Utwayi lomhlaba wonke



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
INingizimu Afrika njengamanye amazwe emhlabeni ibhekene nenkanankana yokwenyuka kukaphethroli nentengo yokudla. Akukho ukungabaza ekutheni lesi simo singahle sidale ukukhathazeka kubantu njengoba ukunyuka kukaphethroli kusho ukukhuphuka kwezinye izidingo. Kwenzeka lokhu nje elakuleli linenkinga kagesi ocima nsukuzaphuma nokuphazamisa ukusebenza nokuphila kwabantu nezimboni. Udaba lokukhuphuka kwamanani kaphethroli emazweni omhlaba sekuphoqe ohulumeni abathile ukuba bebe nezingxoxo eziphuthumayo nayilapho bebheka ukuthi bangahlangabezana kanjani nabathengi.
Abagibeli abaningi kuleli sebeqalile ukuzwela njengoba abemboni yamatekisi nabo sebechitha izandla bephoqeleka ukuba bakhuphule imali yokugibela. Lokhu kungahle kuphoqe izinyunyana nazo ukuba zikhale kakhulu njengoba kwabanye abasebenzi ukukhuphuka kwemali yokugibela kusho ukukhuphuka kwezindleko, sebezosebenzela ukugibela bevele bexakwe wukukhuphuka kwamanani okudla.