Ezezithuthi: Itshe lisahlezi phezu kwelinye embonini yezokuthutha


Umsebenzi wamatekisi, umsebenzi ocishe ube ama-100% okanye ongama-99% aboHlanga lapho beziphathele khona umsebenzi wabo. Umsebenzi wamatekisi ufika ezandleni zaboHlanga bewususa ezandleni zabamhlophe, kodwa ezandleni zabamhlophe kade kuyizitimela, okuyiwona ayekade esebenza ethutha abantu abamnyama nabamhlophe ebabeka ezindaweni lapho ekufanele bababeke khona. Kuyabonakala ukuthi aboHlanga bayibuka le nto babona ukuthi abantu abamhlophe basaqhubeka basakhanda imali ngaboHlanga ngoba abantu abathuthwayo kakhulu kuba aboHlanga. Usuyayibona ukuthi impi yezomnotho nabantu bemboni yezokuthutha ukuthi isuka kude kabi. Isuka lapho uthola khona ukuthi abantu bebehamba ngesitimela, abantu bebehamba ngephulumende, abantu bebehamba ngamabhasi, konke lokho kusezandleni zabamhlophe. Abantu abansundu bayibuka le nto babona ukuthi nabo akube khona abakuqalayo base baqala lokhu abakuqala ngoba ngiyacabanga ukuthi baqala ngezimoto ezincane ezazibizwa ngoValiant, oChevrolet baqala ukuthatha aboHlanga bebasa ezindaweni zabo mhlawumbe uthole ukuthi ngoLwesihlanu uma kuyiwa emakhaya uzothatha abantu bangakubo ayobabeka emakhaya ngoba uzokhumbula ukuthi iphulumende ayingeni ekhaya, nesitimela asingeni ekhaya.
Bekungelula, umsebenzi owawunzima kakhulu njengoba nanamhlanje usenzima kakhulu kodwa usunzima ngenye indlela engafuni neyakuqala. Khumbula ukuthi uma uqala umsebenzi wamatekisi ibingekho into ekuthiwa iPermit, bebezisebenzela nje kwaze kwafika isikhathi lapho kuthiwa khona kufuneka bethole imvume, nayo ebingatholakali kalula ebitholakala kanzima kodwa izinqalabutho zaleso sikhathi zakwazi ukuthi zigcina zizitholile lezo zimvume kodwa kulokhu kuqhukuzeka ngoba namaphoyisa angaleso sikhathi awazibekile phansi amaBlack Jack ebahlukumeza abantu ngendlela ayebahlukumeza ngayo laba ababesebenza lo msebenzi wemboni ukuwususa ngapha ezitimeleni nakumaphulumende bewuletha ngapha ematekisini.
Kuhambe kwahamba kwagcina sengathi sekungcono kwaze kwafika lezo zimoto ezikwazi ukuthwala abantu abayisishiyagalombili kwahamba njalo kwaze kwayofika ezimotweni ezikwazi ukuthwala abantu abayishumi nambili. Kwagcina sekufika ekutheni umsebenzi usuqonde ngendlela yokuthi kubhalwe ukuthi uma unetekisi ukwazi ukusuka kule ndawo, uhambe kulo mzila, uze uyofika lapho uya khona. Kwase kuyabalulwa futhi ukuthi akufanele ukuthi uhambe emzileni okungasiwo owakho ngoba uma uhamba emzileni ongasiwo owakho azokuhlawulisa amaphoyisa futhi lokho kungabuye kudale ingxabano nakunina ninodwa. Uma uthi uyawubuka lo msebenzi, umsebenzi omuhle lapho aboHlanga beziphathele khona umsebenzi wabo, imali yabo abayisebenza kubantu bakubo ize kubona. Enye into efike netekisi ukuthi itekisi ikususile ukuthi uzokwehla esiteshini uhambe ngezinyawo uyoshona le, awusakwazi ukwenza into enjalo. Itekisi ikwazi ukukubeka emnyango, ikwazi ukukubeka ekhaya, uma ingangeni ekhaya kodwa ikhona imizamo engenzeka ukuthi kusondeleke ekhaya. Uwona mehluko obanakalayo ukuthi umsebenzi usuphethwe abantu bakithi lapho umgibeli ezokwazi khona ukusho ukuthi wehla la noma wehla la, umgibeli akasasali esiteshi okuyinto ebingenzeki ngaphambilini kuphulumende ngoba ubungeke usicele isitimela ukuthi ngoba uphethe izimpahla eziningi noma sekuhlwile ucele ukubekwa eduze nasekhaya. Lokho sikushayela izandla sishayela indlu emnyama ngendlela esisebenze ngakhona.
