Now Reading
IDA imile kwelokuthi abathinteka embikweni kaZondo baphenywe
Dark Light

IDA imile kwelokuthi abathinteka embikweni kaZondo baphenywe

IDemocratic Alliance (DA) ivulela i-African National Congress (ANC) amacala ngalokho inhlangano ethi kuwukukhwabanisa okuhlelekile, emveni kwesonto elilodwa umqulu wokugcina wombiko weKhomishini kaZondo udalulwe esidlangalaleni. I-DA ithi ukuze iKhomishini ibe nokwethembeka, amacala obugebengu, ukuboshwa nokushushiswa kumele kulandelwe.

USotswebhu weqembu, uNatasha Mazzone kanye nozakwabo, uCilliers Brink bafake incwadi efungelwe esiteshini samaphoyisa eKapa. UMazzone uthi iDA ifuna ukwenza lokho okutholwe wumbiko ngokugwamndwa kwamandla ombuso. Ufanise iqembu elibusayo neqembu lezigebengu. Amacala ahlobene nezinsolo zokukhwabanisa phakathi neminyaka eminingi.

Ngowezi-2019, iDA yacela umphathi weNational Prosecution Authority, u-Adv uShamila Batohi, ukuba aphenye i-ANC ngalokhu, kanye nokukhwabanisa nokuphangwa kwemali yomphakathi, okuthiwa kwenzeka eminyakeni engamashumi amabili edlule. Ngokusho kukaMazzone, akukho osekwenziwe kuze kube yimanje. Kodwa uthi manje, ngobufakazi obutholwe ngumbiko weKhomishini kaZondo, amacala kanye nophenyo kuyafaneleka.

See Also

I-DA ivulela inhlangano yonke amacala; abaholi bayo, iNEC, kanye nabantu abathile. “Kunjalo, uJacob Zuma ngaleso sikhathi wayeyinhloko yenhlangano, ngoba njengoba sazi zonke izinhlangano, izinkampani ezizimele noma amaqembu ezepolitiki aphethwe umuntu oyedwa. Kodwa i-ANC yonke beyazi ukuthi kunokugwamandwa kwamandla ombuso. Empeleni kuyakhulunywa ngeKhomishini kaZondo ukuthi bekunemihlangano yokujutshwa kwabasebenzi,” kusho uMazzone. Imizamo yokuthola okhulumela i-ANC uPule Mable ayiphumelelanga.

Scroll To Top