Now Reading
Incwadi emisa ukuqulwa kwecala likaMkhwebane
Dark Light

Incwadi emisa ukuqulwa kwecala likaMkhwebane

IBamba loMvikeli WoMphakathi lihoxise icala eNkantolo Enkulu yaseWestern Cape elifuna kumiswe ukuqulwa kwecala elibhekene noMvikeli WoMphakathi osamisiwe uBusisiwe Mkhwebane nokuhoxisa kokumiswa kwakhe nguMengameli uCyril Ramaphosa. 

Isaziso sokuhoxisa sifakwe eNkantolo ngoLwesine izolo sithe: “Sicela wazi ukuthi ofake isicelo uyasihoxisa lesi sicelo esingenhla ngaphansi kwenombolo yecala eshiwo ngenhla.” Ukuhoxiswa kwecala kulandela incwadi eyabhalelwa uMbhalisi Wenkantolo iBamba loMvikeli WoMphakathi uKholeka Gcaleka ngoLwesithathu ethi icala aligunyaziwe yiHhovisi lakhe.

Encwadini uGcaleka uthe: “Ngicela niqaphele ukuthi iSeanago Attorneys Inc ayizange igunyazwe, ithunye  noma itshelwe yimina njengeBamba loMvikeli Womphakathi noma iSikhulu Esiphezulu soMvikeli WoMphakathi njengesikhulu esibophezelwe ekuphenduleni ukuthi sihambise isicelo esishiwo ngenhla sokugunyaza ukudluliswa kwecala. Isaziso sokuchitshiyelwa kwengxenye B sesaziso sesiphakamiso. Kulezi zimo sihlose ukuhambisa izaziso zokuhoxiswa kwesicelo esishiwo ngenhla semvume yokudlulisa icala kanye nesaziso sesiphakamiso egameni lePPSA [umvikeli womphakathi].”

Uma uMkhwebane enquma ukuqhubeka nezicelo ngokwakhe, umvikeli womphakathi “uzosilalela isinqumo senkantolo”, Kusho ibamba likaMvikeli woMphakathi .

See Also

Kuzokhumbuleka ukuthi lelicala bekufanele liqale kuyo lenyanga kaNtulikazi zingama- 26-27 .

Scroll To Top