Kodwa akufikanga lokho kuhamba kukodwa, besekufika nezinye izinqinamba lapho uthole ukuthi khona abantu bakithi sebeyibambile inyamazane, sebeyibanga sebebodwa. Yilapho ekuvela khona ukuthi itshe lisahlezi phezu kwelinye kuze kube manje. Lokhu kubanga akugcini kuwukubanga kwasetafuleni noma ukubanga kwaseBoardroom lapho kukhulunywa khona. Kugcina sekuphumele ngaphandle kwahlonyelwana izikhali kuze kugcine sekuchitheka negazi. Lelo gazi uma lichitheka aligcini nje ngokuchitheka kulabo abasuke beqondene nempi yamatekisi okusho ukuthi umnikazi wetekisi nomnikazi wetekisi, kuyagcina lapho sekuphumele nasemndenini ngoba kuzokwenzeka ukuthi omunye umuntu bamdubule ehamba nomndeni wakhe noma bamdubulele ekhaya noma kudutshulwe nezingane zakhe khona egcekeni. Kuze kwaze kwasunguleka le nto yokuthenga abantu ukuthi bayobulala abanye. Lolu dweshu olubakhona emateksini seluba kabili, kungaba ukuthi udweshu lapho ekusuke kuxabene khona abanikazi bomsebenzi noma kube wudweshu olugqugquzelwa abantu ababona ukuthi uma sekuthule bona abezukuba nayo imali udweshu lwabantu abathengwayo. Akugcinike lapho, igcina le nto isizothinta nomuntu nje ozihambelayo ngemoto yakhe ngoba uyakwazi ukuthi ehlangane nenhlamvu ezidlulelayo ivele imshaye alimale noma sekunokuthi kugcina sekuphazamiseka ukuhamba kwezimoto ngoba le mpi ayifani nezimpi zonke ngoba izimpi zakuqala kwakuba nendawo lapho kuzolwelwa khona. Impi yayingavele ibanjelwe noma ikuphi noma kuliphi ikhona, kwakuba nendawo ababelwela khona.
Abagilwa bokulwa kwasembonini abapheleli emindenini wabantu bemboni, abapheleli embonini kuphela, abapheleli emaphoyiseni, bagcina sebethinte abantu abangabagibeli. Ukukukhombisa leso simo sizothatha nalu udaba lukadadewethu siluthatha njengoba lunjalo okuwuyena owalimala kulwa abantu bemboni, kudutshulwa itekisi awayeyigibele, itekisi yaseMzinyathi, ake simuzwa ezikhulumela:
“Igama lami nginguMantombi Happiness Ndlovu ngihlala eMzinyathi kwathi ngoNtulikazi wezi-2020 ngabasengozini yokudubuleka ezimpini zamatekisi khona eMzinyathi ngadubuleka nezinhlamvu ezinhlanu emzimbeni ngalimala kakhulu baykhipha eyodwa eyangena yanyuka yaya esiswini lezi ezinye ezi-4 azikaze zikhishwe. Ngingakalimali bengiziphilisa ngokudayisa izinto zokugcoba nenhlansi ethothombalisiwe manje sekunzima kakhulu ngoba kunenhlamvu esemanyongeni nezinye ezisethangeni nomthungo esiswini. Impilo inzima kakhulu kimi ngoba kuqala uma ngidayisele bengiwenza ama-R500 ngosuku kodwa manje mangithole i-R100 ngosuku kusuke kukukhulu ngiyacela ningiphe uxhaso.”