Now Reading
Kudonsiswane ngamazwi phakathi kukaCele nomphakathi
Dark Light

Kudonsiswane ngamazwi phakathi kukaCele nomphakathi

Umholi wenhlangano yomphakathi i-Action Society, u-Ian Cameron, uthi iqembu lakhe lizofaka isimangalo ku-Independent Police Investigative Directorate ngemuva kwezinsolo zokususwa kwakhe ngamaphoyisa ngesikhathi kuxoxiswana nabathintekayo eGugulethu.

UCameron uke waphendulana ngamazwi noNgqongqoshe Wamaphoyisa uMnu uBheki Cele ngesikhathi kunomhlangano obekuhloswe ngawo ukudingida izinga eliphezulu lobugebengu endaweni nasezindaweni ezizungezile. IWestern Cape ineziteshi ezingaphezu kweziyisihlanu ohlwini lwabangama-30 kuzwelonke. Yilapho kubikwa khona iningi lezigameko zokubulala nokudlwengula. IDelft, iKraaifontein, iNyanga, iHarare kanye neGugulethu ziphakathi kwezikhahlamezeke kakhulu eWestern Cape.

Ngesikhathi kuqhubeka umhlangano wokucobelelana ngolwazi, kube nokuhilizisana phakathi kukaCele noCameron. “Lo mnumzane ukhulume izinto eziningi ngami, ngahlala phansi ngalalela izinto eziningi, ebezisho. Ngamhlonipha futhi ngamvumela ukuba akhulume, kodwa akakwazi ukulalela. Lolo uhlobo lokuziphatha, uhlobo lwengqondo ebolile yokukholelwa ukuthi kunabantu abakhulu. Kukhona izinhlanga ezinkulu kunabanye abantu. Yilolo hlobo lwenkinga esibhekene nayo kuleli. Abantu abafundi ukuthi sonke siyalingana,” kuzikhalela uNgqongqoshe Wamaphoyisa, uBheki Cele.

UCameron uthi inhlangano yakhe izovula icala kwa-IPID ngokuphathwa amaphoyisa. “I-Action Society ihlangene namhlanje ekuseni nethimba lethu labameli futhi sixoxile ngezinto ezimbalwa esingakhetha kuzona enye sizoya kwa-IPID siyofaka isikhalo. Ngenxa yendlela amaphoyisa angiphathe ngayo izolo. Ngicabanga ukuthi okubalulekile izolo yindlela amaphoyisa kaNgqongqoshe Wamaphoyisa uMnu uBheki Cele aziphathe ngayo. Ngicabanga ukuthi kukhombisa lukhulu ngesimo samaphoyisa eNingizimu Afrika.”

IGugulethu Development Forum isinqabile isimemo somhlangano yathi yinkundla yokucevuza nje. Bathi abakayitholi impendulo yezicelo zangonyaka odlule. “Sicele iCCTV, amaphoyisa engeziwe kanye nedolobha iKapa lidinga ukulima indima yalo nalo futhi litshale abomthetho lapha. Asikubonanga konke lokho ngakho asizange siye,” kusho uNobhala weGugulethu Development Forum, uVincent Domingo.

See Also

Amalungu omphakathi athi ubugebengu buyadlondlobala futhi bafuna kufakwe amakhamera eCCTV futhi kwande ukubonakala kwamaphoyisa. “Ubugebengu bukhulu kakhulu ngenxa yezidakamizwa. Abantu babanjwa inkunzi mihla namalanga. Izingane zethu zidla izidakamizwa. Ukuze siphephe, ngingasho ukuthi kumele batshale amaphoyisa amaningi. Kudingeka bafake amakhamera kuzo zonke izindawo ze-hotspot. Babezogadwa njalo. Ukuze nxa abantu begetshengwa behle,” kutsho isakhamuzi seGugulethu, uPillay Mata.

IDevelopment Forum ithi izoxoxisana noHulumeni ukuze kwandiswe ukujutshwa kwezikhulu zomthetho eGugulethu. Baphinde bacele izinsiza ezengeziwe zamawashi omakhelwane.

Scroll To Top