwe-170. Ukuthuthukiswa kokunakekelwa kukanhlangothi eNingizimu Afrika yindaba ekhuthaze amanye amazwe emhlabeni wonke ukuthi athuthukise ukunakekelwa kukanhlangothi ngezindlela abengakaze azicabange. Ngiyazi ukuthi lona ngeke kube umklomelo wokugcina ozotholwa uDkt uLouis Kroon nethimba lakhe elimangalisayo lokulashwa unhlangothi esibhedlela iSteve Biko Academic Hospital; engithakasela ukukubona ukuthi zingaki ezinye izibhedlela eNingizimu Afrika ezizolandela ezinyathelweni zalesi sibhedlela.

Scroll To Top